“Ungasinda Kanjani Ekupheleni Kwezwe?”
◼ Lisho ukuthini iBhayibheli lapho likhuluma ngokuphela kwezwe, noma isimiso sezinto samanje? Ngempi yenuzi yomhlaba wonke eyoqothula bonke abantu abaphilayo? Noma ingabe libhekisela enhlekeleleni ethile engokwemvelo, njengokungqubuzana komhlaba nedwala elisemkhathini? Ngokuthakazelisayo, iBhayibheli lithi “kunesixuku esikhulu” sabantu abayosinda ekupheleni kwezwe. (IsAmbulo 7:9, 10, 14) Bangobani? Ungaba yini omunye wabo?
Leyo mibuzo ebalulekile iyophendulwa enkulumweni yeningi enesihloko esithi “Ungasinda Kanjani Ekupheleni Kwezwe?” Iyokwethulwa emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova ethi “HLALANI NILINDILE!” eyoqala ngo-May e-United States iqhubeke emhlabeni wonke. Umenywa ngemfudumalo ukuba ube khona emhlanganweni oseduze nawe. Thintana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma ubhalele abashicileli balo magazini.