Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/14 kk. 8-9
  • Fundisa Intsha Ukusebenzisa I-Internet Ngokuqapha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Intsha Ukusebenzisa I-Internet Ngokuqapha
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Abangakwenza
    I-Phaphama!—2008
  • Kuthiwani Ngobungane Kuyi-Internet?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Ukusiza Intsha Ukuba Ibhekane Nenselele
    I-Phaphama!—2007
  • Ingabe Umntanakho Usebenzisa I-Internet?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 5/14 kk. 8-9
Umama ubheke indodana yakhe njengoba ingena iphuma ezingosini ze-Internet

USIZO LOMKHAYA | UKUKHULISA IZINGANE

Fundisa Intsha Ukusebenzisa I-Internet Ngokuqapha

INSELELE

Imibiko yezindaba inikeza umuzwa wokuthi i-Internet iyisidleke sokusetshenziswa iziqhwaga, abantu abahlukumeza ngokocansi namasela antshontsha imininingwane eyimfihlo. Kuyakukhathaza lokhu, futhi kube kufanele: Umntanakho uhlale esebenzisa i-Internet futhi ubonakala echayeke ezingozini.

Ungayifundisa ingane yakho ukusebenzisa i-Internet ngokuqapha. Nokho okokuqala, cabangela izinto okufanele uzazi ngalokho okwenzeka kuyi-Internet.

OKUFANELE UKWAZI

Intsha ingakwazi ukungena kuyi-Internet ngomakhalekhukhwini. Umthetho wokuthi i-computer ibe sendaweni esobala endlini usasebenza. Kodwa nge-tablet noma ngomakhalekhukhwini ingane yakho ingakwazi ukungena kuyi-Internet, noma nini futhi ngaphandle kwemvume yakho.

Ubaba unika indodana yakhe izikhiye zemoto

Iqiniso lokuthi abanye abantu benza izingozi alisho ukuthi ukushayela imoto kuyicala. Isimiso esifanayo siyasebenza nasendleleni yokusebenzisa i-Internet. Ingane yakho kufanele ifunde “ukuyishayela” ngokuqapha

Enye intsha ichitha isikhathi esiningi kuyi-Internet. Enye intombazane eneminyaka engu-19 iyavuma: “Ngiyaye ngivule i-computer ukuze ngichithe imizuzu emihlanu ngibheka imiyalezo, kodwa ngigcina sengichithe amahora amaningi ngibuka ama-video. Ngidinga ukuzithiba ngempela.”

Intsha ingase ichayeke kuyi-Internet kakhulu kunokuba kufanele. Abantu abanezinhloso ezimbi bangase bahlanganise lokho okubhalwa omusha kuyi-Internet kanye nezithombe zakhe bese bethola imininingwane enjengokuthi uhlalaphi, ufunda kusiphi isikole futhi kunini lapho kusuke kungekho muntu khona ekhaya.

Enye intsha ayiyiqondi imiphumela yalokho ekusho kuyi-Internet. Izinto ozibhala kuyi-Internet zihlala kuyi-Internet. Ngezinye izikhathi izinkulumo nezithombe ezingafanele kuyaye kutholakale kamuva​—mhlawumbe itholwa umuntu ongaba ngumqashi osuke efuna ukuthola imininingwane ngomuntu ofuna umsebenzi.

Naphezu kwalezi zinto ezikhathazayo, khumbula ukuthi: Internet ayiyona into embi. Kunalokho, okungaba yinkinga, ukuyisebenzisa ngendlela engahlakaniphile.

ONGAKWENZA

Fundisa ingane ngezinto ezibalulekile nekhono lokusebenzisa isikhathi. Ngokwengxenye, ukuba umuntu omdala okwazi ukwenza kahle izinto kuhlanganisa ukufunda ukwenza izinto eziza kuqala, kuqala. Ukukhulumisana ekhaya, imisebenzi yesikole nemisebenzi yasekhaya, yikona okubaluleke kakhulu kunokuchitha isikhathi nge-Internet. Uma kukukhathaza ukuthi ingane yakho ichitha isikhathi esiningi kakhulu kuyi-Internet, yibekele imingcele​—mhlawumbe uyicuphele isikhathi uma kudingeka.​—Isimiso seBhayibheli: Filipi 1:10.

Fundisa ingane ukuba icabange ngaphambi kokuba ibhale okuthile. Yisize ukuba izibuze imibuzo enjengokuthi: Ingabe lokhu engikubhalile ukhona okungamlimaza? Lesi sithombe siyolithinta kanjani idumela lami? Ingabe bengingazizwa nginamahloni uma abazali bami noma omunye umuntu omdala engabona lesi sithombe noma lo myalezo? Yini abangayicabanga ngami uma besibona? Yini mina ebengingayicabanga ngomuntu obengathumela lo myalezo noma lesi sithombe?​—Isimiso seBhayibheli: IzAga 10:23.

Yisize ingane ukuba iphile ngezimiso​—hhayi ngemithetho kuphela. Ngeke ukwazi ukuhlala uyibhekile njalo ukuze ubone ukuthi yenzani. Ngaphandle kwalokho, umgomo wakho njengomzali, akukona ukulawula izingane zakho, kodwa ukuzisiza ‘zisebenzise amandla azo okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Ngakho, esikhundleni sokugcizelela kakhulu imithetho nesijeziso, gcizelela izimiso ezinhle zokuziphatha enganeni yakho. Hlobo luni lwedumela efuna ukuba nalo? Yiziphi izimfanelo efuna ukwaziwa ngazo? Umgomo wakho uwukusiza ingane ukuba yenze izinqumo ezihlakaniphile, ngisho noma wena ungekho.​—Isimiso seBhayibheli: IzAga 3:21.

“Izingane zazi okuningi ngezobuchwepheshe. Kuyilapho abazali bazi okuningi ngokuphila”

Njengoba kunjalo ngokushayela imoto, ukusebenzisa i-Internet, kudinga ukwahlulela okuhle​—hhayi nje ikhono lokusebenzisa izinto zobuchwepheshe. Ngakho-ke, isiqondiso sakho njengomzali sibaluleke kakhulu. Empeleni, kunjengoba nje uParry Aftab, onguchwepheshe wokusetshenziswa kwe-Internet ngokuqapha ephawula: “Izingane zazi okuningi ngezobuchwepheshe. Kuyilapho abazali bazi okuningi ngokuphila.”

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”​—Filipi 1:10.

  • “Koyisiphukuphuku ukuqhuba ukuziphatha okubi kunjengomdlalo, kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda.”​—IzAga 10:23.

  • “Londa ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.”​—IzAga 3:21.

NgokukaKenneth Ginsburg noSusan FitsGerald, “Ngaphambi kokuba ingane yakho iqale ukusebenzisa i-Internet, kumelwe ukuba kakade isiyazibonakalisa lezi zimfanelo ezinhle ezihlanganisa umusa, ukuzithiba nokubekezela​—ngoba zizovivinywa.”​—Letting Go With Love and Confidence.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela