Ukuzamazama Komhlaba EHaiti—Ukubonakaliswa Kokholo Nothando
NgoLwesibili ngo-January 12, 2010, ngo-4:53 ntambama, u-Evelyn wezwa ukundindizela okufana nokwendiza enkulu kuqhamuka ngaphansi futhi kwaqala ukuzamazama. Eduze nalapho, kwezwakala ukuqhekeka kwezinsika nokudilika kwezakhiwo. Lapho sekuphelile ukuzamazama, u-Evelyn wenyukela endaweni ephakeme ukuze abone okwakwenzekile. Wezwa isililo kuyo yonke indawo. Kwasuka ifu lothuli lukasimende enhloko-dolobha yaseHaiti, iPort-au-Prince.
NGEMIZUZWANA nje, kwadilika imizi, izakhiwo zikahulumeni, amabhange, izibhedlela nezikole. Kwafa zonke izinhlobo zabantu—abangaphezu kuka-220 000. Kwalimala abangaba ngu-300 000.
Iningi elasinda lahlala phansi lididekile eduze nemizi yalo edilikile. Abanye batatazela bevukuza ngezandla ezimvithini zezindonga ukuze batakule izihlobo nomakhelwane babo. Kwahamba ugesi futhi kwasheshe kwaba mnyama, okwaphoqa ababetakula ukuba basebenzise amathoshi namakhandlela.
Edolobheni laseJacmel, uRalphendy oneminyaka engu-11 wayevaleleke ngaphansi kwesakhiwo esasibhidlike ingxenye ethile. Kwaphela amahora amaningi iqembu labahlengi lakuleli dolobha lizama kanzima ukumkhipha. Ukundindizela okuba ngemva kokuzamazama komhlaba kwakulokhu kubaphoqa ukuba bayeke ngenxa yokwesaba ukuthi izingxenye ezingaphezulu zesakhiwo zingase zidilikele phezu kwabo. UPhilippe, isithunywa sevangeli esinguFakazi KaJehova, akazange ayeke, uyachaza, “Ngangingenakukwazi ukuyeka uRalphendy afe.”
UPhilippe nabanye abathathu bangena ngesikhadlana ngaphansi kwalesi sakhiwo bachusha baya lapho kwakulele khona uRalphendy, izinyawo zakhe zicindezelwe yizimvithi zesakhiwo. Kusukela phakathi kwamabili kuqhubeke basebenza ngokucophelela bezama ukuzisusa. Njalo lapho kundindizela, babesizwa isakhiwo siqhekeka ngaphezu kwabo. Ngo-5:00 ekuseni, cishe ngemva kwamahora angu-12 kuzamazame umhlaba, bamkhipha uRalphendy bambeka endaweni ephephile.
Ngokudabukisayo, akuyona yonke imizamo enjenga ló eyaphumelela. Edolobheni laseLéogâne elathinteka kakhulu lapho kuzamazama umhlaba, uRoger nendodana yakhe endala uClid, baphuma ngesamagundane endlini. Indodana yakhe encane, uClarence ayisindanga. UmkaRoger, uClana, wayesaphila futhi ekwazi nokukhuluma kodwa ikhanda lakhe lalibhajwe ngaphansi kophahla oludilikile. URoger nomngane wakhe basebenza kanzima bezama ukumkhipha. Wayebancenga njengoba ebambekile ethi, “Sheshisani! Ngiphelelwa amandla! Ngiphelelwa umoya!” Ngemva kwamahora amathathu, kwafika iqembu labatakuli. Kodwa lapho limkhipha wayeseshonile.
ULwesithathu, January 13, Usuku Lwesibili
Ukuphuma kwelanga kwenza labonakala izinga lomonakalo. Ingxenye enkulu yePort-au-Prince yayicekeleke phansi. Njengoba izindaba zokuthi kube nokuzamazama komhlaba zisabalala, izinhlangano zosizo nabanye abantu abanomusa abavela emhlabeni wonke bahlangana ukuze basize. Amavolontiya asehhovisi loFakazi BakaJehova eDominican Republic, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-300 ayekuzwile ukuzamazama. Lapho bezwa ukuthi inhlekelele yayigadle ePort-au-Prince, indawo enabantu abaningi eyikhaya cishe lezingxenye ezintathu kwezine zabantu baseHaiti abayizigidi ezingu-9, oFakazi baseDominican ngokushesha benza amalungiselelo okuyosiza.
Kwase kudlule iminyaka engu-150 kwagcina ukuba nokuzamazama komhlaba eHaiti. Ngakho zazingasakhiwa izikhawo ezikwazi ukumelana nokuzamazama, sekwakhiwa ezivikela umphakathi ezikhukhuleni naseziphephweni. Ngakho, izindonga eziningi ezakhiwe ngama-block nophahla olusindayo lukasimende akukwazanga ukumelana nokuzamazama okungu-7,0. Kodwa, ihhovisi loFakazi BakaJehova eHaiti elaqedwa ukwakhiwa ngo-1987, laklanywa ngokuvumelana nemithetho yokwakha izakhiwo ezikwazi ukumelana nokuzamazama komhlaba. Nakuba lisengxenyeni esempumalanga yamaphethelo ePort-au-Prince, alizange lilimale nakancane.
Ngobusuku obubodwa nje ihhovisi laseHaiti laphenduka isikhungo sosizo esiphithizelayo. Ngenxa yokuthi indlela yokuxhumana namanye amazwe ngezingcingo nangama-e-mail yaphazamiseka, amalungu ezisebenzi aze aphindela kabili emngceleni waseDominican Republic ehambisa imibiko. Phakathi naleso sikhathi, amakhulu ezisulu, iningi lazo elalilimele kakhulu ayetheleka esakhiweni segatsha saseHaiti. Abaningi bayiswa ezibhedlela ezimbalwa zakule ndawo ezazisebenza, nazo ezagcwala ngokushesha.
Kuzo zonke izibhedlela, izisulu zazilele phansi—zopha futhi zibangalasa. Phakathi kwazo kwakukhona noMarla, owayekade evaleleke amahora angu-8 ngaphansi kwemvithi yesakhiwo esasibhidlikile. Imilenze yakhe yayindikindiki futhi engakwazi nokuyinyakazisa. Omakhelwane babemtakulile base bemphuthumisa esibhedlela, kodwa kusiphi? U-Evan, udokotela onguFakazi owayefike kuqala evela eDominican Republic, waqala ukumfuna, azi igama lakhe nje kuphela.
Ngaleso sikhathi, kwase kuphele amahora angu-24 kuzamazame umhlaba, futhi kwase kuwubusuku besibili. Eqa izidumbu ezazilele phansi ngaphandle kwesinye isibhedlela, u-Evan wathandaza buthule waqhubeka ememeza igama likaMarla. Ekugcineni, wezwa othile ephendule, “Yebo!” UMarla wambuka emamatheka. Emangele, u-Evan wambuza, “Kungani umamatheka?” Waphendula, “Ngoba manje senginomfowethu ongokomoya.” Zavele zehla izinyembezi ku-Evan.
ULwesine, January 14, Usuku Lwesithathu
Indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova ese-United States—kuhlanganise negatsha laseCanada, elaseDominican Republic, elaseFrance, elaseJalimane, elaseGuadeloupe, elaseMartinique namanye—abambisana ukuze azisebenzise ngendlela engcono izinto zosizo ezazitholakala, ezokuthutha, ezokuxhumana, imali nezisebenzi. Sebebonke, bangu-78 odokotela abangoFakazi BakaJehova ababezoza bazosiza kanye nenqwaba yezinye izisebenzi zokuzithandela. Ngo-2:30 entathakusa, iloli lokuqala elalithwele izinto zosizo lasuka ehhovisi legatsha laseDominican lilibangise eHaiti, lilayishe ukudla okungamakhilogremu angaba ngu-6 800, amanzi, imithi nezinye izinto.
Lapho izinto zosizo zifika ekuseni ngalolo suku, izisebenzi zasehhovisi legatsha laseHaiti zahlela indlela yokuzihlukanisa ukuze zinikezwe abantu abazidingayo. Ukuze zivimbele amasela ukuba angakwebi lokhu kudla ayokudayisa, lezi zisebenzi zokuzithandela zakufihla. Zasebenza imini nobusuku zipakisha ukudla nezinye izinto ezikhwameni ezincane ezazizonikezwa imikhaya nabantu ngabanye. Phakathi nezinyanga ezalandela, oFakazi BakaJehova banika abantu izinto eziwusizo ezingaphezu kwamakhilogremu angu-450 000 kanye nokudla okuphekiwe okungaphezu kuka-400 000, mahhala.
ULwesihlanu, January 15, Usuku Lwesine
Emini, kwase kufike odokotela abangu-19 abangoFakazi, abahlengikazi, nabanye ochwepheshe bezokwelapha bevela eDominican Republic naseGuadeloupe. Ngokushesha bamisa igumbi losizo lokuqala. Ababelashwa lapho babehlanganisa neningi lezingane elalihlala ekhaya lezintandane. Ngaphezu kwalokho, izisebenzi ezingoFakazi zanika leli khaya lezintandane ukudla namathende. Umqondisi waleli khaya lezintandane u-Étienne uthi: “Ngibabonga kakhulu oFakazi BakaJehova. Angazi ukuthi besiyokwenzenjani ngaphandle kwabo.”
Wayelahlekile Wabuye Watholakala
Lapho ukuzamazama kugadla, u-Islande oneminyaka engu-7 walunguza ngaphandle wabona kunqamuka izintambo zikagesi wabona nezinhlansi zomlilo. Ngaphakathi, izindonga zadilika zamphula umlenze walimala kakhulu. Ngemva kokuba esekhishiwe ezimvithini zendlu, uyise uJohnny wamphuthumisa esibhedlela esingaphesheya komngcele eDominican. Wabe esethathwa ngendiza wayiswa esibhedlela esisenhloko-dolobha, iSanto Domingo. Kodwa lapho uJohnny eshayela isibhedlela ucingo kamuva, u-Islande wayengekho lapho.
Kwaphela izinsuku ezimbili uJohnny emfuna yonke indawo kodwa engamtholi. Wayeyiswe kwesinye isibhedlela, lapho ivolontiya elithile lamuzwa khona ethandaza kuJehova. (IHubo 83:18) Lambuza: “Ingabe uyamthanda uJehova?” U-Islande waphendula ekhala: “Yebo.” Labe selimqinisekisa: “Ungakhathazeki. UJehova uzokusiza.”
UJohnny wacela ihhovisi loFakazi BakaJehova laseDominican Republic ukuba limsize athole u-Islande. UFakazi ogama lakhe linguMelanie wacela ukusiza. Njengoba uMelanie ayebuza kwesinye isibhedlela, ivolontiya elalizwe u-Islande ethandaza layizwa ingxoxo lase limbonisa le ntombazanyana. Ngokushesha, u-Islande waphinde wahlangana nomkhaya wakubo.
Ukuhlinzwa Nokwelashwa
Iningi lalabo ababelimele lalithole ukwelashwa okungatheni noma lingakutholanga nhlobo ngaphambi kokuba lifike emtholampilo owawusehhovisi loFakazi eHaiti, futhi izitho zomzimba ezinamanxeba zase zibhibha. Ngokuvamile, ukuze kusindiswe ukuphila kwakudingeka zinqanyulwe. Ezinsukwini zokuqala ngemva kokuzamazama, izinto zokuhlinza, imithi ngisho nemijovo yokubulala izinzwa kwakuyingcosana. Lesi simo sasikhungathekisa ngisho nodokotela. Omunye wathi: “Kunezinto engazibona nemisindo engingafisa ukuba uNkulunkulu akususe enkumbulweni yami.”
Ngesonto elilandelayo ngemva kokuzamazama komhlaba, odokotela abangomakadebona abangoFakazi baqala ukufika bevela eYurophu nezinto zokusiza ekuhlinzeni okuyinkimbinkimbi okwakudingeka ngokushesha. Iqembu lezokwelapha lahlinza abantu abangu-53 futhi lelapha abayizinkulungwane. UWideline, uFakazi oneminyaka engu-23, wayefike ePort-au-Prince ngosuku olwandulela ukuzamazama. Lapho kugadla, ingalo yakhe yangakwesokudla yaphuka futhi kwadingeka inqanyulwe esibhedlela sendawo. Kamuva izihlobo zakhe zamthatha zamyisa esibhedlela esiseduze nekhaya lazo ePort-au-Paix, eqhele ngamahora angu-7. Kodwa isimo sikaWideline saya ngokuya siba sibi, futhi izisebenzi zasesibhedlela zalahla ithemba zicabanga ukuthi useyafa.
Lizwa ngosizi lwakhe, iqembu lezokwelapha elingoFakazi lasuka ePort-au-Prince ukuze liyokwelapha uWideline futhi libuye naye liqhubeke nokumnakekela. Lapho ezinye iziguli zibona abafowabo abangokomoya befika, zashaya ihlombe. Ngosizo lomkhaya wakhe nebandla, uWideline useyajwayelana nesimo sakhe esesishintshile.
EDominican Republic, oFakazi BakaJehova baqasha izindlu ukuze bazisebenzise njengezikhungo zokwelapha iziguli ezazithunyelwe lapho. Lezi zindlu zazisetshenziswa amaqembu ezisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ezazishintshana—odokotela, abahlengikazi, ababhucunga umzimba nabanye. Bazinakekela ngenjabulo iziguli ezazilulama.
Ukuhlanganyela Ukholo, Ithemba Nothando
EmaHholweni OMbuso oFakazi BakaJehova angu-56, ayisithupha kuphela alimala kakhulu. OFakazi abaningi abalahlekelwa yindawo yokuhlala ngenxa yokuzamazama bahlala emahholo ayengalimalanga noma kwezinye izindawo ezivulekile. OFakazi, njengoba bekujwayele ukubuthana, bazihlela ngendlela ababengase benze ngayo kweminye yemihlangano yabo evamile.
UJean-Claude, umbonisi onguFakazi KaJehova kule ndawo, wachaza: “Saqhubeka nesimiso esivamile esingokomoya, okuyingxenye ebalulekile yokusiza intsha nabadala.” Waba yini umphumela? Enye indoda yathi, “Ngijabula kakhulu ukubona oFakazi BakaJehova besahamba beshumayela. Ukube besinganiboni, besiyoba nomuzwa wokuthi izinto zimbi nakakhulu.”
OFakazi balethela abantu induduzo. Omunye uFakazi wachaza, “Cishe wonke umuntu esihlangana naye ukholelwa ukuthi ukuzamazama kwakuyisijeziso esivela kuNkulunkulu. Sibaqinisekisa ngokuthi ukuzamazama kwakuyinhlekelele engokwemvelo, kwakungabangelwanga uNkulunkulu. Sibafundela uGenesise 18:25. Kulo mbhalo u-Abrahama uthi kuyinto engacabangeki ukuba uNkulunkulu abhubhise abantu abalungile kanye nababi. Siphinde sibafundele noLuka 21:11. Kulo mbhalo, uJesu wabikezela ukuthi kwakuyoba nokuzamazama okukhulu komhlaba kulesi sikhathi, futhi siyachaza nokuthi maduze uJesu uzovusa abathandekayo abafile asuse nakho konke ukuhlupheka. Abaningi babonisa ukwazisa okukhulu ngalolu lwazi.”a
Noma kunjalo, zisekhona izinselele. UJean-Emmanuel udokotela onguFakazi waphawula: “Sabhekana nenhlekelele yokuqala, ukuzamazama komhlaba. Manje sekufanele sibhekane nemiphumela yakho. Ngaphandle nje kokusongela kokuthi kungase kuqubuke izifo ezindaweni eziminyene nezingahlanzekile futhi ezinamanzi, kukhona ukucindezeleka okungokomzwelo okungakabonakali kodwa okungeke kuvele kuphele nje.”
Ngemva kwamasonto amaningi kuzamazame umhlaba, kwafika uFakazi emtholampilo ekhala ngobuhlungu bekhanda nokungalali, okuyizinto ezivamile ngemva kwenhlekelele. Umhlengikazi onguFakazi wabuza: “Ingabe kukhona okukushaye ekhanda?” “Cha,” ephendula endwazile. “Umkami obese kuphele iminyaka engu-17 sishadile, ushonile. Kodwa sizilindele izinto ezinjalo ukuba zenzeke. UJesu wathi zaziyokwenzeka.”
Eyibona into engase ibe yimbangela yenkinga, umhlengikazi wathi: “Kodwa ushonelwe umngane wokuphila kwakho konke. Yinto embi leyo! Kufanele udabuke, ukhale. UJesu wakhala lapho kufa umngane wakhe uLazaru.” Khona manjalo, le ndoda yadazuluka yakhala.
Phakathi koFakazi abangaphezu kuka-10 000 kule ndawo, bangu-154 abashona ngenxa yokuzamazama komhlaba. Kulinganiselwa ukuthi izakhamuzi ezingamaphesenti angaphezu kuka-92 zasePort-au-Prince zashonelwa othandekayo oyedwa noma ababili. Ukuze basize labo abalilayo, oFakazi BakaJehova babavakashela ngokuphindaphindiwe abantu ababelimele emzimbeni nangokomzwelo bebanika ithuba lokuveza imizwa yabo kumuntu abangamethemba. OFakazi ababesosizini babesazi isithembiso seBhayibheli ngovuko nangomhlaba oyipharadesi, kodwa babedinga ukuthulula isifuba sabo kumaKristu anozwela abakanye nawo nokuzwa amazwi aduduzayo nakhuthazayo.
Ukubhekana Nesikhathi Samanje Nesizayo
Umphostoli uPawulu wabhala: “Kusele ukholo, ithemba, uthando, lokhu kokuthathu; kodwa okukhulu kunakho konke lokhu uthando.” (1 Korinte 13:13) Lezo zimfanelo zisiza oFakazi abaningi baseHaiti ukuba babekezelele izimo zamanje, bakhuthaze abanye futhi babheke ikusasa ngaphandle kokwesaba. Kusobala ukuthi ukholo lweqiniso, ubunye nokusondelana yikho okushukumisa imizamo yokusiza yomhlaba wonke. UPetra, udokotela onguFakazi owayevela eJalimane ezosiza wathi, “Angikaze ngikubone empilweni yami ukubonakaliswa kothando okunje. Ngiye ngakhala kakhulu, kodwa ngenxa yenjabulo hhayi ubuhlungu.”
I-Wall Street Journal yabiza ukuzamazama kwango-2010 eHaiti ngokuthi “inhlekelele yemvelo eceka kunazo zonke kwezike zahlasela izwe elilodwa, uma kucatshangelwa izici ezithile.” Noma kunjalo, ngemva kwaleso senzakalo sekube nezinye izinhlekelele zemvelo nezibangelwa abantu. Ingabe ziyoke ziphele? OFakazi BakaJehova eHaiti nasemhlabeni wonke bayaqiniseka ukuthi luyofika usuku lapho uNkulunkulu eyogcwalisa khona isithembiso esiseBhayibhelini esithi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:4.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isahluko 11, esithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
“Ngangingenakukwazi ukuyeka uRalphendy afe”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]
“Ngijabula kakhulu ukubona oFakazi BakaJehova besahamba beshumayela”
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 17]
UKWAKHELA IZISULU IZINDLU
Ingakapheli inyanga ngemva kokuzamazama komhlaba, onjiniyela bezakhiwo abangoFakazi baqala ukuhlola ukuthi yiziphi izindlu okwakuphephile ukuba imikhaya ibuyele kuzo. Abaningi abalahlekelwa imizi yabo babedinga izindawo zokukhosela zesikhashana kuze kube yilapho bethola izindawo ezingcono abangahlala kuzo bazinze.
UJohn, osebenza ehhovisi legatsha eHaiti, uyachaza, “Sithathela kulokho okuye kwenziwa izinhlangano zosizo emhlabeni wonke, saklama izindlwana ezingabizi kangako, ezakheka kalula futhi ezilinganayo nalezo abaningi ababehlala kuzo ngaphambili. Ziyisivikelo emvuleni nasesiphephweni kanti akunangozi yokuthi zingawela phezu komkhaya uma kwenzeka kuba nokunye ukundindizela.” Emasontweni amathathu nje kuphela ngemva kokuzamazama, ithimba lezisebenzi zokuzithandela laseHaiti nakwamanye amazwe laqala ukwakha izindlu zesikhashana.
Abantu emigwaqweni babechwaza injabulo njengoba amaloli edlula ethwele izinto zokwakha. Njengoba sigunyaza ukungeniswa kwezinto zokwakha ezivela kwamanye amazwe, esinye isiphathimandla saseHaiti saphawula: “OFakazi BakaJehova babe phakathi kwabokuqala kwabavela kwamanye amazwe abafikile bezosiza. Abamane nje bakhulume ngokusiza, kodwa bakwenza ngokoqobo.” Ngemva kwezinyanga ezimbalwa kuzamazame umhlaba, oFakazi base bakhele abantu abalahlekelwe imizi yabo izindlu ezingu-1 500.
[Ibalazwe ekhasini 14]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IHAITI
IPORT-AU-PRINCE
ILéogâne
Indawo yenhlekelele
IJacmel
IDOMINICAN REPUBLIC
[Isithombe ekhasini 16]
UMarla
[Isithombe ekhasini 16]
U-Islande
[Isithombe ekhasini 16]
UWideline
[Isithombe ekhasini 18]
Iqembu loFakazi BakaJehova eHaiti liyoduduza izisulu zenhlekelele
[Isithombe ekhasini 18]
Udokotela exilonga umfana emtholampilo olungiselelwe oFakazi BakaJehova