Wayengemdala Kakhulu Ukuba Akhonze UJehova
ABANTU abaningi asebekhulile banomuzwa wokuthi iminyaka yabo esele ibaphathele ithemba elincane lenjabulo. Omunye umdlali wasesiteji wesifazane osekhulile owaziwayo waze wathi: “Ngikonakalisile ukuphila kwami, futhi sekwephuze kakhulu ukuba ngingakushintsha . . . Uma ngihamba ngedwa, ngicabanga ngokuphila kwami okudlule, indlela engikuphile ngayo ayingijabulisi . . . angikutholi ukuphumula yonke indawo futhi angikwazi ukuzinza.”
Omunye wesifazane osekhulile owayephila cishe eminyakeni engu-2 000 edlule wayengenayo leyonkinga. Wayengumfelokazi oneminyaka engu-84 ubudala, kodwa wayekhuthele, ejabule, futhi ethandwa uNkulunkulu ngokumangalisayo. Igama lakhe kwakungu-Ana, futhi wayenesizathu esikhethekile sokujabula. Sasiyini?
‘Wayengasuki Ethempelini’
Umlobi wamaVangeli uLuka nguye ositshela ngo-Ana. Uthi: “Kwakukhona nomprofethikazi, uAna‚ indodakazi kaFanuweli‚ owesizwe sika-Aseri” kwa-Israyeli. Njengomprofethikazi, wayephiwe umoya kaNkulunkulu ngendlela ekhethekile, noma amandla ayisiphekupheku. Futhi ngesinye isikhathi esiphawulekayo u-Ana waba nethuba elihle kakhulu lokuprofetha.
ULuka uyalandisa: “Wayesekhulile kakhulu‚ ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe‚ engumfelokazi waze waba-neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane.” (Luka 2:36, 37) Ngokunokwenzeka, u-Ana waba umfelokazi esemncane impela. Abesifazane abangamaKrsitu banoma ibuphi ubudala abangabafelokazi bayazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukushonelwa umyeni othandekayo. Nokho, njengabesifazane abaningi abesaba uNkulunkulu osukwini lwethu, u-Ana akazange avumele lokhu okuhlangenwe nakho kuphazamise inkonzo yakhe eya kuNkulunkulu.
ULuka usitshela ukuthi u-Ana ‘wayengasuki ethempelini’ eJerusalema. (Luka 2:37) Wayekwazisa kakhulu ukubusiseka okuwumphumela wokukhonza endlini kaNkulunkulu. Izenzo zakhe zembula ukuthi kunento eyodwa kuphela ayeyicela kuJehova, njengenkosi yakwa-Israyeli engumhubi uDavide. Yayiyini leyonto? UDavide wahlabelela: “Kunye engikucelé kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe.” (IHubo 27:4) Ngokuphathelene nalokhu, u-Ana ngokufanayo unjengabesifazane abangamaKristu namuhla abathola injabulo ngokuba khona njalo endaweni yokukhulekela uJehova.
U-Ana wayenikela inkonzo engcwele kuJehova ubusuku nemini. Lokhu wayekwenza “ngokuzila nangokukhuleka,” ebonisa ukulila nesifiso esiqotho. (Luka 2:37) Ukubuswa kwamaJuda imibuso yabeZizwe okwase kuthathe amakhulu amaningi eminyaka, kanye nezimo ezingokwenkolo eziwohlokayo ezazithinta ngisho nethempeli nabapristi balo, kungenzeka yikho okwabangela ukuzila nokunxusa kuka-Ana uJehova uNkulunkulu. Kodwa futhi wayenaso isizathu sokujabula, ikakhulukazi ngenxa yokuthile okungavamile okwenzeka ngosuku olubaluleke kakhulu ngonyaka ka-2 B.C.E.
Isibusiso Esingalindelekile
Ngalolusuku oluphawuleka kakhulu, umntwana uJesu walethwa eJerusalema unina, uMariya, nosingayise, uJosefa. USimeyoni osekhulile wambona umntwana futhi wakhuluma amazwi angokwesiprofetho ngalesosenzakalo. (Luka 2:25-35) U-Ana wayesethempelini njengokujwalekile. ULuka uyabika: “Naye-ke [wa]fika ngasona lesosikhathi.” (Luka 2:38) Yeka ukuthi kumelwe ukuba wajabula kangakanani u-Ana njengoba amehlo akhe asefiphele ayebuka uMesiya wesikhathi esizayo!
Ezinsukwini ezingu-40 ngaphambili, ingelosi kaNkulunkulu yayishaqise abelusi eduze naseBetlehema ngamazwi athi: “Bhekani‚ nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba-kubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.” Uquqaba lwebandla lasezulwini lwadumisa uJehova lwase lunezela: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu‚ nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” (Luka 2:8-14) Ngokufanayo u-Ana manje washukunyiselwa ukuba anikeze ubufakazi ngaLowo owayezoba uMesiya!
Lapho ebona umntwana uJesu, u-Ana ‘watusa uNkulunkulu; wakhuluma ngaye kubo bonke ababebheké ukukhululwa kweJerusalema.’ (Luka 2:38) NjengoSimeyoni osekhulile, naye owaba nelungelo lokubona umntwana uJesu ethempelini, ngokungangabazeki wayelangazelela, ethandazela, futhi elindele uMkhululi othenjisiwe. Izindaba ezinhle zokuthi uJesu wayenguYe lowo zazizinhle kakhulu ukuba ahlale nazo.
Nakuba kungenzeka u-Ana wayengalindele ukuthi wayezobe esaphila lapho uJesu esekhulile, yini ayenza? Wafakaza ngenjabulo kwabanye ngenkululeko eyayizolethwa yiloMesiya ozayo.
Isibonelo Esihle Sika-Ana
Bangaki abantu benkolo bezwe abanganikeza ubufakazi obunjalo noma babe besakhonza ubusuku nemini beneminyaka engu-84 ubudala? Ngokunokwenzeka, ngabe kudala bacela umhlalaphansi. U-Ana noSimeyoni babehlukile. Babekela zonke izinceku zikaJehova esezikhulile izibonelo ezinhle. Ngempela, babeyithanda indlu kaJehova yokukhulekela futhi bemdumisa ngayo yonke inhliziyo yabo.
U-Ana uyisibonelo esihle kakhulu somfelokazi owesaba uNkulunkulu. Eqinisweni, incazelo kaLuka ngalowesifazane osekhulile othobekile ifanelana kahle nezimfanelo zomfelokazi ofanelekayo ezibekwe kweyoku-1 Thimothewu 5:3-16. Lapho umphostoli uPawulu uthi umfelokazi onjalo “uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,” “owabe-ngumfazi wendoda inye,” futhi “ekhuthalele umsebenzi wonke omuhle.” U-Ana wayeyilolohlobo lowesifazane.
Namuhla, sithola abafelokazi asebekhulile abathembekile benikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu ubusuku nemini ezinkulungwaneni zamabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Yeka ukuthi sikwazisa kanjani ukuba “nalabo-Ana” bosuku lwanamuhla phakathi kwethu!
Ngisho nalapho sebekhulile, amadoda nabesifazane bangazinikezela kuNkulunkulu futhi lokhu bakubonise ngobhapathizo lwamanzi. Asebekhulile ababadala kakhulu ukuba bakhonze uJehova nokuba bafakaze ngoMbuso wobuMesiya manje osumisiwe emazulwini futhi ngokushesha ozoletha izibusiso ezicebile esintwini esilalelayo. Abantu asebekhulile manje abanikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu bangakufakazela ukuba khona kwesibusiso sikaJehova phezu kwabo, njengoba no-Ana abusiswa ngokukhethekile emakhulwini amaningi eminyaka ngaphambili. Wayengemdala kakhulu ukuba akhonze uJehova futhi adumise igama lakhe elingcwele—nabo futhi ababadala.