Sika Le Ngxenye Uyigcine Kahle
Izindlela Ezingu-20 Zokuzenzela Isikhathi Esithé Xaxa
“Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha . . . , nizithengela ithuba.”—Kolose 4:5.
LAPHO usuzitholile izinto ofuna ukuzenza ngesikhathi sakho, inselele iwukubona ukuthi ungakwazi yini ukuzenza ngokoqobo, ungagcini nje ngokuba nethemba lokuthi zingenzeka. Ukusikisela okulandelayo kungase kukusize ukuba wenze kanjalo.
1 YIBA NOHLU LWEZINTO OKUFANELE UZENZE USUKU NGALUNYE. Hlela izinto ngokwendlela ozozenza ngayo. Phawula izinto okufanele uchithe isikhathi esithé xaxa kuzo. Faka uqhwi entweni ngayinye osuyiqedile. Izinto ongaqedanga ukuzenza zidlulisele ohlwini lwangakusasa.
2 VUMELANISA AMAKHALENDA AKHO. Ungazifaki engozini yokukhohlwa ukwenza okuthile ngoba nje ukubhalé kwelinye ikhalenda. Uma unekhalenda kuyi-computer yakho kanti unenye emshinini wobuchwepheshe ophathwayo, qiniseka ukuthi ayavumelana.
3 BHALA “UHLELO LOKWENZA” IZINTO oluqukethe zonke izinyathelo ezihilelekile ekwenzeni okuthile, bese uhlela lezi zinyathelo ngokulandelana kwazo.
4 KWENZE UMKHUBA UKUBEKA IMISEBENZI EBALULEKILE KUQALA. Kuyoba lula ukuthola isikhathi sezinto ezingabalulekile kangako.
5 ZIBEKELE IMIGOMO ONGAYIFINYELELA KALULA. Kunamathuba amahle okuthuthukisa ikhono lakho emsebenzini othile kunethuba lokuba ube umongameli wenkampani ozisungulele yona.
6 KWAMUKELE UKUTHI NGEKE UBE NASO ISIKHATHI SOKWENZA YONKE INTO. Khetha imisebenzi enemiphumela ebaluleke kakhudlwana. Kuthiwani ngeminye imisebenzi ephuthumayo noma okufanele uyenze nakanjani? Uma ungenakuyisusa phambi kwakho noma uyinike abanye abantu, hlola ukuthi ngeke yini uchithe isikhathi esincane kuyo. Eminye imisebenzi engabalulekile ingalinda izinyangana uma kudingeka, noma kungase kungadingeki nhlobo ukuba uyenze. Chitha isikhathi esiningi ngangokunokwenzeka ezintweni ezihlobene nalokho onomuzwa wokuthi kubaluleke ngempela ekufinyeleleni imigomo yakho.
7 BHALA ISIKHATHI OSICHITHA KULEYO MISEBENZI. Ukuze uthole ukuthi usisebenzisa kanjani isikhathi sakho, bhala lokho okwenzile isonto elilodwa noma amabili. Ingabe uchithé isikhathi esiningi ezintweni ezingabalulekile? Ingabe njalo uphazanyiswa umuntu oyedwa noma ababili abafanayo? Ingabe kunethuba lokuba uphazanyiswe ngesikhathi esithile sosuku noma sesonto? Khipha izinto eziyisiphazamiso ezidla isikhathi.
8 NCIPHISA UHLU LWALOKHO OZOKWENZA. Uma uhlela ukuyothenga ukudla, ukulungisa imoto, ukubungaza abangane, ukubukela ibhayisikobho nokufunda incwadi ethile—konke phakathi nosuku olulodwa—uyozizwa ucindezelekile futhi cishe akukho oyokujabulela.
9 NCIPHISA IZIPHAZAMISO. Usuku ngalunye yiba nesikhathi ongafuni ukuphazanyiswa ngaso ngaphandle kwalapho kuyinto ephuthuma ngempela. Uma kungenzeka, vala ucingo phakathi naleso sikhathi. Vala nemiyalezo ezivulekelayo uma ivame ukukuphazamisa emsebenzini.
10 HLELA UMSEBENZI ONZIMA KAKHULU NGESIKHATHI SOSUKU LAPHO USENAMANDLA NOMDLANDLA.
11 YENZA IMISEBENZI ONGAYIJABULELI NGOKUSHESHA NGANGOKUNOKWENZEKA. Uma usuyiqedile, uyozizwa unomdlandla wokwenza imisebenzi engenzima kangako.
12 ZINIKE ISIKHATHI SOKUSINGATHA IZIMO EZINGALINDELEKILE. Uma unomuzwa wokuthi ungafika endaweni ethile ngemizuzu engu-15, thembisa ukuthi uzofika emizuzwini engu-25. Uma ucabanga ukuthi ukuba sendaweni ethile kuzokuthatha ihora, zinike ihora nemizuzu engu-20. Shiya ingxenye ethile yosuku lwakho ingenazinto okufanele uzenze.
13 SEBENZISA ISIKHATHI ESITHOLAKALA PHAKATHI NEMISEBENZI ETHILE. Lalela izindaba noma okuthile okuqoshiwe ngesikhathi ushefa. Funda incwadi lapho usalinde isitimela noma usahamba ngaso. Kuyiqiniso ukuthi ungasisebenzisela ukuphumula leso sikhathi. Kodwa ungadlali ngaso bese uzisola kamuva.
14 SEBENZISA ISIMISO SIKA-80/20.a Ingabe imisebenzi engaba mibili kweyishumi esohlwini lwakho ibaluleke ngempela? Kungenzeka yini ucishe uwuqede umsebenzi othile uma unakekelé izici zawo ezibalulekile?
15 UMA UNOMUZWA WOKUTHI UMSEBENZI UNGAPHEZU KWAMANDLA, bhala umsebenzi ngamunye ekhadini. Yibe usuhlukanisa la makhadi abe amaqoqo amabili: “Umsebenzi Wanamuhla” kanye nelithi “Umsebenzi Wakusasa.” Ngakusasa, yenza okufanayo.
16 ZINIKE ITHUBA ‘LOKUVUSELELA AMANDLA.’ Ukubuyela emsebenzini ingqondo nomzimba kuqabulekile kungase kube usizo kakhulu kunokuchitha isikhathi eside usebenza.
17 KUBHALE PHANSI LOKHO OKUCABANGAYO. Yibhale phansi inkinga, uchaze ukuthi kungani ikukhathaza, bese ubhala izisombululo eziningi ngangokunokwenzeka ozicabangayo.
18 UNGALINDELI UKUPHELELA. Yazi ukuthi kufanele uyeke nini bese udlulela emsebenzini olandelayo obalulekile.
19 SEBENZA NJENGOMUNTU OCHWEPHESHILE EMSEBENZINI WAKHE. Ungalindi kuze kube ilapho usuzizwa usesimweni esikahle. Vele uqale umsebenzi.
20 VUMELANA NEZIMO. Lokhu kuwukusikisela, hhayi umthetho. Zama izinto ezihlukahlukene, uthole ukuthi yini ephumelelayo, bese uvumelanisa okucabangayo nezimo kanye nezidingo zakho.
[Umbhalo waphansi]
a Lo mqondo usekelwe ngokuyinhloko ocwaningweni lukasomnotho wase-Italy wekhulu le-19 uVilfredo Pareto futhi waziwa ngokuthi isimiso sikaPareto. Sihilela umqondo wokuthi ngokuvamile imiphumela engamaphesenti angu-80 itholakala ngokwenza umzamo ongamaphesenti angaba ngu-20. Lesi simiso siye sasetshenziswa ezintweni eziningi, kodwa nasi isibonelo esilula: Uma uhlanza ukhaphethi nge-vacuum cleaner, cishe amaphesenti angu-80 okungcola okutholayo asengxenyeni engamaphesenti angu-20 kakhaphethi, okuwukuthi, ezindaweni abantu abahamba kakhulu kuzo.