AmaNazi Ahluleka Ukungiguqula
Njengoba ilandiswa nguHermine Liska
UKUPHILA kwami okulondekile kwasebuntwaneni kwashintsha ngokuzumayo ngo-1938 lapho u-Adolf Hitler neqembu lakhe lamaNazi beqala ukubusa izwe lakithi, i-Austria. Ngokushesha mina nezingane engangifunda nazo esikoleni kwadingeka sisho isiqubulo esithi “Heil Hitler,” sicule izingoma zamaNazi futhi sibe amalungu enhlangano Yentsha kaHitler. Ngenqaba ngokuqinile ukwenza lezi zinto. Ake ngichaze.
Mina nabafowethu abadala abane, sakhulela epulazini lase-St. Walburgen, eCarinthia, e-Austria. Abazali bami kwakunguJohann no-Elisabeth Obweger. Ngo-1925, ubaba wayebe i-Bibelforscher noma uMfundi WeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi. Umama wabhapathizwa ngo-1937. Kusukela ebuntwaneni, bangifundisa izimiso zeBhayibheli futhi bangisiza ukuba ngihlakulele uthando ngoNkulunkulu nangendalo yakhe. Ngokwesibonelo, bangibonisa ukuthi kwakungalungile ukukhulekela noma yimuphi umuntu. UJesu Kristu wathi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.”—Luka 4:8.
Umama nobaba babenomoya wokungenisa izihambi. Sasiba nezivakashi eziningi kanti neningi lalabo ababesebenza epulazini babehlala nomkhaya wakithi wabantu abangu-7. Sasikuthanda ukuhlabelela—okuwumkhuba osathandwa nanamuhla eCarinthia—futhi sasiba nezingxoxo zeBhayibheli ezimnandi. Ngisenezinkumbulo ezijabulisayo zomkhaya wakithi uhleli endlini yokuphumula njalo ngeSonto ekuseni ukuze ufunde iBhayibheli.
Ukusuka Enkululekweni Kuya Ekwesabeni
Ngangineminyaka ecishe ibe ngu-8 lapho iJalimane ithatha amandla ombuso e-Austria. Kusukela lapho kuqhubeke, ukucindezelwa ukuba sivumelane nalokho okwakufunwa amaNazi kwanda futhi zonke izakhamuzi kwakulindeleke ukuba zibingelelane ngesiqubulo esithi “Heil Hitler.” Ngenqaba ukwenza lokho, ngoba ukuthi “heil” ngesiJalimane kusho “insindiso,” manje ngangingeke ngibheke uHitler njengomthombo wensindiso! Ngangazi ukuthi uMsindisi wami uJesu Kristu. (IzEnzo 4:12) Ngenxa yokuma kwami, ngangihlale ngigconwa othisha kanye nengangifunda nabo ekilasini. Lapho ngineminyaka engu-11, uthishanhloko wesikole samabanga aphansi wathi: “Hermine, ngizokubuyisela ebangeni labasaqala. Ngeke ngiyibekezelele ingane enenkani kanje ekilasini lami!”
Ngenxa yokuthi mina nabafowethu senqaba ngokuqinile ukuthi heil Hitler, ubaba wabizelwa enkantolo. Kwathiwa akasayine iphepha lokulahla ukholo lwakhe. Leli phepha lalithi futhi uzokhulisa izingane zakhe ngezimfundiso zamaNazi. Ngenxa yokuthi wenqaba ukusayina, yena nomama bephucwa ilungelo lokusikhulisa thina zingane zabo futhi mina ngathunyelwa esikhungweni sokuguqula abantu esiqhele ngamakhilomitha angu-40 ukusuka ekhaya.
Ngokushesha nje ngakhumbula kakhulu ekhaya futhi ngangikhala njalo. Phakathi naleso sikhathi, umphathi wesifazane wale ndawo wazama ukungiphoqa ukuba ngibe yilungu Lentsha kaHitler kodwa wehluleka. Amanye amantombazane azama ukuphakamisa isandla sami lapho kushayelwa ifulege lamaNazi indesheni, kodwa ehluleka. Ngazizwa ngendlela efanayo nezinceku zikaNkulunkulu zasendulo ezathi: “Kuyinto engacabangeki, ukuba sishiye uJehova sikhonze abanye onkulunkulu.”—Joshuwa 24:16.
Abazali bami babengavunyelwe ukungivakashela. Nokho, bazithola izindlela zokungibona ngesinyenyela endleleni eya esikoleni nasesikoleni. Lezo zikhathi ezimfushane esasihlangana ngazo zangikhuthaza kakhulu ukuba ngihlale ngithembekile kuJehova. Kwesinye salezo zikhathi zokuhlangana, ubaba wanginika iBhayibheli elincane engalifihla ngokucophelela embhedeni wami. Yeka indlela engangikujabulela ngayo ukulifunda ngisho noma kwakufanele ngilifunde ngingabonwa muntu! Kanti ngolunye usuku ngacishe ngabanjwa, kodwa ngasheshe ngalifihla ngaphansi kwengubo yokulala.
Ukuthunyelwa Esikhungweni Sezindela
Ngenxa yokuthi yonke imizamo yokungiguqula yehluleka, iziphathimandla zasola ukuthi ngangisathonywa abazali bami ngandlela-thile. Ngakho-ke, ngo-September 1942, ngathunyelwa eMunich, eJalimane ngesitimela, lapho ngafike ngafakwa khona esikoleni samaKatolika i-Adelgunden, naso esasiyisikhungo sezindela. Phakathi nale nkathi, izindela zalibona iBhayibheli lami futhi zalithatha.
Noma kunjalo, ngangizimisele ukuhlala ngithembekile ezinkolelweni zami futhi ngenqaba ukuya ezinkonzweni zesonto. Lapho ngitshela enye indela ukuthi abazali bami babevame ukungifundela iBhayibheli ngamaSonto, yasabela ngendlela eyangimangaza. Yangibuyisela iBhayibheli lami! Ngokusobala, engakusho kwayithinta. Empeleni, yaze yangicela nokuba ngiyifundele iBhayibheli yona ilalele.
Ngesinye isikhathi uthisha wathi kimi: “Hermine, unezinwele ezimhlophe futhi unamehlo aluhlaza. UngumJalimane hhayi umJuda. UJehova unguNkulunkulu wamaJuda.”
Ngaphendula, “Kodwa uJehova wenza zonke izinto. UnguMdali wethu sonke!”
Uthishanhloko naye wazama ukungicindezela. Ngesinye isikhathi wathi: “Bheka la, Hermine, omunye wabafowenu useyisosha. Yisibonelo esihle leso okufanele usilandele!” Ngangazi ukuthi omunye wabafowethu wayeseyisosha, kodwa ngangingazimisele neze ukulandela isibonelo sakhe.
Ngathi: “Angiyena umlandeli womfowethu. Ngingumlandeli kaJesu Kristu.” Uthishanhloko wabe esengesabisa ngokuthi uzongithumela egumbini labagula ngengqondo, waze watshela indela ukuba ilungiselele ukungihambisa. Nokho, akazange ayenze leyo nto ayengesabisa ngayo.
Ehlobo lika-1943, iMunich yashaywa ngebhomu futhi izingane ezazihlala e-Adelgunden zathuthelwa emaphandleni. Phakathi naleso sikhathi ngangivame ukukhumbula amazwi umama awasho kimi: “Uma kungenzeka sihlukane futhi ungasazitholi nezincwadi ezivela kimi, ukhumbule ukuthi uJehova noJesu bayobe benawe. Abasoze bakushiya. Ngakho qhubeka uthandaza.”
Ukuvunyelwa Ukuba Ngibuyele Ekhaya
Ngo-March 1944, ngabuyiselwa e-Adelgunden, lapho sasichitha cishe sonke isikhathi sethu, ubusuku nemini, sisendaweni yokukhosela ekuhlaselweni yizindiza ngenxa yamabhomu ayeshaya ephindelela eMunich. Phakathi naleso sikhathi, abazali bami babelokhu becela ukuba ngibuyiselwe kubo. Ekugcineni leso sicelo semukelwa futhi ngafika ekhaya ekupheleni kuka-April 1944.
Lapho isikhathi sokuba ngivalelise kuthishanhloko sifika, wathi: “Usibhalele uma ufika ekhaya, Hermine. Ungashintshi kulokhu oyikho.” Yeka ukuthi wawusushintshe kanjani umbono wakhe! Ngezwa ukuthi ngemva nje kokuhamba kwami, amantombazane angu-9 nezindela ezintathu bafa lapho kuhlaselwa ngamabhomu. Yeka ukuthi impi iyinto embi kanjani!
Ngakolunye uhlangothi, ngangijabule ngokuthi ngase ngiphinde ngahlangana nomkhaya wakithi. Ngo-May 1944, njengoba impi yayisaqhubeka, ngabhapathizelwa kubhavu ngaleyo ndlela ngibonisa ukuzinikezela kwami kuJehova. Lapho izimpi ziphela ngo-1945, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele, ngimagange ukwabelana nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, ukuphela kwethemba lesintu lokuthula okuhlala njalo nokulondeka.—Mathewu 6:9, 10.
Ngo-1950, ngahlangana no-Erich Liska, isikhonzi soFakazi BakaJehova esijikelezayo esisesincane saseVienna, e-Austria. Sashada ngo-1952 futhi ngahamba naye okwesikhashana njengoba ayevakashela amabandla ukuze awaqinise ngokomoya.
Ngo-1953 kwazalwa ingane yethu yokuqala futhi kwalandela ezimbili ngemva kwalokho. Ngenxa yokwanda kwemithwalo yethu yemfanelo, sayiyeka inkonzo yesikhathi esigcwele ukuze sikhulise izingane zethu. Ngiye ngafunda ukuthi uma unamathela kuNkulunkulu akasoze akudumaza, kodwa uyokunika amandla. Akakaze angidumaze. Ikakhulukazi selokhu kwashona umyeni wami othandekayo ngo-2002 uJehova ube umthombo wenduduzo namandla kimi.
Njengoba ngicabanga ngokuphila kwami, ngibabonga kakhulu abazali bami ngokugxilisa enhliziyweni yami esencane uthando ngoNkulunkulu nangeZwi lakhe elilotshiwe, umthombo wokuhlakanipha kweqiniso. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kodwa ngaphezu kwakho konke, ngibonga uJehova oqhubeka enginika amandla ukuze ngibhekane nezilingo ekuphileni.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
“Angiyena umlandeli womfowethu . . . Ngingumlandeli kaJesu Kristu”
[Isithombe ekhasini 19]
Nginomkhaya wakithi epulazini lasekhaya eSt. Walburgen
[Izithombe ekhasini 19]
Abazali bami, u-Elisabeth noJohann Obweger
[Umthombo]
Both photos: Foto Hammerschlag
[Isithombe ekhasini 20]
Nginomyeni wami u-Erich