Indlela Ongasilawula Ngayo Isikhathi Sakho
“Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.” —UmShumayeli 3:1.
UKUZE uthole isikhathi sezinto ezibalulekile, kudingeka wazi ukuthi yiziphi lezo zinto. Lokho kuyoba lula uma uziqonda kahle izinto ezibalulekile kuwe, imigomo yakho nezinto ezisekela leyo migomo ngokuqondile.
Ngakho-ke, ake uqale ngokunquma ukuthi iziphi izinto ezibalulekile kuwe. Ungase uzame ukubhala zonke izinto ezibalulekile ozicabangayo, njengomndeni, abangane, ukuzikhandla emsebenzini, imfundo, impumelelo, ubuhle, imali, injabulo, umshado, umusa, ukuba umqemane nengokomoya lakho. Yibe usuzibuza, ‘Yiziphi kulezi zinto ezibaluleke kakhulu kimi?’
Ngemva kwalokho, cabanga ngayo yonke imigomo ongathanda ukuyifinyelela ekuphileni. Uyini umahluko phakathi kwezinto ezibalulekile nemigomo? Kule ngxoxo, singase sithi izinto ezibalulekile zihlale zikhona, kanti imigomo kungathiwa isifinyelelwe ngemva kwesikhathi esithile.
Imiphi imigomo ongase uzibekele yona? Ingabe ufuna ukuchitha isikhathi esithé xaxa nomndeni wakho? Ukuthola umsebenzi ongcono? Ukuthuthukisa ikhono lakho emsebenzini wokuzilibazisa owuthandayo? Ukuthola omunye? Ukuhlakulela imfanelo ethile? Ukuya eholidini? Ukufunda incwadi? Ukubhala incwadi?
Okulandelayo, nquma ukuthi imiphi kule migomo ebaluleke ngempela kuwe. Qiniseka ukuthi iyavumelana nezinto ezibalulekile kuwe. Ngokwesibonelo, uma uzibekela umgomo wokuba inginga, cishe uzozidalela inkinga.
Manje, emigomweni ozibekele yona, cabanga ngezinto ongazenza ukuze uyifinyelele. Ngokwesibonelo, uma omunye wemigomo yakho uwukunciphisa umzimba, ukuwuvocavoca kungakusiza ukuze kwenzeke lokho.
Kungakusiza Kanjani Ukwenza Lokhu?
Uma imigomo yakho ihambisana nezinto ezibalulekile kuwe futhi wenza izinto ezizokwenza uyifinyelele imigomo yakho, ukuphila kwakho kuyohleleka. Uyochitha isikhathi esiningi wenza izinto ezibalulekile kuwe. Yiqiniso, lokho akusho ukuthi kufanele ungazinaki izidingo nezifiso zabanye. (Filipi 2:4) Kusho ukuthi uyokwazi kangcono ukubona nokwenqaba amathuba angahambisani neze nalokho okubaluleke ngempela kuwe.
Kuyavunywa, ziyoba khona izinselele. Ezinye izinto zingase zingabaluleki kangako kodwa kudingeke ukuba uzenze. Lezi zinto zingase zidle lonke usuku lwakho, zishiye isikhathi esincane noma zingasishiyi nhlobo isikhathi sezinto ezibaluleke kakhulu kuwe. Kungase kuphakame izimo eziphuthumayo. Futhi izinguquko ekuphileni kwakho zingase ziphazamise isimiso sakho. Ngokuthatha izinyathelo ezingokoqobo zokuchitha isikhathi esengeziwe ezintweni ezibalulekile, uyokwazi ukulawula kakhudlwana indlela osebenzisa ngayo isikhathi nokuphila kwakho.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]
INGABE IMISHINI YOBUCHWEPHESHE INGASONGA ISIKHATHI?
Abanye ibongela isikhathi kanti abanye ibachithela isikhathi. Ngokwesibonelo, umshini okuthiwa i-personal digital assistant, noma i-PDA, ungase ube nekhalenda, izinombolo zocingo namakheli, izinhlu zezinto okufanele uzenze, indawo yokubhala amaphuzu, ikhamera, futhi uyakwazi ukuvula i-e-mail noma i-Internet. Ungasebenzisa lo mshini ukuze wonge isikhathi uma ugcina ukwaziswa okukuwo kunembile futhi uwuphatha njalo. Kodwa-ke, ungachitha isikhathi kalula uma ungena uphuma ezingosini ngokungenanjongo, uwuchofachofa, noma ushintshashintsha indlela osebenza ngayo noma uthenga izinto ezingadingekile noma uwuvumela ukuba uphazamise ubuhlobo noma imithwalo yemfanelo ebalulekile.
Icebiso: Cwaninga ngaphambi kokuba uthenge. Uma umshini wobuchwepheshe uba nezinkinga njalo, kuyodingeka isikhathi esiningi sokuwulungisa. Ngaphandle kwalokho, noma imuphi umshini wobuchwepheshe uxhomeke kowusebenzisayo ukuze usebenze kahle. Ngakho uma unawo, usebenzisele ukonga isikhathi, hhayi ukusichitha.
[Isithombe ekhasini 4, 5]
Ungasenza yini isikhathi sezinto ezibalulekile?