Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/10 kk. 4-6
  • “Ningakhathazeki Ngekusasa”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ningakhathazeki Ngekusasa”
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zazi Izinto Ezikukhathazayo
  • Ukuhlakulela Ukwaneliseka
  • “Uphelile Umsebenzi”
    I-Phaphama!—2010
  • Mathewu 6:34—“Ningakhathazeki Ngekusasa”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Phila Unombono Wekusasa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Ukuthola Induduzo “Esigodini Sethunzi Lokufa”
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 7/10 kk. 4-6

“Ningakhathazeki Ngekusasa”

URenée wayesehluleka ukubekezela. Kwase kuphele iminyaka engaphezu kwemithathu umyeni wakhe uMatthew engasebenzi. URenée uyakhumbula, “Ngangiqhuma ngaphakathi. Ukungazi ukuthi yini okwakufanele ngiyilindele kwangenza ngadumazeka kakhulu!” UMatthew wazama ukudambisa ukukhathazeka komkakhe ngokuchaza ukuthi izidingo zabo bezilokhu zinakekelwa njalo. URenée waphendula, “Kodwa noma kunjalo awusebenzi! Siyayidinga imali!”

UKULAHLEKELWA umsebenzi kubangela ukukhathazeka okungagwemeki. Umuntu ongasebenzi uke azibuze, ‘Kuzophela isikhathi esingakanani ngingasebenzi? Ngizowondla kanjani umndeni wami njengamanje?’

Nakuba kungokwemvelo ukukhathazeka ngale ndlela, uJesu Kristu wasinika iseluleko esinganciphisa ixhala. Wathi: “Ningakhathazeki ngekusasa . . . Usuku ngalunye lunezinkinga zalo.”—Mathewu 6:34, The New Jerusalem Bible.

Zazi Izinto Ezikukhathazayo

UJesu wayengasho ukuthi kufanele senze sengathi azikho izinkinga. Kodwa, ukukhathazeka ngalokho okungase kwenzeke kusasa ngeke nje kugcine ngokwenezela ebunzimeni obungokomzwelo banamuhla. Empeleni, asinakwenza lutho ngalokho okungase kwenzeke kusasa, kukuhle noma kukubi. Kodwa, singathatha izinyathelo zokubhekana nesimo esikuso njengamanje.

Ingabe kulula ukusho lokhu kunokukwenza? Kunjalo! URebekah, omyeni wakhe waphelelwa umsebenzi ngemva kweminyaka engu-12 esebenza, uthi: “Uma ukhathazeke kakhulu ngokomzwelo, kunzima ukucabanga ngezinto ngendlela ehluzekile. Kodwa kwadingeka ukuba senze kanjalo. Ngakho ngazama ukulawula imizwelo yami. Lapho zingenzeki izinto engangesaba ukuthi zizokwenzeka, ngabona ukuthi ukukhathazeka akusizi ngalutho. Ngokugxila ezinkingeni esasibhekene nazo ngaleso sikhathi, sakwazi ukususa zonke izinhlobo zokucindezeleka.”

Zibuze: ‘Yini engikhathaza kakhulu? Angakanani amathuba okuba kwenzeke lokho okungikhathazayo? Angakanani amandla engiwachitha ngikhathazeke ngento engase yenzeke noma ingenzeki?’

Ukuhlakulela Ukwaneliseka

Umbono wethu ngezinto ungayithonya imizwelo yethu. Ngakho, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibe nalesi simo sengqondo: “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.” (1 Thimothewu 6:8) Ukwaneliseka kusho ukunciphisa ezintweni esizifunayo futhi saneliswe uma sithola izidingo zethu zansuku zonke. Ukulwela ukwanelisa isifiso sokuthola okwengeziwe kuyomane nje kukhinyabeze imizamo yethu yokwenza ukuphila kwethu kube lula.—Marku 4:19.

URenée wakwazi ukuhlakulela ukwaneliseka ngemva kokubhekisisa isimo sakhe. Uthi: “Asikaze sicinyelwe ugesi noma singabi negesi, noma singabi nendawo yokufihla ikhanda. Inkinga yangempela ukuthi sasingajwayele ukuphila ngale ndlela, futhi izifiso zami ezingenangqondo zokulondoloza indlela yethu yokuphila yangaphambili zangibangela ukucindezeleka okwengeziwe.”

URenée washesha ukubona ukuthi ngumbono wakhe—hhayi izimo zakhe—owawenza kubonakale kunzima ukubekezelela isimo. Uthi: “Kwadingeka ngibhekane neqiniso lesimo sethu futhi ngingagxili endleleni engangifuna izinto zibe yiyo. Lapho senganeliseka ngalokho uNkulunkulu ayesinika khona usuku ngalunye, ngathola ukuthi ngase ngijabule kakhudlwana.”

Zibuze: ‘Ingabe ngikutholile engikudingayo namuhla? Uma kunjalo, ngingabhekana yini nezidingo zosuku ngalunye ngesikhathi, nginethemba lokuthi nezakusasa zizonakekelwa?’

Ukuba nombono ofanele kuyisinyathelo sokuqala sokubhekana nenselele yokuphila ngokuncane.a Kodwa yiziphi izinyathelo ezisebenzayo ongazithatha uma isinciphile imali oyitholayo ngenxa yokuthi awusebenzi?

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungawuthola kanjani umsebenzi futhi uwulondoloze, bheka i-Phaphama! ka-July 8, 2005, amakhasi 3-11.

[Ibhokisi ekhasini 5]

Ukuphikelela Kuyazuzisa!

Ngemva kwamasonto amaningi efuna umsebenzi engawutholi, uFred waba nomuzwa wokuthi wonke amathuba okuthola umsebenzi ayevalekile. Uthi: “Kwakunjengokulinda esitobhini sebhasi ukuba othile azokulanda kodwa angafiki.” UFred wanquma ukulawula lokho ayengase akwazi ukukulawula—izenzo zakhe. Wathumela izicelo zomsebenzi kuzo zonke izinkampani ngisho nakulezo okwakubonakala zingawadingi amakhono ayenawo. Wayelandelela zonke izimpendulo futhi elungiselela kahle isikhathi ngasinye lapho eyohlolelwa umsebenzi, eqiniseka ngokuthi “amacebo okhuthele ayamzuzisa.” (IzAga 21:5) UFred uthi, “Kwenye inkampani, abaphathi bangihloma imibuzo amahlandla amabili.” Kodwa ukuphikelela kukaFred kwaba nomvuzo. Uthi, “Ngaqashwa!”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Okubaluleke Kakhulu Kunomholo

Yini ebaluleke kakhulu—indlela oziphatha ngayo noma umholo? Cabanga ngezaga ezimbili zeBhayibheli.

“Ungcono onokuncane ohamba ngobuqotho bakhe kunoyisigwegwe ezindleleni zakhe, nakuba ecebile.”—IzAga 28:6.

“Singcono isidlo semifino lapho kukhona khona uthando kunenkunzi ekhuluphalisiweyo ehambisana nenzondo.”—IzAga 15:17.

Kuyacaca ukuthi ukuziphatha komuntu ngobuqotho nokubaluleka kwakhe akulinyazwa ukuswela imali. Ngakho, lapho umyeni kaRenée elahlekelwa umsebenzi, uRenée watshela abantwana bakhe ukuthi: “Obaba abaningi bayilahlile imikhaya yabo. Kodwa uyihlo akanishiyanga. Niyazi ukuthi unithanda kangakanani futhi unisize kuzo zonke izinkinga zenu. Akekho ubaba ongcono kunaye!”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela