Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/14 k. 7
  • Ukufelwa Othandekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufelwa Othandekayo
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INDLELA YOKUBHEKANA NENHLEKELELE
  • Lapho Wehlelwa Inhlekelele
    I-Phaphama!—2014
  • Usizo Olungcono Kakhulu Kulabo Abashonelwe
    I-Phaphama!—2018
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
  • Ukubhekana Nokufelwa
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 7/14 k. 7
Ingozi yemoto enyantisayo

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUBHEKANA NOSIZI LAPHO WEHLELWA INHLEKELELE

Ukufelwa Othandekayo

URonaldo waseBrazil, wahileleka engozini yemoto eyadlula nokuphila kwamalungu amahlanu omndeni, ahlanganisa unina noyise. Uthi: “Ngatshelwa ngemva kwezinyanga ezimbili ngisesibhedlela ukuthi bashona kuleyo ngozi.”

URonaldo

“Ekuqaleni, angizange ngikholwe ukuthi babengasekho. Kwakungenzeka kanjani ukuthi bafe bonke? Ngemva kokubona ukuthi lokho kwakuyiqiniso, ngashaqeka. Ngangingakaze ngibuzwe ubuhlungu obunjengalobuya. Ezinsukwini ezalandela, ngaba nomuzwa wokuthi ayikho into engangiyiphilela uma bengasekho. Kwaphela izinyanga ngikhala zonke izinsuku! Ngangizibeka icala lokuthi ngangivumele omunye umuntu ukuba ashayele imoto. Ukube kwakushayela mina, mhlawumbe ngabe basaphila.

“Sekuphele iminyaka engu-16 lokhu kwenzeka, nokuphila kwami sekubuyele esimweni esivamile. Kodwa, ukufa kwabo ngokuzumayo kwashiya isikhala esingakavaleki namanje enhliziyweni yami.”

INDLELA YOKUBHEKANA NENHLEKELELE

Khala lapho ushonelwe. IBhayibheli liyasho ukuthi ‘kukhona isikhathi sokukhala.’ (UmShumayeli 3:1, 4) URonaldo uthi: “Ngangikhala njalo lapho ngizwa kuthi angikhale. Kakade nokuzibamba kwakungaphumeleli, kanti ngangizizwa ngingcono ngemva kokukhala.” Yiqiniso, abantu abalili ngendlela efanayo. Ngakho, uma ukudabuka kwakho kungabonakali ngaphandle, lokhu akusho ukuthi ucindezela imizwelo yakho noma ukuthi kufanele uziphoqe ukuba ukhale.

Gwema ukuba unkom’ idla yodwa. (IzAga 18:1) URonaldo uthi: “Ngazama ukungazivumeli ukwehlulwa umuzwa wokufuna ukuzehlukanisa. Abantu babengivakashela, futhi ngibamukele. Ngakhuluma nanomkami nabangane engisondelene nabo ngendlela engangizizwa ngayo.”

Zibambe lapho othile ekhuluma amazwi abuhlungu. Lokhu kungase kuhlanganise izinkulumo ezinjengokuthi, “Ngcono khona ukuthi izinto zaba ngale ndlela.” URonaldo uyakhumbula, “Ezinye izinkulumo ezazishiwo ngenjongo yokungiduduza, zazenza okuphambene.” Kunokugxila kulezo zinkulumo ezilimazayo, landela iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile: “Unganikeli inhliziyo yakho kuwo wonke amazwi abantu abangase bawakhulume.”—UmShumayeli 7:21.

Funda iqiniso ngesimo sabafileyo. URonaldo uthi: “KumShumayeli 9:5, iBhayibheli liyabonisa ukuthi abafileyo abahlupheki, futhi lelo qiniso lingenza ngibe nokuthula kwangaphakathi. IBhayibheli lifundisa nokuthi kuyoba novuko, futhi labo abafileyo bayobuyiselwa ekuphileni. Khona-ke, ngicabanga ngezihlobo zami ezashona njengokungathi zithathe nje uhambo.”—IzEnzo 24:15.

Ingabe bewazi? IBhayibheli lithembisa ukuthi kunesikhathi lapho uNkulunkulu ‘eyokugwinya khona ukufa kuze kube phakade.’a​—Isaya 25:8.

Lolu chungechunge lwezihloko lukhuluma ngendlela ongabhekana ngayo nenhlekelele. Ukuze uthole ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini mayelana nokuthi kungani abantu behlupheka, bheka uchungechunge lwezihloko ezithi “Kungani Izinto Ezimbi Zehlela Abantu Abalungile?” kuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 2014, okuwumagazini wethu ohambisana nalo.

a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka isahluko 7 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela