Ukukhuluma Ngekhwelo—Kuyindlela Ehlakaniphile “Yokuxoxa”
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EMEXICO
◼ Ezintabeni zokhahlamba zase-Oaxaca eMexico, abantu bendawo abangamaMazatec abanazo izingcingo, omakhalekhukhwini noma ezinye izindlela zokuxhumana zobuchwepheshe. Kodwa, bayakwazi ukuqhubeka bexoxa ebangeni elingamakhilomitha amabili noma ngaphezulu—ngokwesibonelo, lapho besebenza emasimini ekhofi asemagqumeni. Iyini imfihlo yabo? Endulo, amaMazatec asungula indlela yokukhuluma ngekhwelo. UPedro osemusha ongumMazatec uthi: “IsiMazateco siwulimi olushintshashintsha iphimbo. Ngakho lapho sishaya ikhwelo, silingisa ukushintshashintsha kwephimbo kolimi esilukhulumayo. Lokhu sikwenza ngokusebenzisa izindebe kuphela, hhayi iminwe.”a
Umngane kaPedro uFidencio uchaza inzuzo yokukhuluma ngekhwelo: “Sisebenzisa le ndlela yokuxoxa uma siqhelelene kakhulu nalapho sisondelene. Ngokwesibonelo, ubaba angase athume indodana yakhe esitolo iyothenga ama-tortilla kodwa akhohlwe ukuyitshela ukuba ithenge notamatisi. Uma indodana ikude kakhulu ukuba imuzwe lapho ekhuluma nayo, uyise angayitshela ngekhwelo.”
Ngezinye izikhathi oFakazi BakaJehova nabo bayakhuluma ngekhwelo. UPedro uyachaza: “Uma ngiya emasimini aqhelile futhi ngifuna ukucela umzalwane othile ukuba ahambe nami, akudingeki ukuba ngize ngiye kwakhe. Ngivele ngishaye ikhwelo.”
UPedro uthi: “Ukuze sazi ukuthi ubani ‘okhulumayo,’ ngamunye wethu unekhwelo lakhe ngokukhethekile. Ngokuvamile, abesilisa abangamaMazatec kuphela abakhuluma ngekhwelo. Owesifazane angase aluqonde lolu limi aze alusebenzise uma ekhuluma namalungu omkhaya, kodwa ngeke alusebenzise uma ekhuluma nanoma imuphi nje owesilisa. Lokho bekuyobhekwa njengento engafanele.”
Akuwona amaMazatec kuphela akhuluma ngekhwelo; kuye kwatholakala nabanye abantu abalisebenzisayo eziQhingini zaseCanary, eChina nasePapua New Guinea. Ngokuvamile, laba abantu abahlala ezintabeni nasemahlathini aminyene. Empeleni, kungenzeka kunezilimi ezingaphezu kuka-70 ezikhulunywa ngekhwelo, futhi zingu-12 okungenani eziye zahlolisiswa.
Kuyasimangalisa ngempela ukuhlakanipha kwabantu. Empeleni, uma uhlanganisa lelo khono nesifiso esinamandla sokukhuluma nabanye, kukhulu kakhulu esingakufeza—futhi cishe akunamkhawulo!
[Umbhalo waphansi]
a Incwadi ethile iyachaza: “Ngokushintshashintsha ijubane, ukuvevezela nomsindo wekhwelo, amaMazatec ayakwazi ukukhuluma ngezinto eziningi ezihlukahlukene.”