Ngathola Uthando Lwangempela Nokuthula
Njengoba ilandiswa ngu-Egidio Nahakbria
Ekukhuleni kwami ngangizizwa ngilahliwe futhi ngingathandwa. Kodwa, manje ngizizwa ngithandwa futhi nginokuthula kwangaphakathi ngempela. Lwenzeka kanjani lolu shintsho? Ake ngichaze.
NGAZALWA ngo-1976 eqhugwaneni elingagandayiwe elisezintabeni zase-East Timor, ngaleso sikhathi eyayiyingxenye ye-Indonesia. Ngangiyingane yesishiyagalombili kweziyishumi ezizalwa abazali abampofu. Ngenxa yokuthi abazali bami babengakwazi ukusondla sonke, bagcina iwele lami elifana nsé nami base becela umzala ukuba angikhulise.
Ngo-December 1975, ngaphambi nje kokuba ngizalwe, i-Indonesia yahlasela i-East Timor, futhi lokho kwaqala impi eyathatha iminyaka engaphezu kwamashumi amabili. Ngakho, engikukhumbulayo lapho ngisemncane ukuthi kwakunobudlova nenhlupheko. Ngiwakhumbula kahle amasosha ehlasela indawo yakithi futhi wonke umuntu ephoqeleka ukuba abaleke. Mina nomzala sabalekela endaweni engenamuntu engakolunye uhlangothi lwentaba lapho izinkulungwane zamaTimorese zazibalekele khona.
Kodwa, amasosha ayithola indawo esasicashe kuyo, futhi ngokushesha sahlaselwa ngamabhomu. Nginezinkumbulo ezimbi zokuhlukumezeka, ukufa nenhlekelele eyalandela. Lapho sesibuyele endaweni yakithi ekugcineni, ngaphila ngokwesaba. Iningi lomakhelwane lanyamalala noma lafa, futhi ngangesaba ukuthi lokhu kuzokwenzeka nakimi.
Lapho ngineminyaka eyishumi, umzala wagula washona, ngakho abazali bami bathi angiyohlala nogogo. Wayengumfelokazi owayedumele, futhi engibheka njengomthwalo. Wayengiphathisa okwesigqila. Ngelinye ilanga, lapho ngigula kakhulu ngingakwazi nokusebenza, wangishaya washiya umndondo. Nhlanhla leyo, omunye komalume bami wangithatha ngayohlala nomkhaya wakhe.
Lapho sengineminyaka engu-12, ngaqala ukuya esikoleni. Ngokushesha ngemva kwalokho, umalumekazi wagula futhi uma-lume wacindezeleka kakhulu. Ngingafuni ukuba umthwalo owengeziwe kubo, ngeqa ngabe sengizihlanganisa neqembu lamasosha ase-Indonesia elalihlala ehlathini. Ngaba umsizi wawo—ngiwawashela, ngipheka futhi ngicoca nekamu. Ayengiphethe kahle, futhi ngangizizwa ngidingeka. Kodwa ngemva kwezinyanga, izihlobo zami zangithola futhi zacindezela amasosha ukuba angibuyisele ekhaya.
Isishoshovu Sezombangazwe
Ngemva kokuqeda isikole esiphakeme, ngathuthela enhloko-dolobha ye-East Timor, iDili, ngaqala ukufunda enyuvesi. Lapho, ngahlangana nentsha eyayinesizinda esifana nesami. Saphetha ngokuthi ukuze izwe lethu lithole inkululeko noshintsho kwezenhlalo, kufanele singene kwezombangazwe. Iqembu lethu labafundi lahlela imibhikisho eminingi yezombangazwe, eminingi yayo eyayiphetha ngezinxushunxushu. Iningi labangane bami lalimala. Abanye bafa ngisho nokufa.
Lapho i-East Timor ithola inkululeko ngo-2002, yayisiyincithakalo, amashumi ezinkulungwane zabantu efile, amakhulu ezinkulungwane esezindaweni ayebalekele kuzo. Nganginethemba lokuthi izimo zizoshintsha. Kodwa ukuntuleka kwemisebenzi kwanda yonke indawo, kuhlanganise ubumpofu nokungazinzi kwezombangazwe.
Indlela Entsha
Ngaleso sikhathi, ngangihlala nezinye izihlobo, kuhlanganise nesinye isihlobo esisesincane esingasondelene naso kakhulu u-Andre, owayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. NjengomRoma Katolika ozinikele, kwakungangijabulisi ukuthi isihlobo sami sizihlanganise nenye inkolo. Noma kunjalo, nganginelukuluku lokwazi iBhayibheli futhi ngezinye izikhathi ngangifunda elika-Andre elalihlala egumbini lakhe. Engakufunda kwangenza ngaba nesithakazelo ngokwengeziwe.
Ngo-2004, lapho u-Andre enginika isimemo seSikhumbuzo sokufa kukaJesu, nganquma ukuya. Ngenxa yokuthi ngangingasifundanga kahle lesi simemo, ngafika endaweni yalo mhlangano kusasele amahora amabili uqale. Njengoba oFakazi befika, kuhlanganise abantu bendawo nabakwamanye amazwe, bangibingelela ngemfudumalo bangenza ngazizwa ngemukelekile. Ngahlabeka umxhwele. Phakathi nenkulumo yeSikhumbuzo, ngayibhala yonke imiBhalo okwakukhulunywa ngayo futhi kamuva ngayihlola eBhayibhelini lami lamaKatolika ukuze ngibone ukuthi kuyiqiniso yini okwakushiwo yisikhulumi. Kwakuyiqiniso!
Ngesonto elilandelayo, ngaya eMiseni esontweni. Ngenxa yokuthi mina kanye nabathile safika sekwephuzile, umpristi owayethukuthele wathatha induku wasixosha esontweni. Njengoba simile ngaphandle, umpristi wayivala inkonzo ngokuthi, “Kwangathi ukuthula kukaJesu kungaba nani.” Owesifazane othile onesibindi wamemeza, “Ungakhuluma kanjani ngokuthula kanti usanda kuxosha abantu esontweni?” Umpristi akazange amnake. Ngahamba futhi angiphindanga ngabuyela esontweni.
Ngokushesha ngemva kwalokho, ngaqala ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yoFakazi no-Andre. Lapho izihlobo zethu zizwa ngalokhu, zaqala ukumelana nathi. Ugogo ka-Andre wasisongela: “Ngizomba umgodi nginigqibe kuwo bafana bami uma niqhubeka nokufunda nale nkolo entsha.” Kodwa, ukusisongela kwakhe akuzange kusithene amandla. Sazimisela ukuqhubeka nokuthuthuka ngokomoya.
Ukwenza Ushintsho
Njengoba ngangifunda iBhayibheli, ngaqala ukubona ukuthi ngangingalwazi ngempela uthando. Ngangingenaluzwela futhi ngizivikela, ngikuthola kunzima nokuthemba abantu. Kodwa, oFakazi babonisa isithakazelo esiqotho kimi. Lapho ngihlaselwe kabi ukugula izihlobo zami azizange zinginake, kodwa oFakazi bangivakashela futhi bangisiza. Uthando lwabo kwakungelona nje “olwamazwi” kuphela kodwa ‘lwalungolweqiniso, luzibonakalisa ngezenzo.’—1 Johane 3:18, Today’s English Version.
Naphezu kwesimo nokubukeka kwami okwesabisayo, oFakazi bangiphatha ‘ngozwela nangothando lobuzalwane.’ (1 Petru 3:8) Ngangiqala ngqa empilweni yami ukuzizwa ngithandwa. Ubuntu bami bashintsha, futhi ngaqala ukumthanda uNkulunkulu nabantu. Ngenxa yalokho, ngo-December 2004, ngabonisa ukuzinikezela kwami kuJehova ngobhapathizo lwamanzi. U-Andre naye wabhapathizwa ngemva kwalokho.
Izibusiso Phakathi Nezinkinga
Ngemva kokubhapathizwa, ngaba nesifiso esijulile sokusiza abanye abantu ababengakaze balwazi uthando lweqiniso noma ubulungisa. Ngakho, ngangenela inkonzo yamaKristu yesikhathi esigcwele, noma ubuphayona, njengoba oFakazi BakaJehova beyibiza kanjalo le nkonzo. Ukuhlanganyela nabanye isigijimi esakhayo seBhayibheli kwakuqabula kakhulu, kunokuhlanganyela emibhikishweni yezombangazwe nasezinxushunxushwini. Ekugcineni, ngase ngibasiza ngempela abantu!
Ngo-2006, kwaphinde kwaba nokungezwani kwezigodi ngokwezombangazwe e-East Timor. Amaqembu ayexatshaniswa izikhalo ezase zinesikhathi zikhona. Idolobha laseDili lahlaselwa, abantu abaningi basempumalanga babaleka. Mina nabanye oFakazi sabalekela eBaucau, idolobha elikhulu eliqhele ngamakhilomitha angu-120 ukusuka eDili. Kule ndawo, usizi lwethu lwaphenduka isibusiso, ngenxa yokuthi sakwazi ukumisa ibandla elisha—elalingelokuqala ngaphandle kwaseDili.
Ngo-2009, ngemva kweminyaka emithathu, ngathola isimemo sokuya esikoleni esikhethekile sezikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaKristu eJakarta, e-Indonesia. OFakazi baseJakarta bangamukela emizini nasezinhliziyweni zabo. Uthando lwabo oluqotho lwangihlaba umxhwele ngempela. Ngaba nomuzwa wokuthi ngiyingxenye “yenhlangano yabazalwane” yomhlaba wonke, “umndeni” wezizwe ezihlukahlukene, owanginakekela ngempela.—1 Petru 2:17.
Ukuthula Ekugcineni!
Lapho kuphela lesi sikole, ngabuyela eBaucau, futhi ngisahlala khona namanje. Lapha ngijabulela ukusiza abantu ngokomoya, njengoba nje nami ngake ngasizwa. Ngokwesibonelo, kwenye indawo eqhelile eBaucau, mina nabanye sifundisa abantu abangaba ngu-20 iBhayibheli, kuhlanganise nabaningi asebekhulile abangakwazi ukufunda nokubhala. Lonke leli qembu liba khona emihlanganweni yesonto ngalinye, futhi abathathu sebengenile “emndenini” wethu ongokomoya ngokuba amalungu abhapathiziwe ebandla lobuKristu.
Eminyakeni embalwa edlule, ngahlangana noFelizarda, owesifazane onomusa owemukela iqiniso leBhayibheli wathuthuka waze wabhapathizwa. Sishade ngo-2011. Ngiyajabula ukusho ukuthi u-Andre, isihlobo sami, ukhonza ehhovisi loFakazi BakaJehova e-East Timor. Ngisho neningi lezihlobo zami kuhlanganise nogogo ka-Andre, owake wafuna ukusingcwaba, manje sebeyaluhlonipha ukholo lwami.
Esikhathini esidlule nganginentukuthelo, nginomuzwa wokungathandwa nowokungathandeki. Kodwa ngibonga uJehova, ekugcineni sengilutholile uthando lwangempela nokuthula!
[Isithombe ekhasini 19]
U-Egidio eseyisishoshovu sezombangazwe
[Isithombe ekhasini 21]
U-Egidio noFelizarda kuhlanganise namalungu eBandla LaseBaucau, e-East Timor