Zazise Izipho Zakho Eziyigugu
UMZIMBA womuntu wenza izinto eziningi ngokumangalisayo. Akukho silwane esinamakhono asondela ngisho nokusondela nje kwawethu njengabantu. Enye into esenza sikwazi ukwenza izinto ezihlukahlukene ukuma kwethu ngendlela eqondile, okungasenzi nje sikwazi ukubona indawo enkulu kuphela, kodwa kwenza izingalo zethu nezandla zikwazi ukwenza imisebenzi eminingi. Cabanga nje ukuthi bekuyolinganiselwa kangakanani esikwazi ukukwenza ukube bekudingeka sihambe ngezinyawo nezandla!
Enye into eyigugu, isimiso sethu sezinzwa esiyinkimbinkimbi kakhulu, okuzoxoxwa ngaso kulesi sihloko. Lesi simiso sihlanganisa izandla, izindlebe, amehlo, nobuchopho bethu obumangalisayo. Ake sihlole ngayinye yalezi zinto.
Isandla Somuntu
Izandla zethu zingamathuluzi amahle nasebenza ngendlela emangalisayo. Ngazo, singafaka uhala enalitini noma sigawule ngezembe, sidwebe isithombe noma sidlale upiyano. Izandla zethu zibuye zibe nezinzwa ezibukhali. Ukuthinta into nje kancane kungakutshela ukuthi iwuboya, iyiphepha, isikhumba, insimbi, amanzi noma ukhuni. Ngempela, izandla zethu aziwona nje amathuluzi okubamba nokwenza izinto. Zisisiza nokuba sazi izinto ezisizungezile. Sikwazi nokubonisa imfudumalo nothando ngosizo lwazo.
Kungani isandla somuntu sinekhono kangaka, sizwela ngokushesha futhi senza nezinto ezihlukahlukene? Ziningi izizathu. Cabangela ezine.
1. Izandla zethu zombili zinamathambo angaphezu kuka-50, okungaba yingxenye eyodwa kwezine zawo wonke amathambo asemzimbeni. Ukuxhumana okuyinkimbinkimbi kwezingxenye zesandla—amathambo, amalunga nemisipha—kwenza isandla sikwazi ukunyakaza ngendlela eyingqayizivele.
2. Isandla sinesithupha esikwazi ukubhekana neminye iminwe esiqala elungwini eliwumklamo owubuhlakani wamathambo amabili amise okwesihlalo sehhashi lapho exhumana khona. Leli lunga kanye nemisipha nezinye izicubu, kwenza isithupha sikwanzi ukunyakaza ngendlela emangalisayo futhi sibe namandla.
3. Izinhlobo ezintathu zemisipha zilawula ukusebenza kwesandla. Izinhlobo ezimbili ezinamandla kakhulu—umsipha okwazi ukunwebeka nokwazi ukugoba kalula—zisengxenyeni yengalo engezansi kwendololwane futhi le misipha ilawula ukusebenza kweminwe. Yeka ukuthi besiyoba sikhulu futhi kube nzima kangakanani ukusisebenzisa isandla, ukuba le misipha ibikuso! Uhlobo lwesithathu oluncane kakhulu olusesandleni ngokwaso, lwenza iminwe ikwazi ukunyakaza kahle.
4. Empeleni, iminwe yakho iyizinzwa eziphilayo—ingxenye yayo esekugcineni inamangqamuzana ezinzwa angaba ngu-2 500 engxenyeni eyodwa kweziyisithupha zesentimitha-skwele. Ngaphezu kwalokho, la mangqamuzana ezinzwa ayahlukahluka, uhlobo ngalunye lwenza umsebenzi walo ohlukile, okukwenza ukwazi ukuzwa ukuthi into iluhlobo luni, izinga lokushisa, ubumanzi, ukudledlezela, umfutho nobuhlungu. Ngenxa yalokho, umunwe womuntu uyinzwa yokuthinta ezwela kakhulu kunazo zonke ezaziwayo.
Indlebe Yomuntu
Nakuba izilwane ezithile zikwazi ukuzwa umsindo osebangeni elikude kunabantu, ukusebenzelana kwezindlebe nobuchopho bomuntu kuyinto emangalisa kakhulu, kusho uchwepheshe wemisindo. Ikhono lethu lokuzwa lisenza sikwazi ukuzwa ukuthi umsindo mkhulu kangakanani, uhlobo lwawo, isimo sawo nokunquma ukuthi uvelaphi futhi usuka entweni eqhele kangakanani. Izinga lokuzwa lendlebe yomuntu ephile kahle cishe lingama-hertz angu-20 kuya kwangu-20 000. Indlebe ibukhali kakhulu ezingeni lomsindo elingama-hertz aphakathi kuka-1 000 kuya ku-5 000. Ngaphezu kwalokho, singase sikwazi ukuzwa ushintsho lwezinga elilodwa nje cishe kwangu-440 kuya kwangu-441.
Ngempela, indlebe ephile kahle izwela kakhulu kangangokuba ingakwazi ukuzwa imisindo ngisho nalapho umoya ubangela ukuvevezela kontwentwesi lwendlebe ngezinga elingaphansi kobukhulu be-athomu! Ngokwezifundo zaseyunivesithi eziphathelene nokuzwa, “isimiso somuntu sokuzwa sisondele kakhulu ekugcineni kwezinga lokuzwela elicatshangwa ososayensi. . . Asikho isidingo sokuba sizwele kakhulu emisindweni, ngoba singazithola sesizwa ‘imisindo ehazayo,’” ebangelwa ukuzulazula kwama-athomu nezinhlayiyana ezincane ezakha umoya.
Ukuvevezela kontwentwesi kukhuliswa amandla okunyakaza kwamathambo okuthiwa ama-ossicles bese kudluliselwa engxenyeni engaphakathi ngawo la mathambo—la mathambo amancane abizwa ngokuthi i-hammer, i-anvil ne-stapes. Kodwa kuthiwani uma kuthi ungazelele uzwe umsindo omkhulu ovala izindlebe? Uma kwenzeka lokho, la mathambo anesivikelo sawo esiwukunyakaza kwemisipha esiwahlela ngendlela efanele ukuze anciphise umsindo. Kodwa izindlebe azikwazi ukumelana nomsindo omkhulu odonsa isikhathi eside. Lokhu kungazilimaza unomphela. Ngakho sinakekele lesi sipho ‘esenziwe ngokumangalisayo’ osinikwe uMdali wakho.—IHubo 139:14.
Isimiso sakho sokuzwa umsindo sikusiza nokuba uthole ukuthi umsindo uvelaphi. Lokhu kubangelwa izinto eziningi ezihlanganisa igwagwa lendlebe, uqwanga olumagwincigwinci, ukuhlukana kwazo zombili nokusebenza ngendlela emangalisayo kobuchopho. Ngakho, uma umsindo ungazwakali kahle ezindlebeni noma ufinyelela kwenye indlebe ngemizuzwanyana engu-30 ungakafinyeleli kwenye, ingqondo yakho ivele ibhekise amehlo akho ngalapho kuvela khona umsindo.
Cabanga nje ukuba bekufanele uzenze ngokoqobo lezi zibalo! Kuyiqiniso ukuthi bekuyodingeka usebenzise uhlobo oluphambili lokubala—futhi lokhu ukwenze ngejubane lonyazi! Uma unjiniyela ebengaklama isimiso “sokuzwa” esicishe sisondele kancane nje kulesi uMdali wakho akunikeze sona, ubeyothola udumo nenqwaba yemiklomelo. Kodwa, kukangaki uzwa abantu bedumisa uNkulunkulu ngemisebenzi yakhe emangalisayo?—Roma 1:20.
Iso Lomuntu
Abacwaningi abathile balinganisela ukuthi abantu ababona kahle bathola ukwaziswa okungaba ngamaphesenti angu-80 ezinto ezisemhlabeni ngamehlo abo. Ebambisene nobuchopho bethu, amehlo enza sikwazi ukubona kahle imibala egqamile, izinto ezinyakazayo nezithombe, imiklamo nokuma kwezinto kuhlanganise nokubona zonke izinhlangothi. Ngaphezu kwalokho, sikwazi ukubona amazinga okukhanya ahlukahlukene.
Lokhu kuhilela izinto eziningi ezisebenza ngokubambisana. Ngokwesibonelo, ichashazi elincane elimnyama eliphakathi neso (pupil) linganwebeka ngesilinganiso esingamamilimitha angu-1,5 kuya kwangu-8, lokhu kwandise izinga lokukhanya okungena esweni ngezikhathi ezingu-30. Ukukhanya kube sekudlula kuyi-lens, yona ekudlulisela kuyi-retina, ebe isiqoqela ndawonye amandla okukhanya izikhathi ezingaba ngu-100 000. Ngakho, akufanele neze ubuke ilanga amehlo ungawavikele!
I-retina inezinhlobo ezimbili zezinzwa ezamukela ukukhanya—amangqamuzana okuthiwa ama-cone (angaba yizigidi eziyisithupha) asisiza sibone imibala nokugqama kwayo, namangqamuzana okuthiwa ama-rod (ayizigidi ezingu-120-140), azwela izikhathi ezingaphezu kwenkulungwane uma eqhathaniswa nama-cone futhi asisiza sibone lapho kungakhanyi kahle khona. Empeleni, ngaphansi kwezimo ezikahle, i-rod ikwazi ukubona inhlansi yokukhanya!
Esinye isimiso esikwazi ukuzivumelanisa nesimo sihilela amangqamuzana ezinzwa e-retina axhumana nama-cone nama-rod. La mangqamuzana ezinzwa azivumelanisa nezimo “ngokuphazima kweso futhi angathuthukisa izinga lokubona ebusuku ngokuphindwe izikhathi eziyishumi noma ngaphezulu,” kusho i-American Optometric Association (Inhlangano YaseMelika Yodokotela Bamehlo). “Ukuzivumelanisa kwamangqamuzana ezinzwa kuthi akufane nokuba nekhamera ekwazi ukuthwebula into ehamba kancane negijima ngesivinini esikhulu.”
Onjiniyela bavame ukuklama amakhamera, ama-scanner nama-computer, okunezinhlelo ezihambisanayo. Kodwa izinga lokusebenzelana nokuba yinkimbinkimbi kwalezi zinto alisondeli nakusondela esimisweni sethu sezinzwa. Zibuze, ‘Ingabe kunengqondo ukuba sithi isimiso sethu sezinzwa sezinga eliphakeme kangaka saba khona ngengozi, njengoba izazi zokuziphendukela kwemvelo zisho?’ UJobe wasendulo wayazi okuncane kakhulu ngomzimba womuntu uma kuqhathaniswa nalokho esikwaziyo namuhla. Noma kunjalo, washukumiseleka ukuba athi kuNkulunkulu: “Izandla zakho siqu zingibumbile.”—Jobe 10:8.
Ubuchopho Bomuntu
Ngekhono elimangalisa kakhulu, ubuchopho buhlaziya inqwaba yokwaziswa okulethwa yizinzwa. Ngaphezu kwalokho, kube sekukuhlobanisa nemininingwane esenkumbulweni. Ngakho-ke, iphunga elithile lingavele lenze ingqondo ikhumbule isenzakalo osekuyisikhathi eside salitshalwa. Ngisho noma ubona ingxenyana nje yento oyijwayele—njengengxenyana yomsila wekati lakho—ubuchopho buyokwenezela eminye imininingwane eyokwenza wazi ukuthi ikati lakho likhona la eduze.
Kuyavunywa ukuthi ubuchopho bakho abudalwanga bunezithombe zamakati, njengoba nje bungadalwanga bunolwazi lwephunga lembali noma umsindo wokuhaza kwamanzi mhlawumbe nokukwazi ukuzwa uboya. Ingqondo yakho yazifunda zonke lezi zinto. Lokhu kubonakala kalula kubantu abazalwa bengaboni kodwa kamuva babona, mhlawumbe ngemva kokuhlinzwa. Njengoba bebengakaze babone lutho, ingqondo yabo kwadingeka ifunde ukuhlaziya inqwaba yokwaziswa okungena kuyo. Kwenzekani kubantu abanjalo?
Imibiko ibonisa ukuthi ngokushesha bayakwazi ukuhlukanisa imibala, ukunyakaza nezinto nje ezilula. Nokho, ngemva kwalokho intuthuko yabo iyashiyashiyana. Izingane ikakhulukazi ezisencane, ziqhubeka kahle nokufunda. Kodwa akunjalo kubantu abadala. Ngisho nekhono labo lokukhumbula ubuso asebake babubona lihlala lithuntubezekile. Ngeshwa, inkinga evamile kubantu abadala “abaye belashwa kuba ukujabula okukhulu okulandelwa ukudumazeka nokudideka okubangelwa ukuthi sebeyabona, okuvame ukubangela ukucindezeleka okukhulu,” kusho i-Koch Laboratory eCalifornia Institute of Technology.
La maqiniso asisiza ukuba siwazise kakhulu amandla kaJesu okuphulukisa akwenza phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni. Ababeyizimpumputhe nababeyizithulu ababonanga nje futhi bezwa kuphela, kodwa baqala nokuziqonda izinto ababezibona nemisindo ebazungezile. Ngokufanayo nezimungulu zakhuluma ngendlela evamile, okufanele ukuba kwakumangalisa kakhulu ngalabo abazalwa benale nkinga. (Marku 7:32-35; 8:22-25; Luka 7:21, 22) Singaqiniseka futhi ngokuthi akekho kulaba ababeyizimpumputhe abaphulukiswa owaba nenkinga yokucindezeleka. Empeleni, enye indoda eyayiphulukisiwe yamelela uJesu ngesibindi, ithi ezitheni zakhe zenkolo: “Kusukela kudala akukaze kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo omuntu owazalwa eyimpumputhe. Ukube lo muntu ubengaveli kuNkulunkulu, ubengeke enze lutho nhlobo.”—Johane 9:1-38.
Esihlokweni esilandelayo sizohlola ezinye zezimfanelo zethu zangaphakathi, ezihlanganisa isibindi nothando. Ingabe uke wazibuza yini ukuthi kungani kungabantu kuphela abangakwazi ukubonisa izimfanelo ezinjalo? Empeleni, ukuba khona kwezimfanelo ezinjalo okungezabantu kuphela kubabekele inselele enkulu labo abazama ukuveza ukuthi simane nje siyizilwane zezinga eliphakeme ezaba khona ngokuziphendukela kwemvelo.
[Ibhokisi ekhasini 7]
UBUCHOPHO BAKHO OBUMANGALISAYO
Kwenzeka kanjani ukuba ubuchopho bakho buzwe into oyithintayo, buzwe umsindo, bubone futhi buzwe iphunga? Ososayensi bayadideka. “Akukho lutho ebuchosheni olubonisayo ukuthi uwabona kanjani amagama owafundayo njengamanje,” kusho usosayensi uGerald L. Schroeder.
Wabuye wabhala: “Ukutholakala kwendlela eyinkimbinkimbi yokusebenza kobuchopho eyayingakaze icatshangwe ngaphambili kuyibekele inselele imfundiso elula yokuthi izinto eziphilayo zaba khona ngokuziphendukela kwemvelo okungaqondiswa.” Waqhubeka: “Ukube uDarwin wayekwazi ukuhlakanipha okusezintweni eziphilayo, ngiyaqiniseka ukuthi wayeyoza nombono ohluke kakhulu.”
[Umdwebo/Izithombe ekhasini 5]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Amathambo ayinkimbinkimbi
Ilunga emsukeni wesithupha
Imisipha elawulayo
Izinzwa zokuthinta
[Isithombe]
Yini eyenza isandla sethu sikwazi ukwenza izinto ezihlukahlukene?
[Isithombe ekhasini 7]
Ubuchopho bakho buhlaziya ukwaziswa okulethwa yizinzwa bese bukuhlobanisa nemininingwane esenkumbulweni