Kungani Silapha?
Iyini Injongo Yokuphila?
ABANINGI bangenezela omunye umbuzo kule mibuzo engenhla evame ukubuzwa: Singakulindela yini okungaphezu nje kokuphila iminyaka embalwa engu-70 noma engu-80 bese sifa?—IHubo 90:9, 10.
Mhlawumbe asikaze sizibuze imibuzo enjengale ngobuqotho njengalapho sinomuzwa wokuthi ukuphila kwethu kufushane ngempela. Yiqiniso, akudingeki ukuba sibuze ukuthi kungani silapha lapho sesibhekene nesimo esisongela ukuphila. Nokusanguluka kungasenza ukuba sibuze lo mbuzo. Futhi abanye bayawubuza lo mbuzo lapho becabanga ngenkambo yokuphila kwabo.
UDave wayenomsebenzi oholela kahle nendlu enhle, futhi ejabulela ukuchitha isikhathi nabangane bakhe abaningi. Uyalandisa: “Ngangibuya emcimbini ebusuku kakhulu ngibheke ekhaya lapho lo mbuzo ufika engqondweni yami ‘Ingabe yilokhu nje kuphela engikuphilelayo?—Ingabe ngiyophila isikhashana nje bese ngifa? Noma ingabe kunokuthile okwengeziwe?’ Okwangikhathaza kakhulu indlela ukuphila kwami okwakungenanjongo ngayo ngaleso sikhathi.”
Encwadini yakhe ethi Man’s Search for Meaning, uViktor Frankl waphawula ukuthi abanye balabo asinda nabo ekuQothulweni Kwesizwe babhekana nalo mbuzo ngemva kokukhululwa kwabo emakamu okuhlushwa. Lapho bebuyela emakhaya, abanye babo bathola ukuthi abathandekayo babo base befile. UFrankl wabhala: “Maye kulowo, okuyothi lapho usuku lokufezeka kwamaphupho akhe lufika, aluthole luhluke ngokuphelele kulokho abekulindele!”
Labo Abaphakamisa Lo Mbuzo
Umbuzo othi kungani silapha, uvamile kuzo zonke izizukulwane. IBhayibheli likhuluma ngabantu ababuza ukuthi iyini injongo yokuphila kwabo. Ngemva kokulahlekelwa yingcebo nokushonelwa abantwana futhi esabhekene nesifo esibuhlungu, uJobe wabuza: “Kungani ngingazange ngife kwasesibelethweni? Kungani ngingazange ngiphume esiswini bese ngiphangalala?”—Jobe 3:11.
Umprofethi u-Eliya wazizwa ngendlela efanayo. Lapho enomuzwa wokuthi nguye yedwa owayengumkhulekeli kaNkulunkulu, wakhala: “Kwanele! Manje, Jehova, susa umphefumulo wami, ngoba angingcono kunokhokho bami.” (1 AmaKhosi 19:4) Imizwa enjalo ivamile. Ngempela, iBhayibheli lichaza u-Eliya ‘njengomuntu onemizwa efana neyethu.’—Jakobe 5:17.
Uhambo Oluyimpumelelo Ekuphileni
Ukuphila kuvame ukuqhathaniswa nohambo. Njengoba nje ungase uqale uhambo ongazi ukuthi luyophelelaphi, ungaphila ukuphila kwakho ungakaze uyithole injongo yakho ngempela. Uma wenza kanjalo, uzifaka engozini yokubanjwa yilokho umlobi odumile uStephen R. Covey akubiza ngokuthi “ukuba matasa ngokuphila.” Wabhala ngalabo “abazithola befinyelela izinto ezingelusizo lwalutho, impumelelo abayithola ngokulahla izinto ekugcineni abathola ukuthi zazibaluleke kakhulu kubo.”
Awuvumi yini ukuthi ukukhuphula ijubane ohambweni akusizi ngalutho uma singaphokophele endaweni efanele? Ngokufanayo, ukufuna injongo yokuphila ngokuvele sibe “matasa” kuyoba yize, kungasinikezi ukwaneliseka kwangempela.
Kungakhathaliseki ukuthi sibadala kangakanani nokuthi sivela kusiphi isizinda sonke sifuna ukuqonda ukuthi kungani silapha. Kubangelwa isidingo esinamandla esingokomoya sonke esinaso, esingahlala singanelisiwe nangemva kokuthola izinto ezibonakalayo. Cabanga ngendlela abanye abazame ngayo ukwanelisa lesi sidingo njengoba befuna injongo yokuphila.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ukufuna injongo yokuphila ngokuvele sibe “matasa” kuyoba yize, kungasinikezi ukwaneliseka kwangempela
[Isithombe ekhasini 3]
UJobe wabuza ukuthi wayezalelweni
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 4]
U-Eliya ‘wayene-mizwa efana neyethu’