Ingabe Udinga Isikhathi Esithé Xaxa?
UMA ukhethe impendulo yesibili noma yesithathu kaningi emibuzweni engenhla, cishe uyasidinga isikhathi esithé xaxa. Kodwa awuwedwa. Cishe yonke indawo abantu baphoqekile ukuba benze lokho okufanele kwenziwe—futhi kungenzeka lokho akuhlangene nhlobo nalokho okubaluleke ngempela kubo. Kunalokho, kungenzeka kungenxa yokuhlangabezana nezidingo zangaleso sikhathi—ukulungisa imoto, ukujabulisa umqashi nokusingatha iziphazamiso ezingalindelekile. Njengoba uxazulula inkinga ngemva kwenye, ungase ube nomuzwa wokuthi awukwazi ukulawula indlela osebenzisa isikhathi sakho ngayo. Ungaze ube nomuzwa wokuthi ukuphila kushesha ngendlela ongayijabuleli.
Ngokuqinisekile uzitshela ukuthi lokhu kuyinto yesikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi izimo zizodamba futhi uzoba nesikhathi sokugxila ezintweni ezibaluleke ngempela kuwe—izinto ezikwenza waneliseke wena nomkhaya wakho nabanye. Kodwa nini? Ingabe uzosithola isikhathi namuhla? Kuleli sonto? Ngenyanga ezayo?
Empeleni, cishe izimo ngeke zidambe. Kodwa kukhona ongakwenza ukuze uthole isikhathi osidingayo. Ungakwenza kanjani lokho?
[Ibhokisi ekhasini 3]
Uvame kangakanani ukuba nesikhathi sokwenza izinto ezibaluleke ngempela kuwe?
◯ Nsuku zonke
◯ Ngezimpelasonto
◯ Angisitholi nhlobo
Phakathi nosuku nje oluvamile, ingabe
◯ Wenza lokho obuhlele ukukwenza?
◯ Ulandela isimiso ongenakusiguqula esiphazamisa lokho okuhlelile?
◯ Umane usukumele phezulu kungakhathaliseki ukuthi yini okudingeka yenziwe?
Phakathi nosuku nje oluvamile, ingabe uzizwa
◯ Unamandla okulawula izinto?
◯ Ucindezeleka ukwenza izinto ezingaphezu kwamandla?
◯ Umatasa ngokweqile?
Ekupheleni kosuku, ingabe usuke
◯ Usuzenzile izinto ezibalulekile?
◯ Usuwuqedile umsebenzi obalulekile, kodwa ube ungawenzanga kahle?
◯ Ungasitholanga isikhathi sokwenza izinto ezibaluleke ngempela?
Uvame ukuzizwa kanjani ekupheleni kosuku?
◯ Wanelisekile futhi ugculisekile
◯ Ungento yalutho, ukhathele futhi ukhandlekile
◯ Ukhungathekile