Ukubuka Okwezwe
◼ “Cishe ingxenye eyodwa kwezintathu zamantombazane e-United States ikhulelwa ngaphambi kokufinyelela iminyaka engu-20.”—I-CENTERS FOR DISEASE CONTROL AND PREVENTION, E-U.S.A.
◼ Ucwaningo lwase-U.S. olwenziwa emadodeni angu-420 “ayizisulu zobudlova basekhaya” lwathola ukuthi, “cishe amathathu kwayishumi aseke ashaywa noma ahlukunyezwa ngandlela-thile.”—I-AMERICAN JOURNAL OF PREVENTIVE MEDICINE.
Zingazifunda Yini Izilimi Eziningi?
Abazali abaningi bayesaba ukuthi ukufundisa izingane olunye ulimi kungase kukhinyabeze ikhono lazo lokukhuluma ulimi lwakubo. Kodwa akunjalo, ngokusho kweqembu labacwaningi eliholwa yisazi sokusebenza kwezinzwa uLaura-Ann Petitto waseToronto, eCanada. UPetitto uthi: “Amangqamuzana engqondo ozalwa nawo . . . akulungele ukufunda ulimi, futhi angafunda izilimi eziningi.” Esikoleni, izingane ezikhuluma izilimi ezimbili ngokuvamile ziphumelela kangcono kunezikhuluma olulodwa. Kodwa, i-Toronto Star ithi, “abazali kufanele bahole ekufundiseni izingane ulimi lwesibili uma befuna zithole zonke izinzuzo ezihambisana nokukwazi ukukhuluma izilimi ezimbili.”
Izithombe Ezingcolile Ziyazilimaza Izingane
Izingane zibona izithombe ezingcolile nezinobudlova obuyingozi kuma-video akuyi-Internet zisencane kakhulu. Ngokukasihlalo we-German Association of Philologists uHeinz-Peter Meidinger, abafana abaneminyaka engu-12 nangaphezulu ngokuvamile bayazi ukuthi ungazithola kanjani futhi kuphi izingosi ezinobudlova obedlulele nezithombe ezingcole ngokwedlulele. Nakuba izingane zingase zibonakale ziqinile futhi zingathinteki, eziningi ziyashaqeka ngaphakathi futhi ziphazamiseke lapho zizibuka. UMeidinger unxusa abazali ukuba babe nesithakazelo sokwazi ukuthi yini esezingqondweni nakuma-computer ezingane zabo.
Ukuhlela Isehlukaniso
Inani eliphakeme labantu base-Australia lisayina izivumelwano ezingokomthetho ngaphambi komshado ezibopha abazoshada nabo ukuba bafinyelele izinga elithile lokuphila, kubika iphephandaba laseSydney i-Sunday Telegraph. Lezi zivumelwano zangaphambi komshado ziyizivumelwano ezichaza indlela umbhangqwana oyohlukaniselana ngayo impahla yawo uma kwenzeka uhlukana. Izivumelwano eziningi manje zisho ngokuqondile indlela yokuphila ngamunye kwabashadayo okufanele aphile ngayo ukuze umshado uphumelele. Imidanti yesivumelwano ingase ichaze ukuthi ubani ophekayo, ohlanzayo, oshayelayo ngisho nokuthi izilwane zingaba khona yini, ukuthi ngamunye kwabashadile kufanele abe nomzimba ongakanani, ubani ozohamba nenja lapho elula izinyawo kuhlanganise nokuthi ubani olahla udoti. Ummeli uChristine Jeffress uphawula ukuthi abantu “banethemba elincane lokuthi umshado wabo uyohlala phakade.”
Abazali Bayehluleka Ukubonisa Uthando
Umagazini wasePoland i-Newsweek Polska uthi: “Siyanda isibalo sabazali abadinga incwadi yeziqondiso ngendlela yokuphatha abantwana babo, njengoba kuthiwa abakwazi ukubabonisa uthando olungokwemvelo.” Abazali kufanele bafundiswe izinto eziyisisekelo, ezinjengokubanga abantwana, ukudlala nabo nokucula nabo. Lezi zinto zibalulekile ekukhuleni kwabantwana ngendlela efanele. Nokho, ucwaningo lubonisa ukuthi “phakathi kwemindeni yasePoland, ukubuka ithelevishini nokuyothenga kuthatha indawo yokuqala kunezinye izindlela ezivamile abazali abachitha ngazo isikhathi nezingane zabo.” Ukudlala nazo kwaba sendaweni yesithupha.