Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/12 k. 28
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zingaki Izinto Eziphilayo Emhlabeni?
  • Ukuvubukula Ngesiphuphutheki
  • Isimiso Sezinto Eziphilayo Esiwubuciko
    I-Phaphama!—2001
  • Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Izinga Lalenkinga
    I-Phaphama!—1996
  • Umuntu Ulimaza Imvelo
    I-Phaphama!—2001
  • Okwenza Izitshalo Nezilwane Zibe Sengozini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 6/12 k. 28

Ukubuka Okwezwe

Ngasekupheleni konyaka ka-2011 inani labantu emhlabeni lidlulele ngalé kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-7, “lisuka ezigidini eziyizinkulungwane eziyisithupha ngo-1999.”—I-HARVARD SCHOOL OF PUBLIC HEALTH, E-U.S.A.

“Abantu abangamaphesenti angu- 58,8 [e-United Kingdom] bathi banomuzwa wokuthi imikhaya yabo ingazuza kakhulu ngokuba nesikhathi esimisiwe sokungasebenzisi lutho lwezobuchwepheshe lapho kucishwa khona zonke izinto zokuxhumana nabantu . . . Umuntu oyedwa kwabathathu uzizwa ekhungathekile aze afinyelele eqophelweni lokuba adinge intuba yokukhululeka kubo bonke ubuchwepheshe bokuxhumana nabantu.”—I-UNIVERSITY OF CAMBRIDGE, EBRITHANI.

“Kusukela ngo-1976, ezingqungqu- theleni zababhishobhi besonto lamaKatolika eMelika bekulokhu kushiwo okuthile . . . ngaphambi konyaka ngamunye wokhetho lukamongameli ukuze kusizwe amaKatolika asebenzise ukholo lwawo lapho ekhetha iqembu lezombangazwe.”—I-FORDHAM UNIVERSITY, E-U.S.A.

“Uma inani elanele lezigelekeqe lingase lifune ukususa uthuthuva emigwaqweni, lingakwenza lokho. . . . Ukuntuleka kwendlela enhle yokuziphatha sekungene kwagxila eqeqebaneni lentsha yaseBrithani, iqeqebana kodwa elikhulu ngokwanele ukuba lihlukumeze futhi lihlaze leli zwe.”—I-ECONOMIST, EBRITHANI.

Zingaki Izinto Eziphilayo Emhlabeni?

“Namanje asikakazi ukuthi zingaki ngempela izinto eziphilayo ezikhona, ngenxa yegebe elikhulu phakathi kolwazi lwethu oluyisisekelo lwezinto eziphilayo emhlabeni,” kusho ososayensi ucwaningo lwabo oluvela kumagazini i-PLoS Biology. Nakuba belinganisela ukuthi kunezinto eziphilayo ezingaba yizigidi ezingu-8,7, abanye ochwepheshe bathi zingaba phakathi kwezigidi ezintathu kuya kweziyikhulu. Okwamanje, sekutholakale eziyizigidi ezingu-1,2 futhi uma kucatshangwelwa isivinini ezitholakala ngaso, kungathatha iminyaka engaphezu kwenkulungwane ukubala ezisele. “Ukuhamba kancane kwenqubo yokubhala phansi lezi zinto eziphilayo kuyoholela ekutheni ezinye zigcine ziphele nyá ngaphambi kokuba sazi nokuthi zake zaphila,” kusho abacwaningi.

Ukuvubukula Ngesiphuphutheki

Abavubukuli basebenzisa indlela entsha ukuze bathole izindawo ezibakhangayo. Basebenzisa ithuluzi lokuhlolisisa elenza bakwazi ukukhipha izithombe ezicacile ezithwetshulwe ngesiphuphutheki esine-infrared. Ngokwesibonelo, izithombe zaseGibhithe ezithwetshulwe phezulu emoyeni ebangeni elingamakhilomitha angu-700, kuthiwa zembule izindawo ezinemibhoshongo yaseGibhithe engu-17 ebikade ingaziwa, amathuna angu-1 000, namanxiwa angasaziwa angaba ngu-3 000. Ngenxa yokuthi imishini yokuthwebula nge-infrared ikwazi ukuthwebula okungaphansi komhlabathi, lobu buchwepheshe bembula izakhiwo esezagqibeka futhi ezingasaziwa ezingabonakali ngaphezu komhlabathi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela