Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 83
  • Ngingamelana Kanjani Nezilingo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingamelana Kanjani Nezilingo?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okufanele ukwazi
  • Ongakwenza
  • Indlela Yokumelana Nesilingo
    I-Phaphama!—2014
  • Ukunqoba Ubuthakathaka Bobuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ngingamelana Kanjani Nesilingo?
    I-Phaphama!—2008
  • Ngingamelana Kanjani Nesilingo?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 83
Osemusha uyalingeka lapho ebona abantu abathandanayo, kudlula intombazane njengoba abafana ababili bebuka umshini wezobuchwepheshe

INTSHA IYABUZA

Ngingamelana Kanjani Nezilingo?

Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Wake wazizwa ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, lesi sihloko sizokusiza umelane nezilingo.

  • Okufanele ukwazi

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Okufanele ukwazi

Ngokuvamile izilingo zihambisana nokucindezelwa ontanga. Eqinisweni, iBhayibheli lithi “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ukucindezelwa ontanga noma ezokuzijabulisa kungakha imicabango engakuholela ekwenzeni okungalungile, kuze kukwenze ‘ulandele isixuku ngezinhloso ezimbi.’—Eksodusi 23:2.

“Ukufuna ukuthandwa nokwamukelwa kungakuholela ukuba wenze lokho abanye abakwenzayo ukuze nje bakwamukele.”​—UJeremy.

Ongacabanga ngakho: Kungani kungaba nzima ukunqoba izilingo uma ukhathazeka kakhulu ngalokho abanye abazokusho?​—IzAga 29:25.

Iphuzu elibalulekile: Ungavumeli ontanga bakwenze ushintshe indlela ophila ngayo.

Ongakwenza

Kwazi okukholelwayo. Uma ungakwazi okukholelwayo ungafana nopopayi olawulwa abanye. Kungcono kakhulu ukulandela lokho okushiwo iBhayibheli: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Lapho uzazi kahle izinkolelo zakho kuba lula ukubambelela kuzo nokumelana nesilingo sokwenza into ephambene nazo.

Ongacabanga ngakho: Kungani ukholelwa ukuthi ukulalela imithetho kaNkulunkulu kuzokuzuzisa?

“Ngiphawule ukuthi lapho nginamathela kulokho engikukholelwayo, ngingavumi ukunqotshwa izilingo, abanye bangihlonipha kakhulu.”​—UKimberly.

Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UDaniyeli. Lapho esemusha, uDaniyeli “wanquma enhliziyweni yakhe” ukuthi wayezolalela imithetho kaNkulunkulu.—Daniyeli 1:8.

Umfana omncane uboshwe ngezintambo, bamenza upopayi wabo

Uma ungakwazi okukholelwayo, abantu bazokwenza upopayi wabo

Bazi ubuthaka bakho. IBhayibheli likhuluma ‘ngezifiso zobusha,’ okuyizifiso eziba namandla kakhulu lapho usemncane. (2 Thimothewu 2:22) Lezo zifiso azihlanganisi kuphela isifiso sokuya ocansini, kodwa nokufuna ukwamukelwa nokuzimela ngaphambi kokuba ukulungele.

Ongacabanga ngakho: IBhayibheli lithi “yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu.” (Jakobe 1:14) Yisiphi isifiso esivame ukuba isilingo kakhulu kuwe?

“Ungazikhohlisi. Zazi izilingo ezivame ukuba namandla kakhulu kuwe. Cwaninga ukuthi ungalwa kanjani nalezo zilingo, bese ubhala amaphuzu ongawasebenzisa. Ngaleyo ndlela, lapho uphinde ubhekana naleso silingo uzokwazi ukuthi ungalwa kanjani naso.”​—USylvia.

Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UDavide. Ngezinye izikhathi wakuvumela ukulingwa abanye nayizifiso zakhe. Kodwa wafunda emaphutheni akhe. Wathandaza kuJehova wathi: “Dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.”—IHubo 51:10.

Zilawule. IBhayibheli lithi: “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi.” (Roma 12:21) Lokho kusho ukuthi akumelwe uvume ukulawulwa yizilingo. Ungakhetha ukwenza okulungile.

Ongacabanga ngakho: Ungazilawula kanjani ukuba wenze okulungile lapho ubhekene nezilingo?

“Ngicabanga ngendlela engizozizwa ngayo uma ngingavuma ukunqotshwa isilingo. Ngizozizwa ngikhululekile? Mhlawumbe, kodwa kuzoba okwesikhashana. Ngizoqhubeka ngijabule ngokuhamba kwesikhathi? Cha, ngizozibona ngimubi. Ingabe kuzongizuzisa ngempela ukukwenza? Cha!”​—USophia.

Umuntu oseBhayibhelini ongamlingisa: UPawulu. Nakuba avuma ukuthi wayethambekele ekwenzeni okubi, uPawulu wazilawula. Wabhala ukuthi wayewulawula umzimba wakhe futhi ewuphatha njengesigqila.—1 Korinte 9:27.

Iphuzu elibalulekile: Uwena ozikhethelayo ukuthi ubhekana kanjani nesilingo.

Khumbula ukuthi izilingo zihlala isikhashana. UMelissa oneminyaka engu-20 uthi: “Izinto eziningi ezaziyizilingo ezinkulu lapho ngisesesikoleni samabanga aphakeme, manje seziwubala. Ukucabanga ngalokho kuyangiqinisekisa ukuthi nezilingo engibhekene nazo manje zizodlula. Lapho ngibheka emuva ngelinye ilanga, ngiyobona ukuthi kwaba ngcono ukuthi ngazinqoba lezi zilingo.”

Okushiwo ontanga yakho

U-Olivia

“Ukwenza isinqumo nokuba nesibindi sokunamathela kuso, kuyangisiza ngimelane nezilingo. Ngokwesibonelo, lapho senginqumile ukuthi ngeke ngikwenze okuthile nginamathela kuleso sinqumo, angicabangi kabili noma ngivume ukuba abanye bangithonye.”​—U-Olivia.

UJared

“Abasha babhekana nengcindezi yokuya emaphathini nokwenza zonke izinto ezenziwa kuwo, njengokuphuza utshwala, ukusebenzisa izidakamizwa nokuya ocansini. Ngikuthola kusiza ukukhuluma ngalezi zingcindezi nabazali bami. Ukuzigcina ngimatasa nakho kuyangivimba ukuba ngingakwenzi okubi.”​—UJared.

UMayan

“Esinye isilingo okunzima ukusinqoba ukwenza into engeyimbi ngokubuka kwabanye kodwa engaba yimbi kimi, njengokukhetha ukuthi ngizozijabulisa ngani. Kumelwe ukwazi kahle okukholelwayo ukuze umelane naleyo ngcindezi, futhi lokho kudinga isikhathi nokuhlakanipha.”​—UMayan.

UJulian

“Ukuze unqobe izilingo kufanele uthembeke kuwe. Kumelwe wazi ukuthi yiziphi izindawo kuyi-inthanethi okungaba lula ukuba ubone izinto ezingcolile kuzo, futhi wazi ukuthi yini ozoyenza lapho zivela. Kufanele wazi ukuthi yini ozoyenza lapho ubhekene nezilingo ukuze ukwazi ukuzinqoba.”​—UJulian.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela