Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Ungumuntu Ongokoqobo?
LAPHO bemangele ngenxa yendalo, abantu abaningi bayaphoqeleka ukuba bakholelwe emandleni athile angaphezu kwemvelo, noma unkulunkulu. Ingabe bukuhlaba umxhwele ubunkimbinkimbi bomkhathi? Ingabe zikushiya ukhexile izimangaliso zemvelo zomhlaba wethu nokuklanywa komzimba womuntu ngendlela eyinkimbinkimbi?
Uma kunjalo, cishe nawe uye washukumiseleka ukuba ukholelwe emandleni aphezulu. Ezinye izinkolo zifundisa ukuthi amandla anjalo ahlala ezintabeni, emithini, esibhakabhakeni nakwezinye izinto zemvelo. Abanye bakholelwa ukuthi imimoya yokhokho, emihle nemibi, ihlangana ibe ingxube yemimoya eyimfihlakalo, yonke eyakha uMvelinqangi—uNkulunkulu!
Kunoma isiphi isimo, inkolelo evamile iwukuthi la mandla angaphezu kwemvelo awayena umuntu. Abanye abantu bakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu unemicabango, imizwelo, injongo nezifiso. Ingabe uNkulunkulu ungumuntu wangempela? IBhayibheli, elingenye yezincwadi ezingcwele ezindala kakhulu ezifundwayo namuhla, linikeza impendulo ecacile.
Ukudalwa Kwabantu Kuveza Ubuntu BukaNkulunkulu
IBhayibheli lifundisa ukuthi umuntu wadalwa ngendlela efuze izimfanelo zikaNkulunkulu. UGenesise 1:27 uthi ‘uNkulunkulu wadala umuntu ngomfanekiso wakhe.’
Ngokusobala, lawo mazwi awasho ukuthi abantu bokuqala babefana nsé noNkulunkulu. IBhayibheli lithi uNkulunkulu ungumoya ongabonakali, kanti abantu benziwe ngezinto zasemhlabeni ezibonakalayo. (Genesise 2:7; Johane 4:24) Ngaphandle kwalowo mehluko oyisisekelo phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ukuhlolisisa izimfanelo abantu abanazo kungasembulela okuthile ngobuntu bukaNkulunkulu bangempela.
Abantu banekhono lokusebenzisa amandla nokwenza izinto ezicatshangwe kahle, ngenhloso. Lezi zenzo zibangelwa yizimfanelo ezinjengomusa, ikhono lokucabanga, ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nomuzwa wobulungisa. Abantu banemizwelo esukela ekubeni nothando olunesisa kuya enzondweni nasentukuthelweni. Ukusebenzelana okuhlukahlukene kwalezi zimfanelo kusenza sithi ukuhluka omunye komunye. Yebo, ngamunye wethu unobuntu obuhlukile. Abantu abafani.
Bekuyoba nengqondo yini ukuba uNkulunkulu asidale singabantu abayinkimbinkimbi kanti yena uwumoya ongenamzimba oyaluza endaweni yomoya ngaphandle kwenjongo? Uma abantu benziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, khona-ke ubuntu bakhe bebuyofana nobabantu ngezindlela eziningi. Cabangela okulandelayo.
UNkulunkulu unegama lakhe siqu. Ku-Isaya 42:8, iBhayibheli lithi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” UNkulunkulu ufuna ukuba igama lakhe laziwe. IBhayibheli libuye lithi: “Kwangathi igama likaJehova lingatuswa kusukela manje kuze kube nini nanini. Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama likaJehova kumelwe lidunyiswe.” (IHubo 113:2, 3) Ngenxa yalokho, uma besebenzisa igama likaNkulunkulu njalo, abakhulekeli bakhe basuke bemhlonipha njengomuntu.
UNkulunkulu uyingqayizivele. IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyingqayizivele ngempela. (1 Korinte 8:5, 6) IBhayibheli lithi: “Umkhulu impela, Nkosi EnguMbusi Jehova; ngoba akekho omunye onjengawe, futhi akekho uNkulunkulu ngaphandle kwakho.” (2 Samuweli 7:22) ImiBhalo ibuye ichaze uJehova ngokuthi “unguNkulunkulu weqiniso emazulwini phezulu nasemhlabeni phansi. Akekho omunye.”—Duteronomi 4:39.
UJehova uNkulunkulu uyabuzonda ububi. Umuntu kuphela ongaba nenzondo. IBhayibheli lisitshela ukuthi uMdali uyazizonda izinto ‘ezinjengamehlo aqhoshayo, ulimi olunamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala, inhliziyo eceba amacebo alimazayo, izinyawo ezisheshayo ukugijimela ebubini, ufakazi wamanga ophafuza amanga, nanoma ubani odala imibango phakathi kwabantu abangabafowabo.’ (IzAga 6:16-19) Phawula ukuthi uNkulunkulu uyakuzonda ukuziphatha kwabantu okulimaza abanye. Kulokhu, sifunda ukuthi uNkulunkulu uyayikhathalela inhlalakahle yethu futhi uyazizonda izinto ezisilimazayo.
UJehova unguNkulunkulu onothando. IBhayibheli lichaza ukuthi uNkulunkulu uthanda “abantu baleli zwe” kakhulu. (Johane 3:16, Contemporary English Version) Lichaza ukuthi unobuntu obunjengobukababa onomusa ozifunela okungcono kakhulu izingane zakhe ezingabantu. (Isaya 64:8) Abantu bangathola izinzuzo eziningi ngokuqaphela isikhundla sikaNkulunkulu njengoYise onothando.
Ungaba Umngane KaNkulunkulu
Ngokusobala, iBhayibheli lifundisa ukuthi uMdali ungumuntu, unegama futhi unobuntu. Unekhono lokusebenzisa amandla nokwenza izenzo ezicatshangelwe nezihlosiwe ezishukunyiswa yizimfanelo eziphakeme njengomusa, ukuhlakanipha nomuzwa wobulungisa. Akayena umuntu okude noma ongangeneki. Ngokuphambene nalokho, uthi: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—Isaya 41:13.
UNkulunkulu unenjongo ngesintu. IBhayibheli lithi: “Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:29) Ukwazi ukuthi uJehova uyingqayizivele futhi uhlukile kwabanye abantu kukwenza kube lula kithi ukuphishekela ubuhlobo naye futhi sijabulele izibusiso azithembisa labo ababa abangane bakhe.—Duteronomi 6:4, 5; 1 Petru 5:6, 7.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe uNkulunkulu unegama lakhe siqu?—Isaya 42:8.
● Ingabe kunonkulunkulu abaningi?—1 Korinte 8:5, 6.
● Ingabe abantu bangaba nobuhlobo bomuntu siqu noNkulunkulu weqiniso?—1 Petru 5:6, 7.
[Isithombe ekhasini 29]
Ingabe uNkulunkulu ubengasidala singabantu abayinkimbinkimbi kanti yena uwumoya ongenamzimba?