Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/09 k. 32
  • Wakumela Lokho Akukholelwayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wakumela Lokho Akukholelwayo
  • I-Phaphama!—2009
I-Phaphama!—2009
g 12/09 k. 32

Wakumela Lokho Akukholelwayo

◼ Phakathi nesikhathi samaholidi amuva nje, umfundi webanga lokuqala oneminyaka engu-7 uMorgan, wacelwa ukuba afunde indaba eyayikhuluma ngoKhisimusi. UMorgan watshela uthisha ukuthi wayenomuzwa wokuthi ukugubha lolu suku akuhambisani neBhayibheli. Uthisha wakhe ngomusa wamvumela ukuba afunde enye indaba eyayingeke ilimaze unembeza wakhe.

Ngokuhamba kwesikhathi, kwaba nomcimbi wokuklomelisa abafundi esikoleni futhi umkhaya wakubo kaMorgan wacelwa ukuba ube khona. UMorgan wamangala lapho enikezwa umklomelo ngokuba nesibindi sokubambelela ngokuqinile kulokho akukholelwayo. Lapho ebuzwa ukuthi isibindi esingaka usithathaphi, wachaza ukuthi yena nomkhaya wakubo bafunda ndawonye incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enezifundo ezithathwe ekuphileni nasezimfundisweni zikaJesu Kristu.

Le ncwadi enamakhasi angu-256, enezithombe ezinhle, inikeza abazali isisekelo sokuba bajabulele ukuxoxa nezingane zabo. Ihlanganisa izihloko ezithi “Isizathu Sokuba Singawaqambi Amanga,” “Ingabe Wonke Amaphathi Ayamjabulisa UNkulunkulu?” nesithi “Izinto Ezingasisiza Sinqobe Ukwesaba.”

Ungacela ikhophi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini eliboniswe kuso noma ekhelini elifanele kulawo asekhasini 5 lalo magazini.

□ Angizibophi, kodwa ngicela ningilethela ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Bonisa ulimi.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela