“Kungase Kube Ingoma Nje”
● UJuliana wayengudade osekhulile ongumKristu othandekayo ePhilippines owayenesifo i-Alzheimer. Wayengasazazi ngisho nezingane zakhe. Noma kunjalo, ngangiya ngiyombona njalo uJuliana uma ngingakwakhe.
UJuliana wayesehlala esembhedeni futhi wayevele agqolozele efasiteleni. Kwakunzima ukuhlala naye, ngoba wayengasangikhumbuli. Wayevele andwaze, ngibone ukuthi akangikhumbuli. Ngambuza: “Usacabanga yini ngoJehova?” Ngabe sengimtshela okuthile okwakwenzekile futhi ngambuza imibuzo, kodwa kwakungekho phawu olubonisa ukuthi wayekuqonda engikushoyo. Ngabe sengiqala ukucula ingoma ethile. Okwenzeka ngemva kwalokho kwangithinta inhliziyo!
UJuliana waphenduka wangibuka, wabe eseqala ukucula nami! Ngokushesha, kwadingeka ngiyeke ukucula ngoba ngangingawazi wonke amagama esiTagalog ngekhanda. Kodwa uJuliana waqhubeka ecula. Wayewakhumbula womathathu amavesi. Ngokushesha, ngacela umuntu engangihamba naye ukuba ayoboleka iculo kuFakazi ongumakhelwane. Wabuya nalo ngokushesha. Ngangingayazi inombolo yaleli culo kodwa ngenhlanhla ngavula ikhasi elifanele. Sayicula yonke ingoma ndawonye! Lapho ngimbuza uJuliana ukuthi zikhona yini ezinye izingoma azikhumbulayo, waqala ukucula ingoma endala yothando yesiFilipino.
Ngathi: “Cha, Juliana, angisho ingoma yasemsakazweni, ngisho eyaseHholo LoMbuso.”a Ngabe sengiqala ukucula enye ingoma eseculweni, futhi wavele wahambisana nami. Amehlo akhe ayegcwele injabulo. Wayengasandwazile, kodwa wayemomotheka ngenkulu injabulo.
Ngalesi sikhathi kwase kufike omakhelwane bezobona ukuthi obani abaculayo. Bama eduze kwefasitela balalela. Kwakujabulisa ukubona indlela umculo owayithinta ngayo inhliziyo kaJuliana! Kwakumenze wakhumbula amagama engoma.
Lesi senzakalo sangifundisa ukuthi ngeke wazi ukuthi yini eyofinyelela inhliziyo futhi ithinte ingaphakathi lalabo ngokuvamile abangakwazi ukuqonda okushiwoyo noma abangakhulumi. Kungase kube ingoma nje.
Ngemva nje kwalesi senzakalo esichazwe ngenhla, uJuliana washona. Ngakhumbula lokhu lapho ngilalele umculo oshukumisayo omusha oqoshiwe owakhishwa oFakazi BakaJehova ngo-2009. Ungase uthande ukubabuza endaweni yakini ukuthi ungazithola kanjani lezi zingoma ezimnandi futhi ezishukumisayo.
[Umbhalo waphansi]
a Indawo oFakazi BakaJehova abahlangana kuyo.