Iziphiwo Zemvelo Ezisenza Sehluke
I SISEBENZI esingumakhi esineminyaka engu-50, sasilinde isitimela esiteshini saseNew York City. Eduze kwaso, insizwa ethile yakhubeka isonqenqemeni lwesiteshi yawela kujantshi njengoba isitimela sisondela. Ngokuphazima kweso, lesi sisebenzi sanquma ukugxumela kujantshi sacindezela le nsizwa njengoba isitimela sidlula phezu kwabo sibashiya bengalimele.
Phakathi nenkathi yamaNazi, oFakazi BakaJehova eYurophu benqaba ukusho isiqubulo esithi “Heil Hitler!” ngoba ngesiJalimane igama elithi heil lisho “insindiso.” Babekholelwa ngokujulile ukuthi uJesu Kristu unguMsindisi wabo nokuthi “ayikho insindiso kunoma ubani omunye.” (IzEnzo 4:12) Ngenxa yokwenqaba ukukhulekela uHitler, iningi labo lathathwa emakhaya alo lathunyelwa emakamu okuhlushwa, lapho laqhubeka khona libambelele ezimisweni zobuKristu.
Lezi zibonelo ziyabonisa ukuthi umuntu angakwazi ukubeka inhlalakahle yomunye—ngisho neyomuntu angamazi nhlobo—ngaphambi kweyakhe futhi ahloniphe izimiso nakuba kusho ukudela inkululeko yakhe. Ingabe lokho kuziphatha kusekela inkolelo yokuthi abantu bamane nje bayizilwane ezingcono ezazivelela? Noma kusikisela ukuthi siyindalo yezinga eliphakeme? Cabanga ngalokho njengoba uhlaziya le mibuzo elandelayo:
● Kungani sinonembeza, umuzwa wangaphakathi wokulungile nokungalungile?
● Kungani kusihlaba umxhwele ukubuka ubuhle bendalo obumangalisayo?
● Kungani sijabulela umculo, imidwebo, izinkondlo nezinye izinhlobo zobuciko? Empeleni, lezi akuzona izinto ezidingekayo ukuze siphile.
● Kungani abantu bazo zonke izizinda benesifiso sokuxhumana nothile ophakeme?
● Kungani sinemibuzo ethi: ‘Kungani ngilapha?’ ‘Iyini injongo yokuphila?’
● Uma kufa othile, kungani senza amasiko nemicikilisho ehlukahlukene?
● Kungani inkolelo yokuphila ngemva kokufa igcwele umhlaba wonke? Ingabe isifiso sethu sokuphila phakade simane nje siyiphupho esalithola ngokuziphendukela kwemvelo?
Lapho Kungatholakala Khona Izimpendulo
Izimpendulo ezinengqondo kakhulu zale mibuzo zingatholakala encwadini engcwele etholakala emhlabeni kabanzi—iBhayibheli. Cabangela lokho elikushoyo ngalokhu okulandelayo:
Indlela umuntu enziwe ngayo. Isintu sadalwa “ngomfanekiso kaNkulunkulu,” okusho ukuthi singakwazi ukubonakalisa izimfanelo zoMdali wethu. (Genesise 1:27) Ngakho, umuntu wokuqala ‘wayeyindodana kaNkulunkulu.’—Luka 3:38.
Isidingo sethu sokuthanda nokuthandwa. Eyoku-1 Johane 4:8 ithi, “UNkulunkulu uluthando.” Njengoba senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, sidinga uthando ukuphila kwethu konke. Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala, uma “ngingenalo uthando, angilutho.” (1 Korinte 13:2) Wabuye wathi: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.”—Efesu 5:1.
Isidingo sethu esingokomoya. “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) Amazwi kaNkulunkulu alotshwe eBhayibhelini embula ubuntu bakhe nenjongo yakhe ngathi. Asinakuphila ukuphila okunenjongo ngempela uma singalinaki ingokomoya lethu.
Imbangela yokufa. “Inkokhelo yesono ngukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo ngukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) Isono siwukwehluleka ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha nezingokomoya. Nokho, uNkulunkulu uhlose ukusisusa isono, ukuphulukisa bonke abamthandayo nabamlalelayo nokubanika ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.—IHubo 37:10, 11, 29; Luka 23:43.
Uyafuna yini ukukujabulela ngokugcwele ukuphila, mhlawumbe uhlakulele amakhono ongakaze uzicabange unawo? Uyafuna yini ukufunda okwengeziwe ngoMdali wakho nangenjongo yakhe emangalisayo ngawe? Uma kunjalo, khona-ke sikumema ukuba uhlole iBhayibheli, eliwumthombo weqiniso elingokomoya. Ayikho enye into ongayiphishekela eyokunika injabulo enkulu manje nasesikhathini esizayo.—Mathewu 5:3; Johane 17:3.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]
SIDINGA UTHANDO KUSUKELA SISEYIZINSANA
“Ingqondo yomntwana idinga ukusetshenziswa nothando,” kusho usosayensi uGerald L. Schroeder. Yeka-ke ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba abazali balalele umyalo weBhayibheli onikezwa ikakhulu omama, wokuba “bathande abantwana babo”!—Thithu 2:4.
[Isithombe emakhasini 8, 9]
Sinezinto eziningi ezinhle nezijabulisayo esingazidingi ngempela ukuze siphile
[Isithombe ekhasini 9]
Abantu badinga okungaphezu kokudla namanzi. Badinga nesiqondiso esivela kuMdali wabo