Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/14 kk. 12-13
  • Izinyembezi Zakho Eziyindida

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinyembezi Zakho Eziyindida
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Sichiphiza Izinyembezi?
    I-Phaphama!—1992
  • Izifundo Esingazifunda Ekukhaleni KukaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Izinyembezi Zakho Ziyigugu KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • “Bheka! Ngenza Konke Kube Kusha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 3/14 kk. 12-13
Indoda ekhala izinyembezi

Izinyembezi Zakho Eziyindida

SIQALA ukukhala lapho nje sizalwa. Omunye uchwepheshe wathi ukukhala kufeza injongo efanayo nefezwa “inkaba yengane lapho isesesiswini,” ngoba siyakhala ukuze isidingo sethu esingokomzwelo nesingokomzimba sinakekelwe. Pho kungani sikhala izinyembezi njengoba sikhula, uma kunezinye izindlela esingaveza ngazo imizwa yethu?

Izinyembezi ezingokomzwelo ezigobhoza emehlweni ethu zibangelwa izimo ezihlukahlukene. Singase sikhale ngenxa yosizi, ukukhungatheka, ubuhlungu emzimbeni noma ukuhlukumezeka engqondweni. Kodwa injabulo esuka ekujuleni kwenhliziyo, ukukhululeka noma ukufeza okuthile nakho kubangela izinyembezi​—lezo zinyembezi ezenjabulo. Izinyembezi futhi ziyathelelana. UMariá uthi: “Uma ngibona omunye ekhala​—kungakhathaliseki ukuthi ukhalelani​—ngiyehluleka ukuzibamba ngizibone sengikhala.” Mhlawumbe nezinto ezingenzeki ngokoqobo njengakuyifilimu noma encwadini ziyakukhalisa.

Intombazane, ingane nowesifaze abakhala izinyembezi

Kungakhathaliseki ukuthi ukhalelani, ukukhala kuyindlela enamandla yokusho into ngaphandle kokusebenzisa amazwi. Incwadi i-Adult Crying ithi, “Zimbalwa kakhulu ezinye izindlela zokuveza imizwa yethu ngesikhashana nje.” Izinyembezi ziyabashukumisa abanye. Ngokwesibonelo, iningi lethu alikwazi ukungathinteki lapho omunye ekhala izinyembezi zokudabuka, ngoba zisitshela ukuthi lowo muntu ubhekene nobunzima. Ngakho, singase sizame ukumduduza noma ukumsiza lowo okhalayo.

Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi ukukhala kuyindlela ewusizo yokuveza imizwelo yethu, nokuthi ukujwayela ukubamba izinyembezi kungayilimaza impilo yethu. Abanye baphikisa ngokuthi izinzuzo zokukhala emzimbeni nasengqondweni yethu azinabo ubufakazi obungokwesayensi. Noma kunjalo, inhlolo-vo ilinganisela ukuthi abesifazane abangamaphesenti angu-85, nabesilisa abangamaphesenti angu-73 babika ukuthi bazizwa kangcono ngemva kokukhala. UNoemí uthi, “Kunezikhathi lapho ngizwa khona ukuthi kudingeka ngikhale. Ngemva kokukhala, ngibe sengidonsa umoya bese ngibona izinto ngombono ocacile, ngokwalokho eziyikho.”

Inhlolo-vo ilinganisela ukuthi abesifazane abangamaphesenti angu-85, nabesilisa abangamaphesenti angu-73 babika ukuthi bazizwa kangcono ngemva kokukhala

Kodwa lo muzwa wokuzizwa ungcono ungase ungaxhomeki kuphela ezinyembezini. Indlela abanye abasabela ngayo ekukhaleni kwethu nayo ifeza indima ebalulekile. Ngokwesibonelo, lapho izinyembezi zethu zishukumisela abanye ukuba basiduduze noma basisize, sizizwa sikhululeka. Kodwa uma indlela abanye abasabela ngayo ezinyembezini zethu ingeyinhle, singase sizizwe siphoxekile noma singafunwa.

Ngokusobala, kusekhona okuyindida ngezinyembezi. Kodwa esikwaziyo ukuthi ukukhala izinyembezi kungenye yezindlela ezimangalisayo zokuveza imizwelo uNkulunkulu asiphe zona.

INGABE BEWAZI?

Izinsana ngokuvamile aziphumi izinyembezi lapho zikhala. Zinokusaketshezi okwanele okuvikela amehlo azo, kodwa izinyembezi ziphuma ngemva kwamasonto ambalwa zizelwe lapho umzila wezinyembezi ususebenza kahle.

Izinhlobo Ezintathu Zezinyembezi

  • Izinyembezi I-Basal. Izindlala zezinyembezi zihlale zikhiqiza lolu ketshezi ukuze zivikele futhi zenze amehlo ethu aphenduphenduke kalula. Zibuye zithuthukisa nendlela esibona ngayo. Lapho sicwayiza, lolu ketshezi lusakazeka lugcwale emehlweni.

  • Izinyembezi I-Reflex. Lezi zinyembezi zigcwala emehlweni uma kunokuthile okuwaxhophile. Izinyembezi i-reflex, zibuye zihlanganise nalezo eziphuma lapho sizamula noma sihleka.

  • Izinyembezi Zosizi. Lolu uhlobo lwezinyembezi luphuma lapho “abantu” bephazamiseke kakhulu ngokomzwelo. Zinamaprotheni angaphezulu ngamaphesenti angu-24 uma ziqhathaniswa nezinyembezi i-reflex.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela