Umbono WeBhayibheli
Ingabe Abefundisi Kufanele Baphakanyiswe Kunamakholwa Avamile?
Mfundisi Omkhulu, Mhlonishwa Olungileyo, Baba, Baba Ongcwele, Rabi, Wena Ophakeme, Wena Omuhle Kakhulu, Yena Ocwebileyo, Yena Ongcwele—lezi ezinye zeziqu ezihlukanisa abefundisi bezinkolo ezihlukahlukene kwamanye amakholwa. Ukuhlukaniswa kwabefundisi kwamanye amakholwa kuvamile ezinkolweni eziningi, kodwa ingabe kuwumyalo kaNkulunkulu, noma kuyisiko labantu? Okubaluleke nakakhulu, ingabe uNkulunkulu uyakuvumela?
“ETESTAMENTENI ELISHA nangezikhathi zabaphostoli akukho lapho kukhulunywa khona ngabefundisi noma amakholwa avamile,” kwabhala uprofesa wezifundo zenkolo uCletus Wessels. I-Encyclopedia of Christianity ithi: “Kancane kancane abefundisi baqala ukuphakanyiswa baba yizikhulu kwathi amakholwa aba abantu abavamile nje . . . ‘Amalungu avamile’ esonto aqala ukubhekwa njengabantu abangazi lutho ngoNkulunkulu.” Lokhu kuphakanyiswa kwanda kakhulu ngekhulu lesithathu C.E.—eminyakeni engaphezu kuka-200 ngemva kukaJesu Kristu!
Khona-ke uma ukuhlukaniswa kwabefundisi kwamanye amakholwa kungasekelwe esibonelweni sabaphostoli namanye amaKristu okuqala, ingabe lokho kukwenza kungafaneleki? NgokweBhayibheli, kunjalo. Ake sihlole ukuthi kungani.
“Nonke Ningabafowabo Bomunye Nomunye”
IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi wonke amaKristu akhonza uNkulunkulu njengezikhonzi nokuthi akekho ophakeme noma ophansi phakathi kwawo. (2 Korinte 3:5, 6) Umlobi wezenkolo u-Alexandre Faivre, uthi amaKristu okuqala, ‘ayenamathele kakhulu embonweni wokungahlukaniswa ngezigaba.’ Lokho “kungahlukaniswa ngezigaba” kuvumelana namazwi kaJesu kubafundi bakhe: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.”—Mathewu 23:8.
Kuyavunywa ukuthi amadoda amadala angokomoya ayekhonza njengababonisi, okwakuhlanganisa ukuba abelusi nabafundisi. (IzEnzo 20:28) Kodwa, la madoda ayengaholelwa. Iningi lawo, lalingabantu abavamile abasebenzayo—abayeni nobaba. Ngaphezu kwalokho, ayefanelekela ukukhonza njengababonisi, hhayi ngokuya ezikoleni zenkolo, kodwa ngokuba abafundi abazimisele beZwi likaNkulunkulu nangokuhlakulela izimfanelo ezingokomoya ezifunwa uNkulunkulu. Lezi zimfanelo zazihlanganisa ‘imikhuba enokulinganisela, ukuhluzeka engqondweni, ukuhleleka, ukungenisa izihambi, ikhono lokufundisa, ukucabangela, ukungabi isilwi, ukungabi umthandi wemali, indoda eyengamela umkhaya wayo ngendlela enhle.’—1 Thimothewu 3:1-7.
Isizathu Esenza Kube Ukuhlakanipha Ukunamathela EBhayibhelini
IBhayibheli lithi: “Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiwe.” (1 Korinte 4:6) Ngokudabukisayo, lapho abantu bengasinaki isiqondiso esivela kuNkulunkulu, ngokuvamile umphumela uba ukulimala ngokomoya futhi lokhu kuyiqiniso ngokuphathelelene nokuphakanyiswa kwabefundisi kunamanye amakholwa. Kanjani? Sicela ucabangele amaphuzu ayisithupha alandelayo.
1. Ukuphakanyiswa kwabefundisi kusho ukuthi umuntu kufanele abe nobizo olukhethekile ukuze abe yisikhonzi sikaNkulunkulu. Kodwa, iBhayibheli lithi wonke amaKristu eqiniso kufanele akhonze uNkulunkulu futhi adumise igama lakhe. (Roma 10:9, 10) Uma kuziwa endabeni yokuba umbonisi ebandleni, amadoda angamaKristu ngokuvamile akhuthazwa ukuba alifanelekele lelo lungelo, okuyinto ejwayelekile phakathi koFakazi BakaJehova.—1 Thimothewu 3:1.
2. Ukuhlukaniswa kwabefundisi emakholweni avamile kuyabaphakamisa, okuwubufakazi bokuthi lezi ziqu zenkolo ezokubadumisa. Kodwa, uJesu wathi: “Lowo oziphatha njengomncane phakathi kwenu nonke nguye omkhulu.” (Luka 9:48) Ngokuvumelana nalowo moya wokuthobeka, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi bangabizwa ngeziqu zenkolo.—Mathewu 23:8-12.
3. Isigaba sabefundisi abakhokhelwayo singaba umthwalo omkhulu ngokwezimali emakholweni avamile, ikakhulukazi uma labo befundisi bephila ukuphila kokutamasa. Ngakolunye uhlangothi, ababonisi abangamaKristu banakekela izidingo zabo ezingokwezimali ngokwenza imisebenzi evamile, ngaleyo ndlela bebekela abanye isibonelo esihle.a—IzEnzo 18:1-3; 20:33, 34; 2 Thesalonika 3:7-10.
4. Ngenxa yokuthi umfundisi angase adinge ukusekelwa abanye ngokwezimali, angase alingeke ukuba alulaze isigijimi seBhayibheli ukuze ajabulise amalungu esonto. Empeleni, imiBhalo yabikezela ukuthi lokhu kwakuyokwenzeka. “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe.”—2 Thimothewu 4:3.
5. Ukuhlukaniswa kwabefundisi emakholweni avamile kubangela ukuba abantu bazishiyele kubefundisi izindaba zenkolo, kuyilapho amakholwa avamile emane nje aye ezinkonzweni zamasonto onke. Kodwa, wonke amaKristu kufanele asinake isidingo sawo esingokomoya futhi abe abafundi beBhayibheli abakhuthele.—Mathewu 4:4; 5:3.
6. Uma amakholwa avamile engenalwazi ngeBhayibheli, abefundisi bangawadukisa kalula, baze ngisho bawaxhaphaze. Ngempela, umlando uqukethe izibonelo eziningi zezinto ezinjalo.b—IzEnzo 20:29, 30.
Ukuze balandele isibonelo esibekwe eBhayibhelini ngokuseduze, oFakazi BakaJehova abanabo abefundisi, kodwa banabelusi nabafundisi abangakhokhelwa abakhonza umhlambi kaNkulunkulu ngokuzithandela. Kungani ungaziboneli lokhu ngawakho ngokuvakashela eHholo LoMbuso elisendaweni yakini?
[Imibhalo yaphansi]
a Ngekhulu lokuqala, abanye ababonisi ababehamba izindawo ngezindawo ngezinye izikhathi ‘babephila ngezindaba ezinhle’ ngokwamukela ukungeniswa neminikelo ababephiwa yona ngesihle.—1 Korinte 9:14.
b Lezi zibonelo zihlanganisa ukudayiswa kwentethelelo yezono, iNkantolo Yamacala Ezihlubuki ngisho nokushiswa kwamaBhayibheli ngabefundisi ababefuna ukuvimbela abantu abavamile ukuba bathole iZwi likaNkulunkulu.—Bheka INqabayokulinda, ka-November 15, 2002, ikhasi 27.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
◼ Kufanele babhekane kanjani abantu bakaNkulunkulu bebonke?—Mathewu 23:8.
◼ Yiziphi izimfanelo amadoda angamaKristu okufanele abe nazo ukuze akhonze njengababonisi ebandleni?—1 Thimothewu 3:1-7.
◼ Kungani kungabusisekile kuNkulunkulu ukuphakanyiswa kwabefundisi ?—1 Korinte 4:6.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
Ngokungafani nabefundisi, uJesu waziphatha “njengomncane”