Ungayithuthukisa Inkumbulo Yakho!
“Inkumbulo ithuthukisa ukuphila kwethu. Ngaphandle kwayo, besingeke siqhubeke senza izinto ezithile futhi njalo ekuseni besiyozibuza ukuthi singobani uma sizibuka esibukweni. Besingeke sikwazi ukuhlobanisa usuku ngalunye nezenzakalo zalo; besingeke sifunde esikhathini esidlule noma silangazelele ikusasa.”—INCWADI ETHI “MYSTERIES OF THE MIND.”
KWENZEKA kanjani ukuba ezinye izinyoni ngemva kwezinyanga zikhumbule indawo ezabeka kuyo izinhlamvu ezizozidla ebusika nezingwejeje zikhumbule indawo ezigqibe kuyo amantongomane, kodwa thina sikhohlwe ukuthi sibashiyephi okhiye bethu ngemva nje kwehora? Yebo, abaningi bethu bakhala ngokukhohlwa. Kodwa ubuchopho bomuntu, nakuba bungaphelele, bunekhono elimangalisayo lokufunda nokukhumbula. Imfihlo iwukukusebenzisa ngokugcwele lokho esinakho.
Ikhono Elimangalisayo
Ubuchopho bomuntu bunesisindo esingaba amakhilogremu angu-1,4 futhi buthi abulingane nopapamusi, kodwa bunamangqamuzana ezinzwa angaba yizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu, wonke akha uxhaxha oluyinkimbinkimbi. Empeleni, ingqamuzana elilodwa nje kungenzeka lixhumene namanye angu-100 000. Lolu xhaxha lwenza ubuchopho bube namandla okuhlaziya nokukhumbula izinto eziningi kakhulu. Kodwa inselele iwukuba umuntu akhumbule lokho kwaziswa uma kudingeka. Abanye benza kahle kulokhu, kuhlanganise nabaningi abangafundile.
Ngokwesibonelo, eNtshonalanga Afrika, abagcini-mlando bezizwe abangafundile okuthiwa ama-griot bangakhumbula amagama ezizukulwane eziningi zabantu bendawo. Ama-griot asiza umlobi waseMelika, u-Alex Haley, incwadi yakhe ethi Roots eyazuza umklomelo kaPulitzer, ukuba alandelele umlando wezizukulwane eziyisithupha wabantu bakubo baseGambia. UHaley wathi: “Ngiwabonga ngempela ama-griot ase-Afrika—lapho namuhla kushiwo kufanele ukuthi uma kushona i-griot, kuba njengokungathi umtapo wezincwadi ushé wangqongqa.”
Cabanga nangombhidisi odumile wase-Italy u-Arturo Toscanini, owayeneminyaka engu-19 lapho ‘bemthola,’ ecelwa ukuba abambele umbhidisi othile. Nakuba ayenenkinga yamehlo, wayekwazi ukubhidisa yonke ingoma ye-opera ethi Aida—ngekhanda!
Izenzo ezinjalo zingase zisimangalise. Kodwa abantu abaningi banekhono elihle lokukhumbula kakhulu kunalokho abakucabangayo. Ungathanda yini ukuthuthukisa inkumbulo yakho?
Ukuthuthukisa Inkumbulo Yakho
Inkumbulo ihlanganisa izigaba ezintathu: ukuqonda, ukulondoloza nokukhumbula indaba. Ubuchopho bakho buqonda imininingwane uma buyizwisisa futhi bazi ukuthi isho ukuthini. Leyo mininingwane ingabe isilondolozwa ukuze ikhunjulwe esikhathini esizayo. Umuntu uyakhohlwa uma noma isiphi salezi zigaba singasebenzi.
Inkumbulo ngokwayo ihlukaniswa ibe izinhlobo ezintathu, kuhlanganise inkumbulo eshukunyiswa yizinzwa, kube eyesikhashana nenkumbulo yesikhathi eside. Inkumbulo eshukunyiswa yizinzwa ithola imininingwane ezintweni ezishukumisa izinzwa, njengokuhogela, ukubona nokuthinta okuthile. Inkumbulo yesikhashana, ebizwa nangokuthi inkumbulo esebenzayo, igcina imininingwane emincane isikhashana. Ngenxa yalokho, singahlanganisa izinombolo ngekhanda, sikhumbule inombolo yocingo size siyishaye, futhi sikhumbule isigamu somusho lapho sifunda noma silalele umusho olandelayo. Kodwa njengoba sazi sonke, inkumbulo yesikhashana ilinganiselwe.
Uma ufuna ukulondoloza imininingwane isikhathi eside, kumelwe ingene enkumbulweni yakho yesikhathi eside. Ungayifaka kanjani lapho? Izimiso ezilandelayo ziyokusiza.
◼ Ukuba nesithakazelo Yiba nesithakazelo kuleyo ndaba, futhi uzikhumbuze izizathu zokuyifunda kwakho. Njengoba ungase ubone ngokwenzeka ekuphileni kwakho, uma imizwelo yakho ihilelekile, inkumbulo yakho iba ngcono. Lokhu kungaba usizo kakhulu kubafundi beBhayibheli. Uma befunda iBhayibheli ngenjongo ekabili yokusondela kuNkulunkulu nokufundisa abanye ngaye, inkumbulo yabo ingathuthuka kakhulu.—IzAga 7:3; 2 Thimothewu 3:16.
◼ Ukunaka Incwadi ethi Mysteries of the Mind ithi: “‘Ukukhohlwa’ kubangelwa ukunganaki.” Yini engakusiza ukuba unake? Yiba nesithakazelo, futhi uma kungenzeka, ubhale amaphuzu. Ukubhala amaphuzu akusizi ingqondo ukuba igxile kuphela kodwa kusiza nolalele ukuba ahlaziye indaba kamuva.
◼ Ukuqonda IzAga 4:7 zithi: “Kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda.” Uma ungayiqondi imfundiso noma umbono othile, cishe ngeke uwukhumbule. Ukuqonda kugqamisa indlela izingxenye ezithile ezihlobana ngayo, kuzihlanganise ukuba zibe nengqondo. Ngokwesibonelo, uma umuntu ofundela ukuba umakhenika eqonda indlela injini esebenza ngayo, uyoyiqonda kalula imininingwane ephathelene nayo.
◼ Ukuhleleka Hlanganisa izinto ezifanayo noma imiqondo evumelanayo. Ngokwesibonelo, kulula ukukhumbula uhlu lwezinto okufanele uzithenge uma uhlanganisa izinto ezihambelanayo—inyama, imifino, izithelo nokunye. Hlukanisa nokwaziswa kube izigaba ezincane ezihlanganisa izinto ezinhlanu kuya kwezingu-7. Ngokuvamile izinombolo zocingo zihlukaniswe zaba izigaba ezimbili ukuze kube lula ukuzikhumbula. Ekugcineni, kungase kube usizo ukuhlela uhlu lwakho ngendlela ethile, mhlawumbe ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama.
◼ Ukuphindaphinda noma ukukhuluma ngokuzwakalayo Ukukuphinda ngezwi elizwakalayo lokho ofuna ukukukhumbula (ngokwesibonelo, igama noma inkulumo yolunye ulimi) kuyothuthukisa ukuxhumana kwamangqamuzana obuchopho. Kanjani? Okokuqala, ukubiza igama kukuphoqelela ukuba ulinakisise. Okwesibili, ungase uthole usizo ngaleso sikhathi kokufundisayo. Kanti okwesithathu, ukulalela—ngisho nokuzilalela—kushukumisa ezinye izingxenye zobuchopho bakho.
◼ Ukubona ngeso lengqondo Yiba nesithombe engqondweni salokho ofuna ukukukhumbula. Ungase ukuthole kuwusizo nokusidweba. Njengokukhuluma ngokuzwakalayo, ukubona ngeso lengqondo kusebenzisa izingxenye ezihlukene zobuchopho bakho. Uma usebenzisa izinzwa eziningi, indaba igxila kakhudlwana engqondweni.
◼ Ukuhlobanisa Lapho ufunda okuthile okusha, kuhlobanise nokuthile osukwazi kakade. Ukuhlobanisa imicabango nenkumbulo oyigcinile kwenza ukuyiqonda nokuyikhumbula kube lula, ngoba ukuyihlobanisa kuba isikhumbuzo. Ngokwesibonelo, ukuze ukhumbule igama lomuntu, lihlobanise nesici esithile esingavamile ekubukekeni kwakhe noma okuthile okuyokwenza ulikhumbule lelo gama. Uma uhlobanisa lelo gama nokuthile okuhlekisayo noma okuyinqaba, kuyoba lula ukulikhumbula. Ngamafuphi, kufanele sicabange ngabantu nezinto esifuna ukuzikhumbula.
Incwadi ethi Searching for Memory ithi: “Uma siphila nje ngokunganaki futhi singacabangi ngendawo esizungezile nalokho okusehlelayo, singase silahlekelwe ngokungazikhumbuli ngokucacile izindawo esesike safika kuzo nezinto esizenzile.”
◼ Ukuhlaziya Zinike isikhathi sokuhlaziya indaba. Enye yezindlela ezingcono kakhulu zokwenza lokhu iwukubukeza okufundile, mhlawumbe ngokukutshela othile. Uma ube nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo noma ufunde okuthile okwakhayo eBhayibhelini noma encwadini esekelwe kulo, xoxela othile. Kanjalo nobabili niyozuza—inkumbulo yakho iyogxila kanti umngane wakho yena uyokhuthazeka. Ngesizathu esihle, kuye kwathiwa ukuphindaphinda kusiza ekugxiliseni indaba engqondweni.
Ukubamba Ngekhanda Kuyithuluzi Eliwusizo
EGrisi naseRoma lasendulo, izikhulumi zazikwazi ukukhuluma isikhathi eside ngaphandle kokubheka okubhaliwe. Zazikwenza kanjani lokho? Zazibamba indaba ngekhanda, okusisiza ukuba sigcine indaba enkumbulweni yesikhathi eside futhi siyikhumbule lapho kudingeka.
Indlela yokubamba indaba ngekhanda eyayisetshenziswa izikhulumi ezingamaGreki kwakuwusebenzisa indlela okuthiwa i-loci, eyachazwa okokuqala ngqa imbongi engumGreki uSimonides waseCeos ngo-477 B.C.E. Le ndlela ihlanganisa isimiso sokuhlela, ukubona ngeso lengqondo nokuhlobanisa indaba nokuthile okwaziyo njengezimpawu zendawo noma okuthile endlini yomuntu. Abantu abasebenzisa le ndlela bazibona ngeso lengqondo behamba, behlobanisa yonke imininingwane abafuna ukuyikhumbula nezimpawu ezithile zendawo noma izinto ezithile. Uma befuna ukukhumbula lokho kwaziswa, bamane bathathe uhambo olufanayo engqondweni.—Bheka ibhokisi elithi “Thatha Uhambo Ngengqondo.”
Ucwaningo olwenziwa kubantu ababedla ubhedu emncintiswaneni waminyaka yonke i-World Memory Championships, lwathola ukuthi inkumbulo yabo enhle yayingabangelwa ukuhlakanipha kwabo okungavamile. Ngaphezu kwalokho, abaningi abanengxenye babeneminyaka ephakathi kwengu-40 nengu-50 ubudala. Yayiyini imfihlo yabo? Abaningi bathi ikhono labo lalibangelwa ukubamba kwabo indaba ngekhanda.
Ingabe kufanele ukhumbule uhlu lwamagama? Indlela ephumelelalyo yokubamba lokhu ngekhanda ukusebenzisa isifushaniso—ukuthatha izinhlamvu zokuqala zamagama wakhe igama elilodwa. Abantu abaningi baseNyakatho Melika bakhumbula amagama amaChibi Amakhulu amahlanu—iHuron, i-Ontario, iMichigan, i-Erie neSuperior—ngesifushaniso esithi “HOMES.” Indlela efanayo esiza ekukhumbuleni i-acrostic, eyayisetshenziswa kakhulu amaHebheru asendulo. Ngokwesibonelo, ezincwadini eziningi zamahubo, igama lokuqala levesi ngalinye noma leqoqo lamavesi liqala ngezinhlamvu zesiHebheru ezilandelanayo. (Bheka amaHubo 25, 34, 37, 111, 112, no-119.) Le ndlela ewusizo yokukhumbula yayisiza abahlabeleli ukuba bakhumbule wonke amavesi angu-176 eHubo 119!
Yebo, ungakwazi ukuqeqesha nokuthuthukisa inkumbulo yakho. Njengoba ucwaningo luye lwabonisa, inkumbulo yethu injengomsipha. Uma siyisebenzisa, iba namandla, ngisho nalapho sesikhulile.
[Ibhokisi ekhasini 27]
AMANYE AMACEBISO
◼ Shukumisa inkumbulo yakho ngokufunda amakhono amasha, ulimi olusha noma insimbi yomculo.
◼ Gxila ezintweni ezibaluleke kakhulu.
◼ Funda izindlela zokubamba indaba ngekhanda.
◼ Phuza amanzi ngokwanele. Ukuphelelwa amanzi emzimbeni kungabangela ukudideka.
◼ Lala ngokwanele. Lapho ulele ubuchopho bulondoloza izinto ezithile enkumbulweni.
◼ Khululeka lapho utadisha. Ukucindezeleka kwenza umzimba ukhiphe i-cortisol, engaphazamisa ukusebenzelana kwezinzwa.
◼ Gwema ukuphuza ngokweqile nogwayi. Utshwala buphazamisa inkumbulo yesikhathi esifushane, kanti ukuluthwa utshwala kungaholela ekuncipheni kwe-thiamine, uvithamini B obalulekile ekusebenzeni kahle kwenkumbulo. Ugwayi unciphisa umoya-mpilo oya ebuchosheni.a
[Umbhalo waphansi]
a Kusekelwe ekwazisweni okwanyatheliswa kumagazini okuyi-Internet, i-Brain & Mind.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 28, 29]
THATHA UHAMBO NGENGQONDO
Ungalukhumbula kanjani uhlu lwezinto eziningi okufanele uzithenge, njengesinkwa, amaqanda, ubisi nebhotela? Usebenzisa indlela okuthiwa i-loci, ungase “ubone” lezi zinto njengoba uthatha uhambo ngengqondo endlini yakho.
Bona ngeso lengqondo umcamelo oyisinkwa esihlalweni
amaqanda afukanyelwe ngaphansi kwesibani
inhlanzi oyifuyile isethangini lobisi
nethelevishini egcotshwe ngebhotela
Uma kuhlekisa kakhulu noma kuyinqaba, kulula ukukukhumbula! Uma ufika esitolo, khumbula uhambo oluthathe ngengqondo.
[Ibhokisi ekhasini 29]
THOKOZA NGOKUTHI UYAKHOHLWA!
Ake ucabange ukuthi ukuphila kwakho bekuyoba njani ukube ubukhumbula yonke into, ebalulekile noma ewubala. Ingqondo yakho ibiyogcwala yonke into, akunjalo? Empeleni, umagazini i-New Scientist uthi owesifazane othile owayekhumbula cishe yonke into eyenzeke ekuphileni kwakhe, “wachaza inkumbulo yakhe ngokuthi ‘isebenza njalo, ayilawuleki futhi iyakhathaza’ kanti futhi ‘iwumthwalo.’” Ngokujabulisayo, iningi lethu alinayo leyo nkinga ngoba abacwaningi bakholelwa ukuthi ingqondo yethu inekhono lokulahla imininingwane engadingeki noma engasasebenzi. I-New Scientist ithi: “Ukukhohlwa ngokuphelele kuyingxenye ebalulekile yokuba nenkumbulo esebenza ngokugcwele. Uma sikhohlwa okuthile okuwusizo, . . . lokhu kumane nje kubonisa ukuthi le nqubo yokukhipha okungadingekile engqondweni isebenza kahle kakhulu.”