Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/08 kk. 5-6
  • Ungazithola Kuphi Izimpendulo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungazithola Kuphi Izimpendulo?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isidingo Esingokomoya Esingokwemvelo
  • Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
  • Ungasanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
    I-Phaphama!—2009
  • Ukwambulwa Komklami Omkhulu
    I-Phaphama!—2000
  • Isizathu Sokuba Lapha
    I-Phaphama!—2008
  • Indlela Ongazanelisa Ngayo Izidingo Zakho Ezingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 12/08 kk. 5-6

Ungazithola Kuphi Izimpendulo?

OMUNYE umgomo wenkolo ukufundisa injongo yokuphila. Kodwa, abantu abaningi bathole ukuthi izimfundiso zenkolo yabo azizanelisanga izidingo zabo ezingokomoya. UDenise, owakhuliswa njengomKatolika, uyakhumbula: “I-Baltimore Catechism inombuzo othi, ‘Wasidalelani uNkulunkulu?’ onempendulo ethi, ‘UNkulunkulu wasidalela ukuba abonise ukulunga kwakhe nokuba ahlanganyele nathi injabulo yakhe yaphakade ezulwini.’

UDenise waqhubeka wathi: “Lokho akunginikanga izizathu ezicacile zokuthi kungani ngilapha emhlabeni. Uma kuwukuthi ngilindele ukuya ezulwini, yini okufanele ngabe ngiyayenza okwamanje?” Okuhlangenwe nakho kukaDenise akuyona into engavamile. Kwenye inhlolo-vo kwatholakala ukuthi izingxenye ezimbili kwezintathu zalabo okwaxoxwa nabo zikholelwa ukuthi amasonto amaningi namasinagoge awabasizi abantu ukuba bathole injongo yokuphila.

Ngenxa yalokho, abaningi baphendukela kwenye indawo ukuze bathole izimpendulo—kuyisayensi noma kwezinye izinhlobo zefilosofi ezibizwa ngokuthi ubuntu, inkolelo yokuthi ukuphila akunanjongo (nihilism), umbono wokuthi ukuba khona kwezulu nomhlaba akunanjongo (existentialism). Kungani abantu beqhubeka befuna, nakuba bembalwa abakutholayo ukwaneliseka?

Isidingo Esingokomoya Esingokwemvelo

UDkt. Kevin S. Seybold ukubiza ngokuthi “ukuthambekela kwabantu okubonakala endaweni yonke kokufuna ukukhulekela okuthile.” Eminyakeni yamuva iningi lososayensi liye lafinyelela isiphetho sokuthi empeleni abantu, ngokwemvelo bathambekele ekufuneni injongo ejulile yokuphila. Empeleni abanye bakholelwa ukuthi ufuzo nobunye ubufakazi bokuphila bukhomba isidingo esingokwemvelo sabantu sokufuna ukuxhumana namandla aphakeme.

Njengoba ongqondongqondo bephikisana ngombono ophathelene nengokomoya, abantu abaningi abakudingi ukuvumelana kososayensi ukuze bakholelwe ukuthi abantu banesidingo esingokomoya. Yingokomoya lethu elibangela imibuzo engqondweni yethu abanye abathi ibaluleke kakhulu: Kungani silapha? Yini okufanele siyenze ngokuphila kwethu? Ingabe sinesibopho sokulandisa kuMdali onamandla onke?

Uma uzinika isikhathi sokubukisisa imvelo, uzothola ezinye izimpendulo zale mibuzo. Ngokwesibonelo, cabangela izinto eziyinkimbinkimbi ezikhona emvelweni, kusukela ezilwanyaneni ezinengqamuzana elilodwa kuye emaqoqweni emithala asemajukujukwini endawo yonke. Akusibonisi yini ukuthi ukhona uMdali noMklami ohlakaniphile? IBhayibheli lithi: “Ngoba izimfanelo zakhe [uNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi abanazaba.”—Roma 1:20.

Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya

Ngokuphathelene nendlela uNkulunkulu enza ngayo umuntu, iBhayibheli lithi: “Ufake ngisho nobuphakade ezingqondweni zabo.” (UmShumayeli 3:11, Byington) Isifiso esizalwa naso ukuphila, hhayi ukufa. Isifiso sethu esingokwemvelo ukwazi ukuthi iyini injongo yokuphila, nokufuna izimpendulo zemibuzo.

Empeleni ukufuna izimpendulo kuyingxenye yokuba umuntu. Ngemva kokuphawula impumelelo yomuntu kwezesayensi nakwezobuchwepheshe, umhleli we-Wall Street Journal wabhala: “Sisasele nemibuzo yokuthi singobani nokuthi kungani silapha futhi siyaphi.” Ngokuhlakanipha, siyofuna izimpendulo emthonjeni ongcono kunayo yonke. Libhekisela kulowo Mthombo, iBhayibheli lithi: “[NguNkulunkulu] osenzile, akuthina.”—IHubo 100:3.

Akunangqondo yini ukuthi sibheka kuLowo obangela lezo zimangaliso zendalo ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya? UJesu Kristu wasikhuthaza ukuba senze lokho kanye. Waqaphela ukuthi nguMthombo wokuphila kuphela, uMdali—onganelisa isidingo sethu esingokomoya.—IHubo 36:5, 9; Mathewu 5:3, 6.

Ngokuqinisekile, ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya kubalulekile ukuthola impendulo enokwethenjelwa yombuzo othi, Kungani silapha? Sicela ucabangele umbono oqabulayo woMdali wethu ngale ndaba.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela