Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 k. 4
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2020
  • Ngingabhekana Kanjani Nesenzakalo Esibuhlungu?
    Intsha Iyabuza
  • Ukufelwa Othandekayo
    I-Phaphama!—2014
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 7/14 k. 4
1. Imfucumfucu ngemva kwenhlekelele yemvelo; 2. Umbhede wasesibhedlela; 3. Ingozi yemoto

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUBHEKANA NOSIZI LAPHO WEHLELWA INHLEKELELE

Lapho Wehlelwa Inhlekelele

CISHE wonke umuntu uyabhekana nohlobo oluthile lwenhlekelele. Lokhu kuhlanganisa nabantu ababonakala benakho konke.

IBHAYIBHELI LITHI:

“Ukuphumelela umncintiswano akuyi ngabanejubane, noma impi ngabanamandla, noma ukudla ngabahlakaniphileyo, noma ingcebo, ngabaqondayo, ngisho nalabo abanolwazi abawutholi umusa; ngoba isikhathi nesenzakalo esingalindelekile sibehlela bonke.”—UmShumayeli 9:11.

Khona-ke, umbuzo awukona ukuthi uyobhekana yini nesehlakalo esithile, kodwa uwukuthi uyokwenzenjani lapho sikwehlela. Ngokwesibonelo:

  • Uyokwenzenjani uma ulahlekelwa yikho konke onakho enhlekeleleni yemvelo?

  • Uyokwenzenjani uma kutholakala ukuthi unesifo esibeka ukuphila kwakho engozini?

  • Uyokwenzenjani uma ushonelwa umuntu omthandayo?

OFakazi BakaJehova, abangabanyathelisi balo magazini, bakholelwa ukuthi iBhayibheli lingakusiza hhayi nje kuphela ngendlela ongabhekana ngayo nenhlekelele, kodwa nangendlela yokuthola isisekelo esiqinile sethemba. (Roma 15:4) Cabangela izibonelo zabantu abathathu ezibonisa indlela ongakwenza ngayo lokhu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela