Igama LikaNkulunkulu Liyamenyezelwa!
● Uma uhamba esiQhingini Sase-Orleans esihle, eduze naseQuebec City, eCanada, uyaqaphela ukuthi izifiki zokuqala kule ndawo zaziyikhonzile inkolo. Amathempeli asendulo aseceleni komgwaqo, ayizikhumbuzo zangenkathi edlule, asatholakala emigwaqweni ezungeza lesi siqhingi, futhi isifundambhishobhi ngasinye sinesonto laso.
Edolobhaneni laseSaint-Pierre, kunesonto lasemaphandleni elidala kunawo wonke eQuebec, elakhiwa ngo-1717. Nakuba manje lesi sakhiwo sesiyisikhungo semidwebo yobuciko, sinokuthile okuphawulekayo. Ngenhla kwe-altare kune-Tetragrammaton—izinhlamvu ezine zesiHebheru ezakha igama likaNkulunkulu weBhayibheli, uJehova.
Namuhla, kuyinto engavamile ngisho nokuzwa igama likaNkulunkulu libizwa esontweni lamaKatolika, ingasaphathwa eyokulibona. Empeleni, incwadi eyakhishwa iVatican ngo-2008 yathi upapa ukhiphe umyalo othi igama likaNkulunkulu “akufanele lisetshenziswe noma liphinyiselwe” ezinkonzweni, emaculweni angokwenkolo, noma emithandazweni yamaKatolika. Nokho, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJehova uNkulunkulu ufuna ukuba igama lakhe “limenyezelwe emhlabeni wonke.”—Eksodusi 9:16.
OFakazi BakaJehova banomuzwa wokuthi ukuthokozisa uNkulunkulu kudinga okungaphezu nje kokubhala igama lakhe esakhiweni. Unyaka ngamunye, emhlabeni wonke, bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,5 befundisa abantu ngegama likaNkulunkulu nezinjongo zakhe. Baze babuyisela negama likaNkulunkulu, elithi Jehova, endaweni yalo efanele. IBhayibheli abalinyathelisile—INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele—linamathela emibhalweni yolimi lokuqala, lapho igama likaJehova livela khona izikhathi ezingaba ngu-7 000. Kuze kube manje, kuye kwanyatheliswa amakhophi angaphezu kuka-165 000-000 e-Nguqulo Yezwe Elisha ngezilimi ezingu-83, iphelele noma izingxenye zayo. Ngempela, uma kuziwa egameni likaNkulunkulu elithi Jehova, umbuzo akufanele ube ukuthi, Sinasiphi isisekelo sokulisebenzisa?, kodwa kufanele ube ukuthi, Sinasiphi isisekelo sokungalisebenzisi?
[Isithombe ekhasini 21]
INguqulo Yezwe Elisha, enegama likaJehova elivela izikhathi ezingaba ngu-7 000, inyatheliswa ngezilimi ezingu-83, iphelele noma izingxenye zayo