Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/12 k. 29
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 1
    I-Phaphama!—2011
  • Imibuzo Emine Okufanele Uyicabangele Ngazo
    I-Phaphama!—2012
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2011
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu?—Ingxenye 2
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 6/12 k. 29

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukunakekela Asebegulela Ukufa—Iyini Injongo Yakho? (July 2011) Njengoba ngingumsizi emsebenzini wezenhlalakahle, ngaqeqeshwa esikhungweni sokunakekela asebegulela ukufa, futhi ngingakufakazela ukuthi kuyiqiniso lokho enikusho kuyi-Phaphama! ka-July 2011. Izikhungo ezikulungele kahle ukunakekela asebegulela ukufa ziyadingeka kuleli zwe esiphila kulo. Ngilangazelela ukufika kombuso kaNkulunkulu lapho engekho oyothi, “Ngiyagula,” futhi uNkulunkulu eyosula izinyembezi emehlweni ethu.—Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3, 4.

M. R., Italy

Kwangidumaza futhi kwanginenga ukubona inkulumo ethi “adult diapers” kulesi sihloko. Le nkulumo yehlisa isithunzi kunoma ubani ozithola esesimweni esibizela ukuba agqoke izinto zangaphansi zokuzivikela. Ayikho neyodwa imboni edayisa ama-“protective helps” esebenzisa igama elithi diaper.

Igama ligodliwe, United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: Siyakubonga kakhulu ngokusenza sikuqaphele lokhu. Sizwelana kakhulu nanoma ubani obhekene nokugula okungathi sina, futhi asifuni neze ukwenezela ekuhluphekeni kwalowo muntu ngokusebenzisa izinkulumo abanye abangase bazibheke njengezehlisa isithunzi. Siyaxolisa kakhulu ngobuhlungu okungenzeka kububangele abafundi bethu.

Intsha Iyabuza . . . Yini Okufanele Ngiyazi Ngezingosi Zokuxhumana Nabantu? (July 2011) Nginibonga kakhulu ngalesi sihloko. Ngineminyaka engu-26. Bengihlela ukuzivulela i-akhawunti [engosini yokuxhumana nabantu], hhayi ngoba ngifuna ukuba nabangane abengeziwe, kodwa ngenxa yokuthi abaningi bebengikhuthaza ukuba ngenze kanjalo. Lesi sihloko singisize kakhulu. Ungabathola abangane ngaphandle kokuba yilungu lengosi ethile yezokuxhumana.

M. P., Philippines

Ngangilindele ukuba lesi sihloko sikhulume kabi ngezingosi zokuxhumana. Kodwa sasilinganisela ngempela. Sakhuluma ngezici ezinhle nangezimbi futhi sanikeza nendlela yokuzivikela ezingozini ezingase zibe khona ezingosini zokuxhumana. Sagcizelela isidingo sokuqapha engqondweni yami lapho ngibhala ukwaziswa okuyimfihlo okuphathelene nami kuyi-Internet.

C. W., United States

Izimfihlo Zempumelelo Yomkhaya (October 2009) Lo magazini okhethekile uwusize kakhulu umkhaya wami. Ngawajabulela kakhulu amabhokisi athi “Zama lokhu” ayesemfihlweni ngayinye kweziyisikhombisa. Sesikusebenzisile kakade ukusikisela okuqondile okukulesi sihloko.

H. H., Korea

Ukubukeza Komkhaya Sinibonga kakhulu ngalesi sici esivela njalo kulo magazini. Indodakazi yethu eneminyaka eyisithupha iyayijabulela ingxenye ethi Izingane Zifuna Izithombe futhi ikuthanda kakhulu nokufaka imibala ezithombeni. Lezi zihloko zigcizelela indima yabazali ekuqeqesheni izingane zabo zisencane kakhulu. Ubaluleke ngendlela eyisimanga umsebenzi eniwenzela izingane.

M. P., Poland

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela