Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Ingane Yakithi Izibulele? (June 2008) Ngaphambi kokuba ashone, udadewethu omdala wayesephathwe isifo sokucindezeleka iminyaka eyisihlanu. Njengoba ngangilubonile usizi lwakhe ngenxa yalesi sifo, ngacabanga, ‘Yeka ukuphila okudabukisayo!’ Kodwa, isihloko se-Phaphama! sasikisela ukuba sikhumbule izikhathi ezijabulisayo. Lapho ngikhumbula lezi zikhathi, ngaqala ukuba nomuzwa wokuthi “kwakungekhona ukuphila okudabukisayo,” kodwa empeleni kwakujabulisa ngoba zaziziningi izikhathi zenjabulo kunezobunzima.
S. Y., Japan
Intsha Iyabuza . . . Kungani Abazali Bami Bengangethembi? (April 2008) Ngokufunda nangokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ezitholakala kuyi-Phaphama! ngifunde ukuthi ukwakha ukwethenjwa nokuvuthwa kufana nezitebhisi ezikhuphukayo, hhayi nje umnyango ovele ungene kuwo. Ukuze nginikwe inkululeko eyengeziwe, kwakufanele ngibabonise abazali bami ukuthi ngiyayifanelekela. Kwakudingeka ukuba ngiqede imisebenzi yami yasekhaya neyesikole. Nginibonga kakhulu ngezihloko ezinjengalezi.
T. L., United States
Ukuphila Nobu-albino (July 2008) Njengomuntu onalesi sifo, ngaqale ngakujabulela ukubona lesi sihloko. Kodwa, akungijabulisanga ukubona igama elithi “albino” lisetshenziswa kaningi kulesi sihloko. Ngoba ezikhathini eziningi liye lasetshenziswa ngokwedelela nangendlela enenzondo kubantu abanalesi sifo.
A. L., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Siyaxolisa kakhulu ngosizi lokhu okungenzeka kuye kwalubangela kubafundi bethu. Ukusebenzisa kwethu leli gama elithi “albino” kuthathwe endleleni elisetshenziswa ngayo emkhakheni wezokwelapha. Kodwa, siyavuma ukuthi abanye baye balisebenzisa ngendlela elimazayo. Ngakolunye uhlangothi, abantu abaningi abanalesi sifo bayalamukela leli gama futhi akubaphathi kabi ukusetshenziswa kwalo. Kwakungeyona neze injongo yethu ukulimaza noma ubani.
Ngiyanibonga ngokubhala lesi sihloko, ngoba nami ngiyi-albino njengoJohn. Ngikwazise kakhulu ukufunda isihloko esiyiqiniso, esinengqondo nesifundisayo ngobu-albino. Ngenxa yalokho, abangane bami sebesiqonda kangcono isimo sami.
T. M., United States
Uthando Olunamandla Kunesiphepho! (August 2008) Izihloko ezinjengalesi zingikhumbuza ukuba ngingakhathazeki ngekusasa kodwa ngithembele kuNkulunkulu. Eminyakeni emithathu edlule ngaboniswa uthando lobuzalwane lapho izikhukhula zidiliza indlu yabazali bami abangakholwa. OFakazi BakaJehova bebandla elikule ndawo basheshe bafika bezobasiza. Ngimbonga kakhulu uJehova ngokuthi ngiyingxenye yenhlangano yakhe.
D. W., Poland
Izimangaliso Zommbila (August 2008) Umndeni wakithi watshala ummbila esivandeni semifino, kodwa asitholanga nesisodwa isikhwebu esasinezinhlamvu ezilinganayo. Manje ngenxa yalesi sihloko, sesiyasazi isizathu. Sasikwaze ukutshala izinhlamvu eziyisihlanu noma eziyisithupha kuphela, ngakho-ke zazingayitholanga impova eningi ngendlela okwenzeka ngayo ensimini enkulu. Ngonyaka odlule, ngokufaka kahle impova emucwini ngamunye “wenkoza,” sakwazi ukuvuna ummbila omnandi onoshukela futhi nezikwebu ezinezinhlamvu ezilinganayo. Siyabonga kakhulu.
R. W., Japan