Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/10 kk. 20-21
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuningi Ukuzamazama Okusalindelekile
  • Indlela Izisulu Zokuzamazama Komhlaba Ezasizwa Ngayo
    I-Phaphama!—1992
  • Isiprofetho 1. Ukuzamazama Komhlaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuhlaziywa Kokuzamazama Komhlaba
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuzamazama Komhlaba—Usizi Phezu Kolunye Usizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 12/10 kk. 20-21

Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile

SELOKHU kwasungulwa imishini ekwazi ukukala amandla okuzamazama komhlaba, kuningi ososayensi asebekubhalile ngokuzamazama okukhulu komhlaba. Ukuzamazama okwenzeka ezindaweni ezingenabantu akukhathazi muntu, nabezindaba abakhulumi ngakho. Ngakolunye uhlangothi, inhlekelele ingaba nkulu lapho ukuzamazama kugadla edolobheni elikhulu. Ukufa kwabantu nokubhidlika kwezakhiwo kuya ngokuthi bangakanani abantu abahlala kuleyo ndawo nokuthi bakulindele yini.

Ngo-January 12, 2010, iHaiti yabhekana nokuzamazama komhlaba okubi kakhulu emlandweni uma kucatshangelwa abantu abafa nempahla eyacekeleka phansi. Kodwa kwakungaqali ukuzamazama kulo nyaka, kungekhona futhi ukuthi kwakuwukuphela kokuzamazama okukhulu okwakwenzekile. Lokhu okulandelayo kuchaza okunye ukuzamazama okwenzeka phakathi nezinyanga zokuqala ku-2010, okwakunamandla alinganayo noma amakhulu kunalokho okwagadla enhloko-dolobha yaseHaiti.

January 3: Ukuzamazama Okungu-7,1 ESolomon Islands

Lokhu kuzamazama okunamandla okwaqale kwalinganiselwa ukuthi kungaphezu kuka-7,1 kwabangela amagagasi e-tsunami aphakeme “[ngamamitha amabili kuya kwamathathu].” Isikhulu esisebenza emnyango wezinhlekelele uLoti Yates wachaza ukuthi “isikhukhula” sasibonakala ngisho uhamba ngendiza. NgokukaYates, edolobhaneni laseBainara eRendova Island, kwakhukhuleka izindlu ezingu-16 futhi ezinye eziningi zalimala.

Lokho kuzamazama kwakwandulelwe ukundindizela okungu 6,6. Abantu abaningi bethuswa yilokhu kundindizela okwakungenamandla kangako base bebalekela ezintabeni. Isinyathelo sabo senza ukuba bavikeleke lapho ugu abahlala kulo lushaywa yi-tsunami eyabangelwa ukuzamazama okukhulu okwenzeka emahoreni amabili kamuva.

February 26: Ukuzamazama Okungu-7,0 ERyukyu Islands, EJapane

Lokhu kuzamazama kwagadla ngo-5:31 ekuseni, ngokwesikhathi sendawo, futhi kwakusebangeni eliqhele ngamakhilomitha angu-80 eNaha, e-Okinawa, esinye seziqhingi zaseJapane ezibizwa ngokuthi iRyukyu Islands. Kwakhishwa izixwayiso zokuthi kuza i-tsunami kodwa zabuye zahoxiswa. Owesifazane osehlale e-Okinawa iminyaka engaphezu kwengu-90 wathi kwakuwukuzamazama okunamandla kunakho konke ayeke wakuzwa.

February 27: Ukuzamazama Okungu-8,8 EChile

Lokhu kwakuwukuzamazama kwesihlanu okunamandla kakhulu kusukela ngo-1900. Okwakunamandla kunakho konke, nakho kwakuseChile ngo-1960—ukuzamazama okungu-9,4. Lokho kuzamazama, kanye nokuzamazama okungu-7,7 okwacekela phansi inhloko-dolobha yaseChile ngo-1985, kwenza izwe labeka umthetho oqinile kwezokwakha.

Ngenxa yalokho, izakhiwo ezimbalwa zaseSantiago nakwamanye amadolobha okwazamazama kuwo umhlaba kulo nyaka zabhidlika. Kodwa izinkulungwane zabantu zalimala futhi zalahlekelwa imizi nempahla yazo. Kulinganiselwa ukuthi bangamakhulu amahlanu abafa, cishe okuyingxenye yalabo ababulawa yi-tsunami ogwini lwaseChile.

April 4: Ukuzamazama Okungu-7,2 EBaja California, EMexico

Lokhu kuzamazama komhlaba kwaba sendaweni engamakhilomitha angu-18 ukusuka eGuadalupe Victoria, eMexico nengamakhilomitha angu-47 ukusuka eMexicali. Le ndawo ikude namadolobha futhi ababaningi abantu abahlala kuyo. Kodwa, ukundindizela okunamandla kwezwakala emadolobheni amaningi eMexico naseningizimu ye-United States.

May 9: Ukuzamazama Okungu-7,2 ENorthern Sumatra, E-Indonesia

Lokhu kuzamazama kwangaphansi kolwandle, kwenzeka emini bebade endaweni eqhele ngamakhilomitha angu-217 edolobheni laseBanda Ach eyindawo esenyakatho kunazo zonke e-Indonesia. Abantu abaningi babaleka bashiya izindlu zabo futhi kwaphela isikhathi esithile besaba ukubuyela emuva. Kodwa, akufanga muntu.

Kuningi Ukuzamazama Okusalindelekile

Ngokomlando omude wokuzamazama okukhulu kule mbulunga yethu, kuyafaneleka ukuphetha ngokuthi kufanele silindele okwengeziwe eminyakeni ezayo. I-U.S. Geological Survey ilibeka ngembaba elokuthi: “Ukuzamazama okukhulu kuzoqhubeka njengoba nje bekunjalo esikhathini esidlule.”

Ngokuthakazelisayo, omunye umhleli wephephandaba wathi: “Ukuzamazama kwamuva . . . umuntu akanakukulungisa nhlobo futhi kumane nje kusikhumbuze ukuthi umuntu unamandla alinganiselwe. Lokho akusho ukuthi kufanele sisonge izandla lapho kudingeka senze okuthile . . , kodwa kusho ukuthi kufanele silindele izinhlekelele zemvelo ezinkulu esingenakwenza lutho ngazo.”

Abafundi beBhayibheli abakhuthele bavele bacabange ngeziprofetho zeBhayibheli ezikhuluma ngokuqondile ngokuzamazama komhlaba njengengxenye eyisibonakaliso sokuphela kwalesi simiso sezinto.—Mathewu 24:3, 7; Marku 13:8; Luka 21:11.

[Ibalazwe ekhasini 20, 21]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Ukuzamazama okungu-7,0 noma ngaphezulu kusukela ngo-January kuya ku-May

EMexico

EHaiti

EChile

EJapane

E-Indonesia

ESolomon Islands

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela