Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/09 k. 22-k. 23 isig. 2
  • Incwadi Yami Encane Ebomvana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yami Encane Ebomvana
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isipho Esikhulu Kunazo Zonke”
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuphaphamele Ukusiza Abanye
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuthola Induduzo “Esigodini Sethunzi Lokufa”
    I-Phaphama!—1998
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 3/09 k. 22-k. 23 isig. 2

Incwadi Yami Encane Ebomvana

Njengoba ilandiswa uCynthia Newell

LAPHO ngineminyaka eyisikhombisa, intombazane ethile ebhasini lesikole eShreveport, eLouisiana, U.S.A., yanginika incwadi encane ebomvana ebizwa ngokuthi Ukulalela UMfundisi Omkhulu. Yathi izonginika yona ibe ngeyami ngamasenti angu-50. Ngakho yafika ekhaya, sawabala ndawonye amasenti angu-50.

Ngayithanda leyo ncwadi encane ebomvana. Ngokushesha ngemva kokuyithola, ngagula futhi ngalala esibhedlela. Ukuze ungiduduze, umkhaya wakithi wangiphathela le ncwadi engiyithandayo. Nokho, njengoba ngikhula, ngakudebeselela ukuyifunda le ncwadi, njengoba yayiklanyelwe abantwana ngokuqondile. Le ncwadi yayingifundise izifundo ezibalulekile, kodwa ngangidinga ulwazi olujulile. Nganquma ukuya esontweni elihlukile isonto ngalinye ngifuna izimpendulo zemibuzo yami ezisekelwe eBhayibhelini. Kodwa, angizange ngizithole izimpendulo ezanelisayo.

Ngesikhathi engaqala ngaso esikoleni esiphakeme, inkolo yayingasabalulekile kimi, nakuba ngangisenothando lolwazi lweBhayibheli futhi ngilifunda njalo. Ngelinye ilanga ngaphawula ukuthi othile engifunda naye ekilasini wayengasisho isivumo sokuzinikela ezweni lakithi. Ngambuza ukuthi kungani, wathi: “Sengizinikele kuJehova kakade, ngakho ngingazinikela kanjani kuNkulunkulu nasefulegeni ngesikhathi esisodwa?” Yeka ukuthi kwakunengqondo kangakanani lokho! Kodwa ngazibuza. ‘Ngubani uJehova?’

Kuyo yonke imibuzo engambuza yona, wangiphendula ngeBhayibheli. Ngazibuza: ‘Uzifundephi zonke lezi zinto? Siyalingana; kodwa yena wazi konke ngeBhayibheli!’ Wachaza, “Ngifunda ngeBhayibheli eHholo LoMbuso.” Ngasamukela ngesikhulu isithakazelo isimemo sakhe sokuba ngize emhlanganweni ngeSonto. Ngase ngiwahambe wonke amasonto edolobheni lakithi, kodwa ngandlela-thile ngangingazange ngilibone iHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Ngalolo suku ngabona ukuthi ngase ngiyitholile indawo efundisa iqiniso leBhayibheli.

Ngemva komhlangano ngaya endaweni kamagazini nezincwadi, futhi laphaya phezulu eshalofini kwakunencwadi yami encane ebomvana! Kwase kuphele iminyaka eyishumi ngayithola entombazaneni ebhasini, ngakho ngase ngimkhohliwe owayenginike yona. Kodwa manje sengiyakhumbula—yiyo le ntombazane, uNancy, eyayingimemele kulo mhlangano!

Ngemva kwalokho, ngaqala ukuba nesifundo seBhayibheli samasonto onke futhi ngathuthuka ngokushesha. Ngangifunde okuningi encwadini yami encane ebomvana kangangokuthi ulwazi engangiluthola esifundweni seBhayibheli lwalusheshe lukhanye. Ngokushesha ngazinikezela kuJehova futhi ngabhapathizwa ngo-1985 ngineminyaka engu-18. Phakathi naleso sikhathi, uNancy wayethuthele eFlorida, futhi sadukelana.

Ngemva kweminyaka embalwa ngashada. Ngo-1991 mina nomyeni wami uDrew, saqala ukukhonza isikhathi esigcwele njengamaphayona edolobheni elincane empumalanga Texas. Kodwa kwakwenzekeni kuNancy? Ngangingazi nhlobo. Ngolunye usuku ebusuku ngizifundela INqabayokulinda ka-December 1, 1992, ngamemeza: “Ngimtholile uNancy! Ngimtholile uNancy!” Wayesesithombeni salabo ababesanda kwethweswa iziqu zaseGileyadi. Yena nomyeni wakhe uNick Simonelli, bababelwe ukuyokhonza e-Ecuador, eNingizimu Melika.

Ngo-2006 mina nomyeni wami safaka isicelo sokuba izikhonzi zokuzithandela kwamanye amazwe emisebenzini yezokwakha yoFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi sajabula kanjani lapho sizwa ukuthi isabelo sethu sokuqala sasisekunwetshweni kwesakhiwo segatsha e-Ecuador! Ngosuku lwami lokuqala egatsheni lase-Ecuador, kwangena uNancy! Kwaqondana nokuthi wayevakashele egatsheni ngalelo langa. Sabonana sangana—sase sindawonye futhi, ngemva kweminyaka engu-32 anginika incwadi encane ebomvana! Yeka ukuthi ngimbonga kanjani uJehova ngaleyo ncwadi nangentombazanyana eyanginika yona!

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 23]

BATHINTE UKUPHILA KWEZIGIDI

Ngo-2003, ngemva kokuba sekuphele iminyaka engu-32 kunyatheliswa incwadi ethi Ukufunda KuMfundisi Omkhulu, kwanyatheliswa uhlelo olubukeziwe. Inesihloko esithi Funda KuMfundisi Omkhulu. Kuze kube namuhla, sekunyatheliswe ingqikithi yamakhophi engaphezu kwezigidi ezingu-65 alezi zincwadi ezikhuluma ngezimfundiso zikaJesu ngezilimi ezingaphezu kuka-100. Ungazitholela ikhophi yencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu komunye woFakazi BakaJehova endaweni yakini.

[Izithombe ekhasini 23]

Izithombe ezincane: Lapho sisakhula siyizingane

UCynthia

UNancy

Ngemuva: Egatsheni lase-Ecuador, ngemva kweminyaka eminingi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela