Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/14 kk. 14-15
  • Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
  • Indlela Yokuthethelela
    I-Phaphama!—2013
  • “Umshado Mawuhlonishwe”
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ungawusindisa Umshado Wakho!
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 3/14 kk. 14-15
Owesifazane odumazekile emshadweni wakhe

USIZO LOMKHAYA | UMSHADO

Lapho Udumazekile Ngomshado Wakho

INSELELE

Abantu abashadile ababoshwe ngamaketango ezinyaweni

Ngaphambi kokuba nishade, wena noshade naye nanibonakala ninokuningi enifana ngakho. Manje, ukuqaphela ukuthi nanizikhohlisa sekudale igebe phakathi kwenu, kwanenza naba nomuzwa wokuthi umshado wenu ufana nejele.

Ningabuthuthukisa ubuhlobo benu. Nokho, okokuqala cabangani ngokuthi kungani kungenzekanga lokho enanizithembise kona.

IZIMBANGELA

Ukubhekana namaqiniso okuphila kwasemshadweni. Ukuya emsebenzini nsuku zonke, ukukhulisa izingane nokusebenzelana nabasekhweni nabasemzini kungayiqeda kancane kancane injabulo emshadweni. Ngaphezu kwalokho, izinkinga ezingalindelekile​—mhlawumbe njengezinkinga zezimali noma ukunakekela ilungu lomndeni elinenkinga yempilo engamahlala khona​—⁠zingayinciphisa injabulo emshadweni.

Ukungaboni ngaso linye kubonakala kungenakulungiseka. Lapho abantu besathandana, bavame ukungakunaki ukungaboni ngaso linye ababa nakho. Kodwa, lapho sebeshadile, indoda nenkosikazi bathola ukuthi bahluke kanjani omunye komunye ezintweni ezifana nendlela yokukhulumisana, ukuphatha imali nokuxazulula izinkinga. Ukungaboni ngaso linye okwakumane nje kubangele ukucasuka okungatheni, manje kungabonakala kungasenakubekezeleleka.

Anisayikhathaleli imizwelo yomunye nomunye. Ngokuhamba kwesikhathi, ukunqwabelana kwamazwi nezenzo ezingenamusa kanye nezingxabano ezingalungisiwe kungenza indoda nomkayo bakhethe ukufela ngaphakathi noma okubi nakakhulu, baqale ukusondelana nomunye umuntu ngokomzwelo.

Nanilindele okukhulu kakhulu. Abanye abantu bashada bekholelwa ukuthi bathole umaqondana ababedalelwene naye. Nakuba lowo mbono uzwakala umnandi, ungaholela enhlekeleleni. Lapho nje izinkinga ziqala, iphupho lokuthi umuntu uthole “umaqondana” liyaphela, okwenza bobabili abashadile babe nomuzwa wokuthi bakhetha kabi.

ONGAKWENZA

Gxila ezimfanelweni ezinhle zoshade naye. Zama lokhu: Bhala phansi izimfanelo ezintathu ezinhle oshade naye anazo. Lugcine eduze lolu hlu, mhlawumbe ngemva kwesithombe somshado esincane noma emshinini wakho wobuchwepheshe. Hlale uluhlola lolu hlu ukuze uzikhumbuze ukuthi kungani washada nalowo oshade naye. Ukugxila ezimfanelweni ezinhle zoshade naye kuthuthukisa ukuthula futhi kuyonisiza nikubekezelele ukungaboni kwenu ngaso linye. ​—⁠Isimiso seBhayibheli: Roma 14:⁠19.

Hlelani ukuba nesikhathi esimnandi nindawonye. Ngaphambi kokuba nishade, cishe nobabili nanisakha isikhathi sokwenza izinto ndawonye. Ukuthandana kwakuyinto entsha nejabulisayo, kodwa nanisihlela isikhathi sokuba ndawonye. Kungani ningenzi okufanayo namanje? Hlelani izikhathi ezimnandi eningazichitha ndawonye wena noshade naye, njengokungathi isoka nentombi bezishayelwa umoya. Ukwenza kanjalo kunganisiza nisondelane futhi kunenze nikwazi ukubhekana kangcono nezinkinga zokuphila ezingalindelekile.​—Isimiso seBhayibheli: IzAga 5:18.

Xoxani ngemizwa yenu. Uma amazwi noma izenzo zoshade naye kukuzwise ubuhlungu, ungakwazi yini ukuludlulisa lolo daba? Uma ungenakukwazi, thatha isinyathelo esifanele kunokuba uvele nje uqudule. Ngomoya ophansi, xoxa ngaleso simo esiphazamisayo noshade naye ngokushesha ngangokunokwenzeka, ngalo kanye lolo suku uma kungenzeka.​—⁠Isimiso seBhayibheli: Efesu 4:26.

Uma amazwi noma izenzo zoshade naye kukuzwise ubuhlungu, ungakwazi yini ukuludlulisa lolo daba?

Qonda umehluko phakathi kwemizwa yakho nezinhloso zoshade naye. Cishe akekho phakathi kwenu oke afune ngamabomu ukuzwisa omunye ubuhlungu. Qinisekisa oshade naye ngalokhu, ngokuxolisa ngobuqotho ngokuthi uye walimaza imizwa yakhe. Ngemva kwalokho, xoxani ngokuqondile ngezinto eningazenza ukuze nigweme ukuzwisana ubuhlungu ningaqondile. Landelani iseluleko seBhayibheli: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile.”​—Efesu 4:32.

Linganiselani kulokho enikulindele. IBhayibheli liyavuma ukuthi labo abashadayo “bayoba nosizi.” (1 Korinte 7:28) Lapho nibhekana nalolo sizi, ungagijimeli eziphethweni zokuthi ukushada kwenu kwaba yiphutha. Kunalokho, bambisana noshade naye ekulungiseni ukungaboni ngaso linye futhi ‘niqhubeke nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.’​—Kolose 3:13.

IMIBHALO EYISIHLUTHULELO

  • “Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula.”​—Roma 14:19.

  • “Ujabule ngomfazi wobusha bakho.”​—IzAga 5:18.

  • “Ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.”​—Efesu 4:26.

UKUGCINA ISIFUNGO SAKHO SOMSHADO

Usawakhumbula yini amazwi akho esifungo somshado? Kungani ungaphindi uwahlole bese uzibuza, ‘Ingabe ngempela ngiphila ngokuvumelana nesithembiso sami?’ Melana nesilingo sokucabanga ngokuthi oshade naye uyaphila yini ngokuvumelana nesithembiso sakhe. Isifungo sakho siqukethe amazwi wena owawasho ngokuqondene nalokho owawuzokwenza. Uma ngamunye wenu egxila ekuphileni ngokuvumelana nesifungo sakhe, cishe nobabili niyoyijabulela imiphumela.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela