Ingozi Yokuba Sezindaweni Eziphakeme—Ukwelapha Ukugula Okubangelwa Ukuba Sendaweni Ephakeme Kakhulu
“EPeru kunezintaba zokhahlamba eziphakeme kakhulu okuthiwa iPariacaca . . . Lapho ngenyuka ngeZitebhisi, njengoba ibizwa kanjalo ingxenye ephakeme kakhulu kulolu khahlamba, cishe ngaso leso sikhathi ngafikelwa umuzwa wokuthi ngiyafa kangangokuba ngacabanga ukuthi kwakufanele ngehle ehhashini lami ngiziphonse phansi. . . . Ngokushesha lokhu kwalandelwa ukugonyuluka okukhulu nokuhlanza okwangenza ngacabanga ukuthi ngizokufa. Ngicabanga ukuthi ukube lokhu kwaqhubeka, cishe ngangizokufa nakanjani, kodwa kwaqhubeka amahora amathathu noma amane kwaze kwaba yilapho sesehlele mangezansi kule ntaba endaweni okwakulula ukuphefumula kuyo.”—UJosé de Acosta, encwadini ethi Natural and Moral History of the Indies.
NGASEKUPHELENI kwekhulu le-16, umJesuit waseSpain uJosé de Acosta wabhekana nesimo esibuhlungu esichazwe ngenhla lapho egibela izintaba zokhahlamba iPariacaca e-Andes, ePeru. Ngaleso sikhathi, izimpawu ezinjalo kwakucatshangwa ukuthi zibangelwa amagesi anobuthi avela kumaminerali asentabeni noma zibangelwa ukuphefumula konkulunkulu abanonya. Ngokwalokho esesikwazi manje, u-Acosta wayenezimpawu ezivamile ze-soroche—ukugula okubangelwa ukuba sendaweni ephakeme kakhulu (acute mountain sickness [AMS]).
I-AMS iyindlela umzimba osabela ngayo lapho umoya-mpilo umncane ezindaweni eziphakeme kakhulu. Umfutho womoya uyancipha futhi amaphaphu athole umoya-mpilo omncane.a
Izimpawu ze-AMS zivame ukubonakala cishe ngemva kwamahora amane umuntu efinyelele endaweni ephakeme futhi zingaba khona cishe usuku olulodwa kuya kwezine. Phakathi nale nkathi, ukuncipha komoya-mpilo egazini kubangela ukwakheka kwamangqamuzana abomvu engeziwe, okusiza isimiso sokujikeleza kwegazi ukuba sithole umoya-mpilo owengeziwe ngokuhamba kwesikhathi.
Nokho, uma umuntu ekhuphukela endaweni ephakeme ngokushesha kakhulu noma ezikhandla ngokweqile ngaphambi kokuzivumelanisa nesimo, amaphaphu noma ubuchopho bungase bugcwale amanzi. Uma lesi simo singalungiseki, singabangela ukufa.
Indlela Yokuvimbela I-AMS
Abantu abahambela izindawo nabaqomboli bezintaba baye bazama izindlela eziningi zokuvimbela noma zokwelapha i-AMS. Ezinye izinyathelo zihlanganisa lezi ezilandelayo:
● Gwema ukuya ezindaweni eziphakeme kakhulu uma unezinkinga zokuphefumula noma unenkinga yegazi eliphansi.
● Kunemithi enciphisa amanzi emzimbeni, edambisa ukuvuvukala, noma eminye etuswayo ekwelapheni noma ekuvimbeleni izimpawu ze-AMS. Thintana nodokotela wakho.
● Ikhambi elingcono kakhulu le-AMS liwukwehlela endaweni engaphakeme kakhulu. Uma kungenzeka, hlala ufudumele njengoba wehla, futhi uphumule lapho usufika kuleyo ndawo emaphansi.
Ezinye zezindawo ezinobuhle obumangalisayo emhlabeni zitholakala emagqumeni nasezintabeni. (IHubo 148:9, 13) Uma uqapha lapho uhambela izindawo, uyokwazi ukulondoloza impilo enhle njengoba ujabulela ubuhle bendalo.
[Umbhalo waphansi]
a Abantu abaningi bangakwazi ukugibela bafinyelele endaweni engamamitha angu-1 800 ngaphezu kogu lolwandle ngaphandle kwezinkinga.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
Izimpawu ze-AMS zivame ukubonakala cishe ngemva kwamahora amane umuntu efinyelele endaweni ephakeme futhi zingaba khona cishe usuku olulodwa kuya kwezine
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 20]
Ikhambi elingcono kakhulu le-AMS liwukwehlela endaweni engaphakeme kakhulu