Ibhayisikili Elilola Imimese
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ETANZANIA
◼ Bekungafikani engqondweni uma ubona indoda ihleli ebhayisikilini ibheke emuva, ilishova kodwa limile lingayi ndawo? Ezingxenyeni ezithile zomhlaba, njengalapha eMpumalanga Afrika, cishe ubuyobe ubona umuntu olola imimese—indoda eziphilisa ngokwanelisa isidingo somphakathi.
Livamile ibhayisikili layo kodwa linezinto ezimbalwa ezenezelwe ezibalulekile. Esigadleni kunetshe lokusila eliyindilinga. Iketanga lalo liyintambo yenayiloni egaxwa esondweni lelinye ibhayisikili elinqanyulwe phakathi labe selishiselwa esondweni elingemuva.
Akekho owaziyo ngempela ukuthi leli thuluzi elenziwe ngobuhlakani lafika kanjani e-Afrika. U-Andrea indoda ebilokhu ilola imimese ngale ndlela kusukela ngo-1985 uthi: “Ngiye ngatshelwa ukuthi la mabhayisikili ayesetshenziswa eDar es Salaam, inhloko-dolobha yaseTanzania, ngaphambi kokuba leli cebo lifike edolobheni laseMoshi, engihlala kulo.” Uyanezela: “Lapha, laqala ukusetshenziswa ngo-1982.”
Litholakala kanjani ibhayisikili lokulola imimese? U-Andrea uyachaza: “Siya kumuntu obizwa ngokuthi i-fundi, ngesiSwahili okusho ‘ingcweti,’ bese simcela ukuba anezele izinto esizifunayo ebhayisikilini elivamile.” Ngokuvamile liqedwa ngemva kosuku noma ezimbili.
Izinhlansi Nomjuluko!
Usuku luka-Andrea luqala cishe ngo-7 ekuseni, lapho egibela ibhayisikili lakhe aye endaweni egcwele abantu. Lapho efika, uyamemeza: “Silola imimese! Silola imimese!” Ube eseshaya nensimbi esebhayisikilini lakhe. Ngokushesha, kulunguza owesifazane efasiteleni. Umemeza u-Andrea abese emnika imimese embalwa ebuthuntu. Umakhelwane uletha ucelemba; indoda egunda abantu izinwele ilethe izikele zayo. U-Andrea ulola namageja, izinsimbi zokubhola, nanoma yini nje esikayo.
Lapho ehlanganisa ibhayisikili, u-Andrea ufuna indawo eqondile abese ebeka ibhayisikili lakhe esisekelweni salo, esiphakamisa isondo langemuva. Ufaka ibhande lenayiloni, aligibele ahlale esihlalweni sesibili esibheke emuva abese eselishova. Kuqhasha izinhlansi ajuluke njengoba elola izinto ezihlukahlukene ukuze zibe bukhali. Ngezithuba zehora lesithupha ntambama, uyashayisa.
Leli bhayisikili lokulola imimese lingesinye isibonelo sendlela “abakhutheleyo” abangasebenzisa ngayo ukuhlakanipha nobuciko ukuze baziphilise ngokwethembeka, ngisho nalapho isimo sinzima ngokomnotho.—IzAga 13:4.