Ukubuka Okwezwe
Phakathi kwemikhiqizo okuthiwa ayiyilimazi imvelo engaba ngu-5 296 eyahlolwa eCanada nase-United States, amaphesenti angu-95 ayo kwatholakala ukuthi “ikhiqizwe ngaphansi kwezimo ezingakuqinisekisi ukulondeka kwemvelo.”—I-TIME, E-U.S.A.
Onogada basesikhumulweni sezindiza ezivela kwamanye amazwe eBangkok “basola okuthile lapho behlola izimpahla zomgibeli wesifazane ngemisebe ye-X ray. Lapho bevula esinye isikhwana ukuze bahlole okuphakathi, bathola ukuthi kunewundlu lehlosi eliphilayo, elalijovwe ngomjovo olalisayo.—I-WORLD WILDLIFE FUND, ETHAILAND.
Imvelo Ehlukahlukene E-Amazon
Isigodi soMfula i-Amazon singenye yezindawo ezaziwa kakhulu emhlabeni ngokuba nemvelo ehlukahlukene. Eminyakeni eyishumi edlule, kuye kwatholakala izinhlobo ezintsha zezihlahla nezilwane ezingaphezu kuka-1 200—izinhlanzi, izilwane ezikwazi ukuphila emanzini nasezweni, izilwane ezihuquzelayo, izinyoni, nezilwane ezincelisayo—futhi zahlelwa ngokwezigaba, kusho umbiko we-World Wildlife Fund (WWF). Lokhu kusho ukuthi, ngokwesilinganiso, kutholakala into ephilayo entsha e-Amazon njalo ngemva kwezinsuku ezintathu. USara Hutchison, umxhumanisi we-WWF eBrazil uthi, “Isibalo sezinto eziphilayo ezintsha ezitholakalayo siyamangalisa, futhi lokhu akuhlanganisi izinhlobo ezihlukahlukene zezinambuzane ezitholakalayo.”
Ukucindezeleka Emsebenzini
Umuntu oyedwa kwabayisihlanu eFinland unomuzwa wokuthi izinkinga ezibangelwa ukuhluleka ukugxilisa ingqondo nokukhumbula izinto, zikhinyabeza indlela asebenza ngayo. Ngokombiko we-Finnish Institute of Occupational Health, iyanda le nkinga kulabo abaneminyaka engaphansi kwengu-35, okuyinkathi lapho ingqondo kufanele ngabe isebenza ngendlela enhle kakhulu. Phakathi kwezinto okuthiwa ziyimbangela, ukufaka izinto eziningi kakhulu engqondweni noshintsho oluqhubekayo lwezinhlelo zama-computer. UProfesa Kiti Müller uthi, “Abantu abaningi banomuzwa wokuthi kuningi kakhulu ukwaziswa abakufaka engqondweni kangangokuthi kuba nzima ukuhlunga lokho abakudingayo ukuze benze umsebenzi wabo.” I-Helsinki Times iyaphawula: “Uma ukucindezeleka kuthatha isikhathi eside, ingqondo igcina isizivumelanisa nakho, futhi ingase ingabe isasitshela lapho isinokuningi kakhulu. Lokhu kungaze kubonakale lapho sesigula.”
Ingabe Ukucabanga Ngemidlalo Yobudlova Kubangela Ulaka?
Kuthatha isikhathi esingakanani ukuba intukuthelo iphele ngemva kokuba umuntu edlale imidlalo ye-video enobudlova? Abacwaningi badumba abafundi besilisa nabesifazane bengalindele babacela ukuba badlale imidlalo ye-video enobudlova kanye nengenabo imizuzu engu-20. Ngemva kwalokho, abathile eqenjini ngalinye bacelwa ukuba bacabange ngomdlalo abebewudlala. Umbiko uthi, “Ngosuku olulandelayo, laba bafundi bancintisana ngomsebenzi othile, okwakuthi ophumelele ajezise owehlulekile ngokuvulela umsindo omkhulu ezindlebeni zakhe.” Izinga eliphakeme lolaka labonakala kwabesilisa ababetshelwe ukuba bacabange ngomdlalo we-video onobudlova. Ababhali balolu cwaningo bathi, “Abantu abadlala imidlalo enobudlova ngokuvamile bayidlala ngaphezu kwemizuzu engu-20 bese bezindla ngayo kamuva,” njengoba kubika iphephabhuku i-Social Psychological and Personality Science. Ayikho imiphumela ephawulekayo eyatholakala kwabesifazane, ngokuvamile abangayithandi imidlalo ye-video enobudlova.