Ubungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Kuphi?
1. Lalikuphi idwala uMose alishaya ukuze ama-Israyeli athole amanzi?
UMKHONDO: Funda uNumeri 20:1-8.
Kokelezela impendulo ebalazweni.
IKadeshi
IRefidimi
INtaba iSinayi (iHorebe)
◼ Yini uMose no-Aroni abona ngokuyenza, futhi bathola siphi isijeziso?
․․․․․
UMKHONDO: Funda uNumeri 20:9-13; IHubo 106:32, 33.
ENINGAXOXA NGAKO:
Ucabanga ukuthi kungani uMose athukuthelela ama-Israyeli? Kungani kubalulekile ukuba ulawule intukuthelo yakho?
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 7 Yini abangane ababi abayoyenza? 1 Korinte 15:․․․
IKHASI 8 Bayajabula abaqaphela ini? Mathewu 5:․․․
IKHASI 13 Indlela yethu yokuphila kufanele ingabi nani? Hebheru 13:․․․
IKHASI 18 Yini uthando olungeyona? 1 Korinte 13:․․․
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Yini Oyaziyo Ngabaprofethi?
Funda u-Amose 7:10-17, bese uphendula imibuzo elandelayo.
2. ․․․․․
Umpristi u-Amaziya umangalela u-Amose ngasiphi isenzo sobugebengu?
3. ․․․․․
Iziphi izimfanelo ezimbili u-Amose azibonisayo uma ephendula u-Amaziya omgconayo?
ENINGAXOXA NGAKO:
Ingabe kufanele uyeke ukukhuluma ngoJehova ngenxa yokuthi abanye abantu bakuhleka usulu? Kungani?
◼ Izimpendulo zisekhasini 11
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. IKadeshi.
◼ UMose wakhuluma ngokhahlo, futhi yena no-Aroni abazange bamngcwelise uJehova, ngakho abavunyelwanga ukungena eZweni Lesithembiso.
2. Ukubophela inkosi uzungu.
3. Ukuthobeka nesibindi.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Map: Based on maps copyrighted by Pictorial Archive (Near Eastern History) Est. and Survey of Israel