Singasitholaphi Isiqondiso?
UBANI ongasibonisa indlela eya empumelelweni yangempela—hhayi impumelelo yezwe kodwa impumelelo yomuntu siqu? Njengoba kushiwo esihlokweni esandulele, okungenani impumelelo yeqiniso kumelwe ihambisane nezimiso zokuziphatha okuhle nenjongo etusekayo ekuphileni—okuyizinto ezingaxhomekile odumweni, engcebweni, noma esikhundleni umuntu anaso.
Singazitholaphi izimiso ezinengqondo nezimpendulo zemibuzo ephathelene nenjongo yokuphila? Ingabe kungaba ukuzihlola ingaphakathi lethu? Kufanele sivume—njengabantu abangaphelele, sithambekele ezifisweni ezingalungile ezingasiholela endleleni engafanele. (Genesise 8:21) Ngenxa yalokho, izigidi ziyaqhubeka ziphishekela izinto eziyize iBhayibheli elizichaza ngokuthi “isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.” (1 Johane 2:16) Lokho akuholeli empumelelweni yangempela kodwa kuyindlela ekhohlisayo eholela ekukhungathekeni nasekujabheni. Khona-ke, kungokufanelekile ukuba abantu bathembele kuMdali wethu ukuze bathole izimpendulo zemibuzo ebalulekile ekuphileni.a
Ingabe Kufanele Sithembele KuNkulunkulu?
Kungani kunengqondo ukuthembela kuMdali? Uyazi ukuthi kungani asidala, futhi ngenxa yalokho, uyazi ukuthi injongo yokuphila kufanele kube yini. Uyazi nokuthi wasidala kanjani—ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Ngakho, uNkulunkulu wazi izimiso ezifanele abantu abangaphila ngazo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uwukwenziwa samuntu kothando, ngakho ufuna ukuba sijabule futhi siphumelele ngempela. (1 Johane 4:8) Singasitholaphi isiqondiso sakhe esinothando? EBhayibhelini Elingcwele, uNkulunkulu asilungiselela lona esebenzisa abalobi, noma onobhala abangaba ngu-40 abangabantu.b (2 Thimothewu 3:16, 17) Kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi singasethemba isiqondiso esitholakala kuleyo ncwadi?
“Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako,” noma imiphumela, kusho uJesu Kristu, ummeleli oyinhloko kaNkulunkulu. (Mathewu 11:19; Johane 7:29) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kusihola endleleni eya empumelelweni nasenjabulweni ehlala njalo—“yonke inkambo yokuhle”—kanti ukuhlakanipha kwabantu okungamgqizi qakala uNkulunkulu kuholela ekuhlulekeni nasekujabheni.—IzAga 2:8, 9; Jeremiya 8:9.
Cabangela inkathi yama-hippie, eyaqala ukuvelela ngawo-1960. Ama-hippie amaningi, elahla izindinganiso negunya lesizukulwane esidala, phakathi kokunye akhuthaza ukusetshenziswa kwezidakamizwa, umbono wokuphilela olwanamuhla nenkululeko yobulili engenamingcele. Kodwa ingabe leyo ndlela yokuphila yayibonisa ukuhlakanipha kwangempela? Ingabe yanikeza abantu injongo yangempela ekuphileni nezindinganiso zokuziphatha ezazithuthukisa ukuthula kwangempela kwangaphakathi nenjabulo ehlala njalo? Umlando ubonisa ukuthi ayizange ibenze abantu babe ngcono kodwa yaba nomthelela ekuwohlokeni kwesimilo somphakathi.—2 Thimothewu 3:1-5.
Ngokuphambene namafilosofi abantu, ukuhlakanipha kweBhayibheli kuye kwazibonakalisa kuzuzisa. (Isaya 40:8) Njengoba ufunda isihloko esilandelayo, cishe uyobona ukuthi kungani kunjalo, ngoba sixoxa ngezimiso eziyisithupha zeBhayibheli eziye zasiza izigidi zabantu cishe kuzo zonke izizwe ukuba zijabule futhi ziphumelele ngempela—kungakhathaliseki isimo sazo sezomnotho noma sezenhlalo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka ibhokisi elithi “Izinkolelo Ezilulaza Impumelelo.”
b Bheka i-Phaphama! ekhethekile ka-November 2007, enesihloko esithi “Ungalethemba Yini IBhayibheli?” Izihloko zalowo magazini zinikeza ubufakazi bemivubukulo, bomlando, besayensi nobunye obubonisa ukuthi ngempela iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 5]
IZINKOLELO EZILULAZA IMPUMELELO
Abantu abaningi bagomela ngokuthi uNkulunkulu akekho nokuthi ukuphila kwavela ngokuziphendukela kwemvelo okungenangqondo. Ukube lo mbono ubuyiqiniso, ukuphila bekuyovela ochungechungeni lwezingozi zamakhemikhali nezinto eziphilayo, futhi bekungeke kusisize ngalutho ukufuna injongo nezimiso ezisebenza kubo bonke abantu.
Abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu wasidala maqede wasishiya dengwane. Empeleni, lo mbono usenza izintandane ezingokomoya, ezingenayo injongo yangempela nezindinganiso. Cabanga ngalokhu: UNkulunkulu wanika isilwane ngasinye ukuhlakanipha kwemvelo okudingekayo ukuze sifeze injongo yaso ngokwemvelo. Ngenxa yalokho, ukuhlakanipha kwaKhe okukhulu kubonakala ezweni elisizungezile. Ingabe lowo Mdali ofanayo wasidala maqede wasishiya ukuba siphumputhe ebumnyameni? Lutho neze!—Roma 1:19, 20.
Ngokuveza ukuthi kuyize ukufuna kwethu injongo nezimiso ezisebenza kubo bonke abantu, imibono ephika ubukhona bukaNkulunkulu iwenza ube yize umqondo wokuthi singaphumelela.
[Isithombe ekhasini 5]
Ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini kuboniswa kunengqondo ngemiphumela yakho emihle