Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/08 k. 3
  • Lapho Impumelelo Ingafinyeleleki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Impumelelo Ingafinyeleleki
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thola Impumelelo Yangempela Ekuphileni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Indlela Yokufinyelela Impumelelo Yangempela
    I-Phaphama!—2014
  • Indlela Ongaphumelela Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Singasitholaphi Isiqondiso?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 11/08 k. 3

Lapho Impumelelo Ingafinyeleleki

Wayengumculi ovelele esanda kweva eminyakeni engu-20 futhi ecebe ngempela. Bambalwa abantu ababa nodumo nemali eningi ngale ndlela besebancane kangaka. Kodwa-ke izinto zaqala ukungahambi kahle ekuphileni kwakhe. Ngemva kokuchitheka kwemishado yakhe emibili, kwadingeka achithe isikhathi esiningi ezikhungweni ezelapha imilutha yotshwala nezidakamizwa. Konke ukuphila kwakhe kwaqala ukuwohloka.

NGOKUDABUKISAYO, indaba yale ntokazi ivame kakhulu; imibiko edabukisayo ngosaziwayo igcwele ezindabeni. Ngisho nasemkhakheni wezamabhizinisi onezimiso, abantu ababonakala bephumelela banezinkinga ekuphileni. Ngokuphathelene nabantu abachumayo kwezohwebo eNew York City, iphephandaba elithile labika: “Ukuphishekela inzuzo enkulu kakhulu kwenza abantu balahlekelwe umsebenzi, kuchitha imikhaya futhi kwenza abashushumbisi bezidakamizwa babe matasa . . . Nakuba amabhonasi amakhulu enza abanye abahwebi bazizwe bengenakunqotshwa, abanye bayacindezeleka ngokomzwelo ngenxa yokuthi kulindeleke okukhulu kubo futhi abanye abasakwazi ukuqhubeka nokuphila.”

Ingabe izinkinga ezinjalo zibangelwa imizamo eyiphutha yokufuna injabulo nempumelelo? Kuyiqiniso ukuthi sifuna ukulondeka okuthile ngokwezimali. Kodwa ingabe impumelelo yethu ekuphileni ixhomeke ekuqongeleleni ingcebo? Ucwaningo lubonisa okuhlukile. Ngokwesibonelo, ucwaningo olwenziwa eChina lwabonisa ukuthi phakathi nenkathi yamuva nje lapho amaholo ekhuphuka ngamaphesenti angu-250, empeleni abantu baqala ukungeneliseki ngokuphila.

Ngakho-ke, impumelelo yangempela kumelwe ilethwe okuthile okungaphezu nje komsebenzi wokuziphilisa nokuthi indlu, imoto noma iwashi lomuntu liyimalini. Kunalokho, akufanele yini ibonakale ngalokho umuntu ayikho ngokuphelele, kuhlanganise nezimiso aphila ngazo kanye nenjongo yakhe ekuphileni? Ngokwesibonelo, umuntu angase ahlakaniphe futhi abe namandla, kodwa ebe engenaso isimilo nothando kanye nabangane beqiniso. Omunye angase abe nodumo nengcebo kodwa athi uma ebheka emuva ekuphileni kwakhe azibuze, ‘Kungisize ngani konke lokhu? Ngiphilelani ngempela?’

Khona-ke, kunengqondo ukuthi abantu abaphumelela ngempela bekufanele babe nokuthile okubalulekile ekuphileni kwabo, kuhlanganise nezimiso ezinengqondo ezibaqondisayo. Ngakho, bebeyoba nokuthula kwangaphakathi, bazihloniphe futhi bahloniphe nabanye. Futhi bebeyoba nenjongo ekuphileni edlulela ngalé kokuphishekela izinto ngobugovu, neletha ukwaneliseka. Abanye bangase babuze, ‘Sikhuluma ngaziphi izimiso? Yiphi injongo?’ Ingabe izimpendulo zemibuzo enjalo zingatholakala ngaphakathi kithi, noma kumelwe sizifune kwenye indawo? Izihloko ezilandelayo zizodingida lezo zindaba.

[Ibhokisi ekhasini 3]

UMBONO OHLANEKEZELWE NGEMPUMELELO

Ngokwabacwaningi bezokwelapha, iqhubeka yanda intsha engabadlali esebenzisa izidakamizwa ezinikeza amandla ezingaba yingozi ukuze iphumelele kwezemidlalo. I-Education Update Online yabika: “Lapho abafundi basekolishi bebuzwa muva nje ukuthi: ‘Uma bewazi ukuthi uzophumelela noma ufakwe eqenjini lemidlalo uma udla izidakamizwa ezinikeza amandla, kodwa uzogula ngemva kweminyaka emihlanu, ubungakwenza?,’ cishe bonke bathi yebo. Lapho lo mbuzo ushintshwa ukuze uthi ‘uma bewazi ukuthi uzokufa phakathi neminyaka emihlanu,’ abangamaphesenti angu-65 bathi babeyokwenza.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela