Uthisha Ushintsha Umbono Wakhe
◼ Eminyakeni embalwa edlule, uthisha eBatumi, ezweni laseGeorgia, wacela abafundi bakhe ukuba basho iMithetho Eyishumi. Okwammangaza kakhulu ukuthi omunye wabafundi bakhe u-Anna, wayisho yonke ngokunembile. Waphinde waphendula neminye imibuzo yeBhayibheli ngendlela ehlaba umxhwele. Ehlabeke umxhwele, wambuza ukuthi wayekwazi kanjani konke lokhu. Lapho u-Anna ephendula ngokuthi wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, uthisha wamphula ulimi, wathi nje ubabheka njengabantu abashiseka ngokweqile.
Ngesinye isikhathi, uthisha wacela abafundi ukuba babhale indaba ngokuphila eGeorgia nangezinkinga ezihlukahlukene izwe elibhekene nazo. Esiphethweni sendaba yakhe, u-Anna wabhala: “Noma yimuphi umzamo owenziwa abantu ukuze balungise umphakathi ngeke uphumelele ngoba, njengoba uJeremiya 10:23 esho: ‘Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.’ Zonke izinkinga ziyoxazululwa uMbuso kaNkulunkulu kuphela.”
Ngosuku olulandelayo uthisha wancoma indaba ka-Anna phambi kwabo bonke abafundi futhi wathi: “Ngiwujabulele umsebenzi ka-Anna oyingqayizivele, awubhale ngamazwi akhe. Kuwo uchaza indlela esingashintshwa ngayo isimo somhlaba.” Uthisha wahlabeka umxhwele ngokuziphatha kuka-Anna, wamncoma phambi kwabo bonke abafundi ekilasini ngokuziphatha kwakhe okuhle nangendlela enhle agqoka ngayo.
Lapho oFakazi BakaJehova bemvakashela ekhaya, lo thisha wabatshela ukuthi ngaphambili wayebabheka njengabantu abashiseka ngokweqile nokuthi wayeshintshe umbono wakhe ngenxa yomfundi wakhe u-Anna. Ngo-2007, lo thisha waba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu kanye noFakazi BakaJehova futhi wasilalelisisa kahle isimiso.
Ngemva kweSikhumbuzo, uthisha ka-Anna wavuma ukuthi yayimhlabe umxhwele indlela oFakazi BakaJehova abalazi ngayo iBhayibheli. Manje oFakazi balifunda naye njalo iBhayibheli. Akungabazeki ukuthi, njengalo thisha, unomqondo osabalele okwenza ufune ukwazi ukuthi kungani abanye bekholelwa futhi beziphatha ngendlela ethile. Kungani ungaceli isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala komunye woFakazi BakaJehova?
[Isithombe ekhasini 21]
U-Anna ebhala indaba yakhe