Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-United States
  • ESpain
  • EPacific Ocean
  • E-United Arab Emirates
  • Ukulwa Nokukhuluphala Ngokweqile—Ingabe kuwufanele umzamo?
    I-Phaphama!—2004
  • Kunani Ukuzitika Ngophuzo?
    I-Phaphama!—2004
  • Yini Engalungile Ngokuzitika Ngotshwala?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Lapho Ukuba Yisidudla Kungengcono
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 7/14 k. 3

UKUBUKA OKWEZWE

E-United States

Isiqandisi esinezinto ezimbalwa kakhulu

UMnyango Wezolimo ulinganisela ukuthi, ngo-2012, abantu base-United States abangamaphesenti angu-14,5—okuyingqikithi yabantu abayizigidi ezingu-49—“babengaqiniseki ngokuthi bazoba nakho yini ukudla, noma babengakwazi nhlobo ukuthola ukudla okwanele okungahlangabezana nezidingo zamalungu emikhaya yabo” phakathi nalowo nyaka.

ESpain

Indoda izitika ngotshwala

Inhlolo-vo eyenziwa kubafundi basenyuvesi yembula ukuthi abesifazane abangaba amaphesenti angu-56 nabesilisa abangamaphesenti angu-41, bavuma ukuthi bazitika ngotshwala, ngokwalolu cwaningo okusho ukuphuza okungenani izingilazi ezingu-8 (kwabesilisa), kube izingilazi eziyisithupha (kwabesifazane) ngesikhathi esisodwa.

EPacific Ocean

ULwandle Lwase-Pacific

Ososayensi abathatha amasampula engxenyeni yolwandle ejule ngamamitha angu-11 000 ebizwa ngokuthi i-Mariana Trench, bathola ukuthi kunenqwaba yamabhaktheriya nezinye izinhlobo zezilokazane ezincane eziphila kuleyo ndawo—naphezu kokuba kumnyama bhuqé, ukucindezela kwamanzi kunamandla nokubanda kwamanzi kuqhaqhazelisa amazinyo. Esikhathini esingaphambili, bekucatshangwa ukuthi zingaba yingcosana kakhulu izinto eziphilayo ezindaweni ezijule njengaleyo.

E-United Arab Emirates

Imali ibekwa esikalini

Emzamweni wokunqoba ukwanda kokukhuluphala ngokweqile, muva nje iziphathimandla zaseDubai zithembise izakhamuzi ukuthi noma ubani onciphisa umzimba zizomnika igremu elilodwa legolide, ngaleso sikhathi okwakuyinani elalicishe libe ngu-R390, ngekhilogremu ngalinye anciphe ngalo. Ukuze abantu balithole leli golide, kwakufanele babhalise bese bencipha okungenani ngamakhilogremu amabili phakathi nenyanga ka-Ramadan.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela