Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/08 k. 3
  • Ingabe Umntanakho Usebenzisa I-Internet?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Umntanakho Usebenzisa I-Internet?
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Abangakwenza
    I-Phaphama!—2008
  • Ukusiza Intsha Ukuba Ibhekane Nenselele
    I-Phaphama!—2007
  • Kuthiwani Ngobungane Kuyi-Internet?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Abantwana Abasebenzisa I-Internet—Lokho Abazali Okufanele Bakwazi
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 10/08 k. 3

Ingabe Umntanakho Usebenzisa I-Internet?

NGANOMA isiphi isikhathi, kunezigidi zentsha esebenzisa i-Internet, kungaba sekhaya, esikoleni, kubo kamngane, cishe nanoma kuphi—uma ikwazi ukuvula i-Internet emishinini ephathwayo noma komakhalekhukhwini. Uma ungumzali, ubhekene neqiniso elingathandeki: Kungenzeka abantwana bakho banolwazi olukhudlwana lwe-Internet kunawe, futhi kungenzeka bazi nezindlela abangakufihlela ngazo lokho abakwenzayo kuyo.

Ingabe kufanele sikhathazeke ngalokhu? Yebo. Ingabe alikho ithemba? Akunjalo neze. Yiqiniso, kungase kubonakale sengathi uma kuziwa kuyi-Internet, umntanakho usekhaya kanti wena uyisivakashi. Noma kunjalo, ungalufunda ulwazi oluyisisekelo. Futhi akudingeki ukuba ube uchwepheshe wazo zonke izinto eziyimishini ukuze uvikele umntanakho.

Lezi zihloko eziwuchungechunge zizokunikeza amacebiso athile awusizo. Kodwa ake siqale sihlole ezinye zezingozi umntanakho angase abhekane nazo kuyi-Internet.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]

ECanada cishe ingxenye yabo bonke abasha abanomakhalekhukhwini bangayivula i-Internet kubo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela