Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda IzEnzo 10:9-48. Manje bheka lesi sithombe. Yiziphi izinto ezingekho kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi, bese udweba izinto ezingekho.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Ucabanga ukuthi yisiphi isifundo uJehova ayesifundisa uPetru? UMKHONDO: Funda IzEnzo 10:28, 34, 35. Ungabonisa kanjani ukuthi ufunde okuthile endabeni kaPetru lapho usebenzelana nabantu bezinye izinhlanga noma amasiko?
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 9 Yini abantu abangeke bayithole? UmShumayeli 3:․․․
IKHASI 10 Umhlaba unikwe obani? IHubo 115:․․․
IKHASI 13 Ukuze sijabule, yini okufanele siyiqaphele? Mathewu 5:․․․
IKHASI 19 Ashafa nini amacebo? IzAga 15:․․․
Yini Oyaziyo NgoMahluleli USamsoni?
Funda AbaHluleli 13:1–16:31. Manje phendula imibuzo elandelayo.
4. ․․․․․
Wayengowasiphi isizwe?
5. ․․․․․
Wakhulula u-Israyeli kusiphi isizwe?
6. ․․․․․
Iqiniso noma amanga? Waphila ngaphambi kukamprofethi uSamuweli.
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uSamsoni ayenamandla kangaka?
UMKHONDO: Funda amaHebheru 11:32-34.
Iyiphi ingxenye endabeni kaSamsoni oyithande kakhulu, futhi kungani?
◼ Izimpendulo zisekhasini 22
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Azikho izidalwa ezinezinyawo ezine.
2. Azikho izinto ezinwabuzelayo.
3. Azikho izinyoni.
4. SakwaDani.—AbAhluleli 13:2-5.
5. SamaFilisti.—AbAhluleli 13:1.
6. Amanga.