Intsha Iyabuza
Ngingakuqeda kanjani ukudabuka?
“Lapho abanye bedabukile, yimina oxazulula izinkinga zabo futhi ngibaduduze. Kodwa, ngemva kwalokho ngiya ekhaya ngifike ngikhale—okuyinto abantu abaningi abangayiboni.”—UKellie.a
“Lapho ngidabukile, ngiye ngihlale ngedwa. Uma ngimenywa endaweni ethile, ngivele ngibeke izaba. Ngiyakwazi ukufihla ukudabuka kwami umkhaya wakithi ungakuboni. Wona uzitshela ukuthi anginankinga.”—URick.
INGABE wake waba nemicabango efana nekaKellie noma ekaRick? Uma kunjalo, ungasheshi uphethe ngokuthi kukhona okungalungile ngawe. Empeleni, bonke abantu bayadabuka ngezikhathi ezithile. Ngisho namadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini babedabuka.
Kwezinye izimo, ungase uyazi into ekubangele ukudabuka, kokunye ungayazi. U-Anna oneminyaka engu-19 uthi: “Akudingeki ube sesimweni esibi ukuze uzizwe udabukile. Ungadabuka noma nini, ngisho nalapho ukuphila kwakho kungenazo izinkinga. Kuyinto emangazayo, kodwa kuyenzeka!”
Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela—ngisho noma ibonakala ingekho—yini ongayenza lapho udabuke kakhulu?
Icebiso #1: Khuluma ngakho. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.
UKellie uthi: “Inkululeko engiba nayo ngemva kokukhuluma nothile iyamangalisa. Ekugcineni, kusuke sekunothile owaziyo ukuthi ngibhekene nani. Angangitakula kulolu sizi—angisindise!”
Ukusikisela: Ngezansi, bhala igama ‘lomngane weqiniso’ ongamthululela isifuba ngokudabuka kwakho.
․․․․․
Icebiso #2: Bhala ngakho. Uma ukudabuka sekukhinyabeza indlela obheka ngayo ukuphila, ungase uzame ukubhala phansi imicabango yakho. Lapho ebhala amahubo aphefumulelwe, uDavide ngezinye izikhathi wayeveza ukudabuka okukhulu. (IHubo 6:6) Ukubhala ngemizwa enjalo kungakusiza ukuba ‘ulonde ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga.’—IzAga 3:21.
UHeather uthi: “Ukubhala kuyangisiza ekuhleleni izinto eziningi ezisengqondweni ezibangelwa ukudabuka. Uma usukwazi ukuveza imizwa yakho nokuthi kungani unayo, kuyancipha ukudabuka.”
Ukusikisela: Abanye bakhetha ukubhala incwadi yezenzakalo zansuku zonke. Uma wenza kanjalo, yini ongayibhala? Uma udabukile, chaza indlela ozizwa ngayo nalokho ocabanga ukuthi kuyimbangela yokudabuka kwakho. Ngemva kwenyanga, funda lokho owakubhala. Ingabe indlela ozizwa ngayo ngalolu daba isishintshile? Uma kunjalo, bhala ukuthi yini eyakusiza.
Icebiso #3: Thandaza ngakho. IBhayibheli lithi uma uthandaza ngezinto ezikukhathazayo, ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda inhliziyo yakho namandla akho engqondo.’—Filipi 4:7.
U-Esther uthi: “Ngangizama ukuthola ukuthi kungani ngangizizwa ngidabuke kangaka, kodwa ngehluleka. Ngacela uJehova ukuba angisize ngijabule. Ngase ngikhathele ukudabuka ngaphandle kwesizathu. Ekugcineni ngakunqoba. Ungawabukeli phansi amandla omthandazo!”
Ukusikisela: Sebenzisa iHubo 139:23, 24 njengesibonelo sendlela ongathandaza ngayo kuJehova. Mthululele isifuba, umcele ukuba akusize uthole imbangela yokudabuka kwakho.
Ngaphandle nje kokusikisela okungenhla, unosizo olukhulu oluyiZwi likaNkulunkulu. (IHubo 119:105) Ukugcwalisa ingqondo yakho ngemicabango eyakhayo etholakala ekulandiseni kweBhayibheli kungaba nethonya elihle emicabangweni, emizweni nasezenzweni zakho. (IHubo 1:1-3) Incwadi yeBhayibheli yezEnzo inokulandisa okushukumisayo nokukhuthazayo. Okunye ukusikisela okwakhayo kwendlela yokufunda iBhayibheli kungatholakala ngokufunda ngezibonelo ezingu-9 emakhasini anesihloko esithi “Isibonelo Esihle” encwadini Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Phakathi kokulandisa kweBhayibheli okukhulunywa ngakho kula makhasi kubalwa uJosefa, uHezekiya, uLidiya noDavide. Ekhasini 227, uyobona ngisho nendlela umphostoli uPawulu abhekana ngayo ngokuphumelelayo nemizwa ephambene ayeba nayo ngezinye izikhathi ngenxa yokungapheleli kwakhe.
Kodwa kuthiwani uma ukudabuka kungapheli ngisho naphezu kwemizamo yakho?
Lapho Ukudabuka Kungapheli
URyan uthi: “Ngezinye izikhathi ekuseni, ngiba nomuzwa wokuthi bekungaba ngcono ukuqhubeka nokulala ngigweme ukuvuka ngibhekane nosuku olungenanjongo.” URyan unesifo sokucindezeleka, kodwa akayedwa. Ucwaningo lwembula ukuthi osemusha oyedwa kwabane uba nohlobo oluthile lokucindezeleka ngaphambi kokuba abe mdala.
Ungathola kanjani ukuthi awucindezelekile yini? Ezinye izimpawu zingase zihlanganise ukushintsha okukhulu kwemizwa nokuziphatha, ukuzihlukanisa kwabanye abantu, ukuphelelwa isithakazelo cishe kuzo zonke izinto, ukushintsha okuphawulekayo endleleni yokudla nokulala kanye nemizwa enamandla yokuzizwa ungento yalutho noma ukuba nomuzwa wecala ongadingekile.
Kuyiqiniso ukuthi cishe wonke umuntu uba nazo lezo zimpawu ngezikhathi ezithile. Kodwa uma ziphikelela isikhathi esingaphezu kwamasonto ambalwa, kungani ungaxoxi nabazali bakho ngokuyobona udokotela? Udokotela angase asize ekutholeni ukuthi ukudabuka kwakho akubangelwa yini isifo esithile.b
Uma unesifo sokucindezeleka, akudingeki ube namahloni ngalokho. Uma bethola ukwelashwa, abantu abaningi abanaso baye baqala ukuzizwa bengcono—cishe bengcono kakhulu kunalokho abebeyikho isikhathi eside ngaphambili! Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi ukudabuka kwakho kubangelwa ukucindezeleka noma cha, khumbula la mazwi aduduzayo akumaHubo 34:18: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.”
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Uma ukudabuka kuqhubeka isikhathi eside, enye intsha icabanga ngokuzibulala. Uma uke waba nemicabango enjalo, khuluma nomuntu omdala omethembayo ngokushesha.—Bheka i-Phaphama! ka-May 2008, amakhasi 26-28.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Ingabe zikhona izinzuzo zokukhala?
“Angiyena umuntu okhala kalula, kodwa kuyinto edingekayo lapho ngidabukile. Ukukhala kunjengokubhoboza ithumba. Ngiqala ukucabanga ngendlela ehluzekile futhi ngibheke esikhathini esizayo—ngenjabulo.”—ULeanne.
● Abanye bangakusiza kanjani ukuba ubhekane nokudabuka?
“Uma ngidabukile, kufanele ngigweme ukuzihlukanisa. Yebo, kungase kudingeke ngibe ngedwa ukuze ngihlaziye imicabango yami futhi mhlawumbe ngikhale ukuze ngixole. Kodwa ngemva kwalokho, ngiyazi ukuthi kufanele ngibe nabanye abantu ukuze ngixazulule noma yini ebingenze ngidabuke.”—UChristine.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 21]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Ngivame ukudabuka kakhulu uma ngigxila kulokho engibhekene nakho. Ngakho noma nini uma ngisiza abanye, lokho kushintsha ingqondo yami futhi ngikwazi ukuthola injabulo.”
“Uma ngilondoloza isimiso esihle sokuvocavoca umzimba, imizwa yami emibi iyancipha ngoba ngiqala ukuzizwa nginenjabulo. Ukuzivocavoca kudla wonke amandla ami okwenza ukuthi uma sengiqedile, ngingabe ngisazizwa ngidabukile!”
[Izithombe]
UDrenelle
URebekah
[Isithombe ekhasini 22]
Ngosizo nangokwenza umzamo, ungakwazi ukugqashula ekudabukeni okujulile