Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 5/09 kk. 6-8
  • Bazali—Vikelani Izingane Zenu!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bazali—Vikelani Izingane Zenu!
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uma Ingane Inenkinga Yezidakamizwa
  • Indlela Yokuvikela Izingane Zakho
    I-Phaphama!—2003
  • Qeqesha Ingane Yakho Kusukela Isewusana
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
  • Bazali​—Sizani Izingane Zenu Zithande UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 5/09 kk. 6-8

Bazali—Vikelani Izingane Zenu!

ABAZALI abakhathazekile babuza kufanele ukuthi, “Kungani yanda intsha eguduza emakhabetheni emithi?” Izimpendulo zihlukahlukene. Enye intsha ifuna ukuzijabulisa. Enye ifuna ukuba nomdlandla wokutadisha noma iqede izinsizi. Kanti enye kungenzeka ihlukumezekile ngokomzimba noma ngokomzwelo futhi imane nje ifuna ukuzizwa ingcono. Empeleni, ngisho nezingane ezineminyaka engu-12 sezinomkhuba wokuyisebenzisa kabi imithi kadokotela, mhlawumbe ziyi-ode kwenye yezingosi eziningi ze-Internet imithi etholakala kalula kuzo—ngaphandle kokuphenywa ngemibuzo. Ezinye ziye zathenga amaphilisi kubantu abathi bangabangane. Uma ungumzali, yini ongayenza ukuze uvikele izingane zakho?

Phakathi kokunye, khuluma nazo ngokukhululekile ngezingozi zokusebenzisa kabi imithi kadokotela noma izidakamizwa ezingekho emthethweni. Futhi gcina imithi kadokotela endaweni ephephile—mhlawumbe uze ulihluthulele nekhabethe lemithi. Yazi ukuthi imiphi imithi ekhona, futhi ulandelele indlela esetshenziswa ngayo. Uma umuthi ungasawusebenzisi, ulahle ngendlela ephephile. Uma ingane ingasakhwehleli kodwa isaqhubeka iphuza umuthi, ibuze ukuthi kungani. Futhi, naka indlela ingane yakho esebenzisa ngayo i-Internet noma ikhadi layo lokuthenga ngesikweleti kanye neposi elitholayo. Okokugcina, qaphela noma iluphi ushintsho kubangane bayo noma abantu ebajwayele, ukubukeka kwayo, noma ukuziphatha nanoma ikuphi ukwehla kwamamaki okungalindelekile emsebenzini wesikole.

Uma Ingane Inenkinga Yezidakamizwa

Uma ingane yakho inenkinga yezidakamizwa noma usola ukuthi inayo, yini ongayenza? Kudingeka uxoxe nayo ngesimo esikukhathazayo, ukwenze ngothando nangomusa. IBhayibheli lithi: “Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi asekujuleni, kodwa umuntu ohlakaniphile uyawakhipha.” (IzAga 20:5, The New American Bible) Ukuzama ukuthola iqiniso enganeni osola ukuthi inenkinga yezidakamizwa kungase kufane nokuphakamisa ibhakede elinamanzi ngentambo engaqinile. Uma uthatha ngamawala ngokumangalela ingane noma ngokuyithukuthelela, ungase unqamule intambo yokukhulumisana. Khumbula, umgomo wakho ukabili. Okokuqala, ufuna ukuthola ukuthi ikhona yini inkinga. Okwesibili, uma ikhona, ziyini izizathu eziyimbangela. Ngokuvamile, lezo zizathu zihilela okukodwa noma ngaphezulu kokulandelayo.

◼ Abangane ababi nokucindezela kontanga. Eyoku-1 Korinte 15:33 ithi: “Ningalenzi iphutha. Abangane ababi bonakalisa ubuntu obuhle.” (The New English Bible) Ngakho-ke, abazali abahlakaniphile bayosiza izingane zabo ukuba zibone ingozi yabangane ababi, abangase babe nethonya elikhulu. Okuhle ukuthi abazali abanjalo bayosiza izingane zabo ukuba zikhethe abangane abahle. (IzAga 13:20) Mhlawumbe umama nobaba bangasiza ngokumema abangane abanjalo ekhaya noma lapho umkhaya uyoshaywa umoya.

◼ Ukucindezeleka. Ukucindezelwa ukuba uphumelele kuleli zwe lanamuhla kukhulu, futhi ngezinye izikhathi abazali benza isimo sibe sibi nakakhulu ngokulindela okukhulu ezinganeni zabo.a Ingabe uyawazi amandla nobuthakathaka bezingane zakho? Ingabe uzibekela imigomo enengqondo futhi uzisize ukuba ziyifinyelele? Ukugwema ngokuphelele yini ukuqhathanisa okungafanele okungalimaza ingane futhi kuyenze icindezeleke? Ngokuqinisekile, uma izidingo zezingane ezingokomzwelo zinganeliswa ekhaya, zizokuya kwenye indawo ukuze zithole uthando nokuqashelwa ezikudingayo. Abazali abahlakaniphile balwela nokukhuthaza isimo esingokomoya ekhaya, mhlawumbe ngokufunda iBhayibheli nezingane zabo. UJesu Kristu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

◼ Ukuntuleka kwemingcele yokuziphatha okufanele. Enye intsha idla izidakamizwa ngenxa yokuthi abazali bayayekelela. IzAga 29:15 zithi: “Umntwana oyekwayo uyobangela unina amahloni.” Iqiniso liwukuthi izingane ziyayazisa imingcele ecacile yokuziphatha, ezenza zizizwe zilondekile futhi zithandwa—nakuba zingase zikhononde. Ngakho, iBhayibheli likhuthaza abazali ukuba babekele izingane zabo iziqondiso ezifanele, kanye nesibonelo esihle. (Efesu 6:4) Libuye likhuthaze nokuba bangaguquguquki kodwa baqine uma kudingeka. “U-Yebo wenu makasho uYebo, no-Cha wenu, uCha.”—Jakobe 5:12.

Yiqiniso, uma uzwa ukuthi ingane yakho inenkinga yezidakamizwa, uyobe wenza ngokuhlakanipha ngokuxoxa le ndaba nochwepheshe wezokwelapha. Ukugqashula kulo mkhuba wokulutheka kungaba nzima futhi kungase kudinge isiqondiso sochwepheshe. Uma umkhaya wakho uyingxenye yebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova, kufanele ucele abadala bebandla ukuba bakusekele. (Jakobe 5:13-16) La madoda avuthiwe ngokomoya angase akwazi ukukusiza ngendlela ongasebenzisa ngayo izimiso zeBhayibheli eziyosiza ekwenzeni ukuba ukululama kusheshe.

Isihloko esilandelayo sizocabangela ezinye izimiso futhi sizochaza nethemba elimangalisayo esingaba nalo lekusasa elingcono.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isihloko esithi “Izingane Ezicindezelekile,” ekhasini 14.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Inhloso enhliziyweni yomuntu injengamanzi asekujuleni, kodwa umuntu ohlakaniphile uyawakhipha.”—IzAga 20:5, New American Bible

[Ibhokisi ekhasini 7]

IZIMPAWU EZIYISIXWAYISO ZENTSHA ESENGOZINI

◼ Umlando womkhaya wokusebenzisa kabi izidakamizwa noma ukuphuza ngokweqile

◼ Ukucindezeleka noma ukuzinyeza

◼ Ukuzizwa ingafaneleki phakathi kwabanye futhi ingathandwa

◼ Ukuzizwa ikhathele njalo; inkinga yokungalali kahle

◼ Ukuba nolaka nokuvukela abantu abanegunyab

[Umbhalo waphansi]

b Kusekelwe ekwazisweni okunyatheliswe i-Teen Help.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela