Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 5/22 k. 31
  • Ukubuka Ithelevishini Ngokuqapha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Ithelevishini Ngokuqapha
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Izindlela Zokuyilawula
    I-Phaphama!—2006
  • Lawula Ithelevishini Ngaphambi Kokuba Ilawule Wena
    I-Phaphama!—1991
  • Ingabe Ngibuka Kakhulu ITV?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 5/22 k. 31

Ukubuka Ithelevishini Ngokuqapha

UMBIKO ohlanganiswe yiqembu lezingqapheli e-United States, othi Not in the Public Interest—Local TV News in America, uthi ithelevishini “iwumlandisi wezindaba ohamba phambili, umzanyana nomlolongi wombono womphakathi. I-TV ikuyo yonke indawo . . . Njengentuthu kagwayi, isemoyeni.” Futhi njengoba ukuhogela intuthu kagwayi kuyingozi, ngokufanayo ukuhlala amahora amaningi ubuka izinhlelo ze-TV ngokunganaki kuyalimaza—ikakhulukazi ezinganeni.

Mayelana nobugebengu nobudlova kuyi-TV, lo mbiko ofanayo uphawula ukuthi “imibiko eminingi yocwaningo iye yabonisa ukuthi ukubuka izithombe ezinobudlova kunethonya elibi ekhonweni lezingane lokufunda, kwandisa ulaka futhi kunciphisa uzwela.” Ngo-1992 i-American Medical Association yathi “ubudlova bethelevishini buyingozi esongela impilo yentsha.”

Ungalilawula kanjani ithonya lezinhlelo ze-TV ezilimaza izingane zakho? Lo mbiko ubala amanye amacebiso, athathwe ekutuseni kwezinhlangano ezimbalwa zempilo yomphakathi, akhuluma ngokuthi ungayibuka kanjani ithelevishini ngokuqapha. Amanye alawo macebiso ahlanganisa okulandelayo.

◼ Hlela futhi ulinganisele isikhathi osichitha ubuka i-TV. Beka imingcele yokuthi izingane zingayibuka nini. Ungayibeki i-TV emakamelweni ezingane.

◼ Beka ibalazwe eduze ne-TV ukuze izingane zikwazi ukubheka izindawo ezizibona ezinhlelweni.

◼ Yibuke nezingane zakho i-TV ukuze ukwazi ukuchaza umehluko phakathi kwezinto eziyinganekwane neziyiqiniso. Izingane eziningi ezineminyaka engaphansi kweshumi azikwazi ukuhlukanisa.

◼ Ungayibeki ithelevishini endaweni esobala. Beka ithelevishini ekhabetheni elinezivalo. Kuyokwenza kube nzima ukuyivula nokushintshashintsha iziteshi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela