Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/09 k. 28
  • Insika Phezu Kolwandle

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Insika Phezu Kolwandle
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umthandazo Uwufanele Umzamo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ulwandle Olumangalisayo—Kodwa Olufile!
    I-Phaphama!—2008
  • Lindela UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Dumisani UJehova UNkulunkulu Wethu!
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 9/09 k. 28

Insika Phezu Kolwandle

◼ Wake wasibona isishingishane sasolwandle? Ngo-December 25, 2005, kwasuka isishingishane sasolwandle ngasogwini lwaseTahiti. Kwaphela imizuzu engu-30, kunomoya onamanzi owawakhe into enjengefanela ende phakathi kolwandle nesibhakabhaka. Sashintsha kancane kancane saba mhlophe futhi sanyamalala.

Ngezinye izikhathi izishingishane zasolwandle zibizwa nangokuthi iziphepho eziphezu kwamanzi, kodwa zivame ukungabi namandla njengeziphepho ezinkulu. Ngokuvamile ziba khona imizuzu eyishumi, nakuba ezinye ziqhubeka isikhathi esingangehora. Ngenxa yokuthi zakheka olwandle, ozibonayo usuke ezibone ngenhlanhla. Lokhu kwenza kube nzima ngababikezeli besimo sezulu ukuziqonda ngokugcwele. Ngokwemibiko kuthiwa zenza umsindo omkhulu ocishe ufane nowesitimela esithwala izimpahla.

Lapho echaza ukucindezeleka kwakhe okukhulu okungokomzwelo, umhubi waseBhayibhelini wabhala: “Utwa lwamanzi lubiza utwa lwamanzi lapho kuzwakala umsindo wezimpophoma zakho.” (IHubo 42:7) Nakuba singeke sisho ukuthi umhubi waseBhayibhelini wayekhuluma ngohlobo olufanayo lwesishingishane, kungenzeka ukuthi yilesi simanga esasiyichaza kahle imizwa yakhe. Wathi umphefumulo wakhe ‘wawuphelelwe yithemba’ futhi “uyaluza” ngaphakathi kuye. Noma kunjalo, wathola induduzo evela kuNkulunkulu wakhe. “Linda uNkulunkulu,” etshela umphefumulo wakhe, “ngoba ngisazomdumisa njengensindiso yami enkulu nanjengoNkulunkulu wami.”—IHubo 42:11.

Nathi njengomhubi, singase sibhekane nezinkinga ezingase zifane nezishingishane ezinjengesiphepho phezu kolwandle. Kodwa uma silinda uNkulunkulu, uyozibonakalisa eyinsindiso enkulu kithi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela