Ukubuka Okwezwe
◼ “Izinhlekelele ezingu-9 kweziyishumi manje zibangelwa yisimo sezulu. Izinhlekelele seziphindeke kabili kusukela kwezingu-200 ngonyaka zafinyelela kwezingaphezu kuka-400 emashumini eminyaka amabili edlule.”—UJOHN HOLMES, WE-UNITED NATIONS UNDER-SECRETARY-GENERAL FOR HUMANITARIAN AFFAIRS AND EMERGENCY RELIEF COORDINATOR.
Amalungelo Abantu Bomdabu
ISimemezelo SeZizwe Ezihlangene Samalungelo Abantu Bomdabu, esenziwa ngo-2007, sesihunyushelwe olimini lwesiMaya nolwesiNahuatl, izilimi zabomdabu ezikhulunywa kakhulu eMexico. Iphephandaba i-El Universal lithi: “Okungenani abantu abayizigidi eziyishumi [baseMexico] abawazi amalungelo abo. Ngakho-ke, ngokuvamile bavele bangazi ukuthi bayizisulu zokuphathwa kabi.” Lathi, ukuhunyushwa kwalesi simemezelo, kuzoba yithuluzi lokusiza laba bantu ukuba amalungelo abo ayisisekelo ahlonishwe.
Ukudayisa Ngobuntombi
Ukuzimisela kwentsha ethile yasePoland ukuba iye ocansini okokuqala ngqa ngenxa yemali kuyazishaqisa izazi zokuhlalisana kwabantu, kubika umagazini i-Newsweek Polska. Isazi sokusebenza kwengqondo uJacek Kurzępa, wase-University of Zielona Góra uthi: “Umyalezo omfushane ofinyelela entsheni yonke indawo uthi: yonke into iyadayisa.” Iyanda intsha eze ifake ubuntombi bayo endalini nge-Internet. Kodwa, umphumela wokwenza kanjalo kwentsha mubi kakhulu. UKurzępa uthi: “Leso sinqumo siba nomthelela kukho konke ukuphila [kwalowo muntu] nasebuhlotsheni bakhe nalowo ayothandana naye ngesikhathi esizayo.”
I-Amazon Yake Yaba Yisikhungo Sempucuko
Izindawo ezinkulu eziseningizimu ye-Amazon okuthiwa zingamahlathi angakaze athintwe kungenzeka zake zaba nomphakathi wabantu basemadolobheni “ayebiyelwe ngezindonga ezinkulu.” Lesi siphetho safinyelelwa yisazi semvelaphi nokuhlalisana kwabantu esasisebenza eMato Grosso, eBrazil. Kule ndawo bathola “amadolobha abiyelwe nemizi” okwase kumbozwe amahlathi amakhulu emvula angaba amakhilomitha-skwele angu-30 000. Amanye kula madolobha ayengamahektare angu-60. Umbiko we-University of Florida, okuyizazi zayo ezathola le ndawo, uthi kubonakala sengathi kwahlalwa kule ndawo “kusukela ngawo-1250 kuya ku-1650, lapho kufika abantu baseYurophu abathuthela kule ndawo nezifo ezabulala iningi labantu ababehlala lapho.”
Usizo Lwezitshalo Ekululameni Ngemva Kokuhlinzwa
Sekuyisikhathi eside kucatshangwa ukuthi ukuba seduze nendalo kunciphisa ukucindezeleka, kukwenze ube nethemba futhi kudambise izinhlungu. Ucwaningo lwamuva luyakuqinisekisa lokho. I-Science Daily iyachaza: “Kwafakwa iziguli emagunjini ezibhedlela anezitshalo nangenazo phakathi nenkathi yokululama ngemva kokuhlinzwa. Iziguli ezazisemagumbini anezitshalo zazingazizwa kakhulu izinhlungu, futhi zazidinga isilinganiso esincane semithi yokudambisa izinhlungu, inhliziyo nomfutho wegazi lazo wawungcono, futhi zazeneliseke kakhudlwana ngamagumbi azo kunezinye. Amaphesenti angu-93 alezo ezazisemagumbini anezitshalo athi zaziyizinto “ezikhuthaza kakhulu” emagumbini azo.