Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/10 k. 3
  • “Uphelile Umsebenzi”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Uphelile Umsebenzi”
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthola Induduzo “Esigodini Sethunzi Lokufa”
    I-Phaphama!—1998
  • “Ningakhathazeki Ngekusasa”
    I-Phaphama!—2010
  • Inhlupho Yokuntuleka Kwemisebenzi
    I-Phaphama!—1996
  • “Ingisiza Ukuba Ngifinyelele Izinhliziyo Zabantu”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 7/10 k. 3

“Uphelile Umsebenzi”

ABAPHATHI babembiza ngoFantastic Fred (uFred Okhuthele).a Phakathi neminyaka eyisithupha esebenzela le nkampani, amacebo akhe ayeyongele imali eningi. Ngakho lapho ebizelwa ehhovisi lomphathi, uFred wayelindele ukuthi uzokhushulelwa iholo noma uzokhushulelwa esikhundleni esithé xaxa. Esikhundleni salokho, umphathi wavele wathi, “Uphelile umsebenzi.”

Akazange akholwe uFred. Uthi, “Ngangihola kahle kakhulu futhi ngiwujabulela umsebenzi wami, kodwa ngomzuzu nje konke kwaphela nyá.” Kamuva, lapho uFred etshela umkakhe u-Adele ngalokho okwakwenzekile, naye washaqeka. Uyakhumbula, “Ngavele ngoma. Ngazibuza, ‘Sizokwenzenjani manje?’”

Okwenzeka kuFred kuye kwenzeka nakwezinye izigidi zabantu, njengoba ishadi elikulesi sihloko libonisa. Kodwa, izibalo azibuvezi ubuhlungu obukhulu obungokomzwelo bokuphelelwa umsebenzi. Cabanga ngoRaúl owathuthela eNew York City esuka ePeru, wabe esedilizwa emsebenzini ngemva kweminyaka engu-18 esebenza ehhotela elikhulu. Wawufuna umsebenzi kodwa wangawuthola. Uthi, “Kwase kuphele iminyaka engaba ngu-30 ngondla umkhaya wami. Kodwa manje ngangizizwa ngiyisehluleki.”

Lokhu okwehlela uRaúl kuveza iqiniso abantu abangasebenzi abalazi kahle kamhlophe—ukuthi ukulahlekelwa umsebenzi akubangeli nje izinkinga ezingokwezimali kuphela. Ngokuvamile, kuhlukumeza umuntu ngisho nangokomzwelo. URenée, okwase kuphele iminyaka engaphezu kwemithathu umyeni wakhe uMatthew engasebenzi, uthi: “Ngaqala ukuzizwa ngingento yalutho. Uma ungenalutho, abantu bakuphatha njengomuntu ongento yalutho, futhi nawe ngokushesha uqala ukuzibheka ngendlela abakubheka ngayo.”

Njengokungathi abenele ubuhlungu obungokomzwelo, umuntu ngamunye ophelelwa umsebenzi ubhekana nenye inselele yokuphila ngokuncane. UFred uthi, “Lapho sisenemali sasingakucabangi ukunciphisa izindleko. Kodwa lapho kudingeka sikhokhele izindleko ezifanayo nakuba singasasebenzi, yayingekho into esingayenza ngaphandle kokwenza ukuphila kwethu kube lula.”

Lapho usafuna umsebenzi, kufanele ubhekane nokukhathazeka ngokwengqondo nangokomzwelo okubangelwa ukungasebenzi. Kungase kudingeke nokuba uphile ngokuncane. Okokuqala, ake sicabangele izinyathelo ezimbili ezisebenzayo ongazithatha ukuze ubhekane nezinselele ezingokomzwelo.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulolu chungechunge ashintshiwe.

[Igrafu ekhasini 3]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Inani Labantu Ababengasebenzi Ngo-2008 Emazweni Amathathu Nje kuphela

EJapane 2 650 000

ESpain 2 590 000

E-United States 8 924 000

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela