Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/08 k. 16-k. 19 isig. 6
  • Uthando Olunamandla Kunesiphepho!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthando Olunamandla Kunesiphepho!
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isenzakalo Esiyingqayizivele Ekuphileni Kwami”
  • Laqubukwa Uhlevane
  • ‘Siye Sabona UNkulunkulu Enakekela Imiphefumulo Ehluphekayo’
  • ‘Ngiyazigqaja Ngokuba Omunye WoFakazi BakaJehova’
  • ‘Ukholo Lwabo Lwasithinta Izinhliziyo’
  • Inkonzo Yokunikeza Usizo
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Isibonakaliso Sothando—Umbhidlango Womkhankaso Wokusiza
    I-Phaphama!—2002
  • Kwakubalulekile Ukulalela Izixwayiso
    I-Phaphama!—2006
  • Ukukhula Othandweni Ndawonye
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 8/08 k. 16-k. 19 isig. 6

Uthando Olunamandla Kunesiphepho!

Lapho iZiphepho uKatrina noRita zigadla eGulf Coast yase-United States ngo-2005, zabangela umonakalo omkhulu futhi zabulala abantu abaningi. Izisulu zazihlanganisa izinkulungwane zoFakazi BakaJehova.

Eqondiswa yihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-United States, amakomiti osizo asukumela phezulu. ELouisiana, amisa izikhungo zosizo ezingu-13, izindawo zokugcina impahla ezingu-9 kanye namadepho amane kaphethiloli. Indawo ayesebenza kuyo yayingamakhilomitha-skwele angu-80 000. OFakazi abangamavolontiya abangaba ngu-17 000 ababevela kuzo zonke izingxenye ze-United States nakwamanye amazwe angu-13 batheleka bezonikeza usizo oluphuthumayo nokwenza umsebenzi wokuvuselela izakhiwo. Imiphumela yabonisa ukuthi amandla emvelo awamakhulu kunothando lobuKristu.—1 Korinte 13:1-8.

La mavolontiya alungisa imizi engaphezu kuka-5 600 yamanye amakholwa namaHholo OMbuso angu-90, ayizindawo zokuhlangana zoFakazi BakaJehova. Leli inani cishe lazo zonke izakhiwo ezinjalo ezazilimele. Ngokuvumelana neyabaseGalathiya 6:10, ekhuthaza amaKristu ukuba ‘enze okuhle kubo bonke,’ oFakazi BakaJehova basiza nabanye abantu abaningi abangewona amakholwa.

UKUHLANGANYELA emsebenzini wokusiza kwakudinga ukuzidela; kodwa kwakunemivuzo eminingi. Cabangela okwashiwo oFakazi abangu-7 ababengamele izingxenye ezihlukahlukene zalo msebenzi.

“Isenzakalo Esiyingqayizivele Ekuphileni Kwami”

URobert: Ukukhonza ekomitini yokusiza ezinhlekeleleni kuye kwaba isenzakalo esiyingqayizivele ekuphileni kwami. Njengoba ngineminyaka engu-67 ubudala, ngiyilungu elidala kunawo wonke kule komiti. Ngiye ngakhonza neqembu lamavolontiya elihlanganisa oFakazi abasebasha, abathanda izinto ezingokomoya ngempela. Kuyakhuthaza kakhulu ukubona intsha ibonisa uthando lokuzidela ngoJehova nangamanye amaKristu!

Umkami, uVeronica, uye waba usizo olukhulu. Ukuze sizenze sitholakale, wasekela isinqumo sami sokuyeka umsebenzi wokuziphilisa engase ngiwujabulele iminyaka engaphezu kwengu-40. Manje sisebenza ubusuku obubodwa phakathi nesonto sihlanza amahhovisi. Siye safunda ukuphila ngemali encane nokujabulela ukuphila okulula. Isimo esingokomoya esisebenza kuso siye sasisiza ukuba sikuqonde ngokujulile okushiwo ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni. (Mathewu 6:33) Siye sakubona ngokuphindaphindiwe ukuthi uJehova uyabanakekela ngempela abantu bakhe.

UFrank: Ngengamele umnyango wenkonzo yezokudla esikhungweni sosizo saseBaton Rouge. Ekuqaleni, umsebenzi wokuphakela amavolontiya wawusho ukusebenza amahora ayishumi kuya kwangu-12 ngosuku, isonto lonke. Kodwa zaziziningi izibusiso, kuhlanganise nokuzibonela ngawami amandla othando lobuKristu.

Amavolontiya amaningi asiza enkonzweni yezokudla isikhathi esingaba yisonto ayecela ukubuya futhi, kanti abanye basibhalela amaposikhadi basishayela nezingcingo bebonga ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo ngelungelo lokusiza. Mina nomkami uVeronica uye wasithinta ngempela umoya wabo wokuzidela.

Laqubukwa Uhlevane

UGregory: Mina nomkami, uKathy, sadayisa indlu yethu eLas Vegas, eNevada, sathenga iveni nomahambanendlwana, esesihlala kuwo. Ukwenza ukuphila kwethu kube lula kuye kwasisiza ukuba sihlanganyele emsebenzini wokusiza eLouisiana iminyaka engaphezu kwemibili. Ngokungafani nanoma isiphi esinye isikhathi ekuphileni kwethu, silibona ngawethu iqiniso lamazwi atholakala eBhayibhelini kuMalaki 3:10: “‘Ngiyanicela ukuba ningivivinye,’ kusho uJehova wamabutho, ‘[futhi nibone] ukuthi ngeke yini nginivulele amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni ngithululele phezu kwenu isibusiso kuze kungabikho ukuswela.’”

Kuyasijabulisa njalo uma abantu bethi, “Anive nizidela!” Eminyakeni engu-30 edlule, mina noKathy sasifuna ukukhonza ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova e-United States, kodwa kwakudingeka sikhulise izingane. Umsebenzi wokusiza uye wanelisa isifiso sethu sokwenza okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu. Elinye ilungelo kuye kwaba ukusebenzelana eduze nabanye oFakazi, abanye babo abanamakhono amahle. Ngokwesibonelo, omunye umpheki esinaye wayengumpheki endaweni yokudlela ephambili, kanti omunye wayengumpheki womongameli ababili base-United States.

Umsebenzi wokusiza ezinhlekeleleni uye washintsha ukuphila kwamavolontiya amaningi. Elinye elineminyaka engu-57 ubudala laqubukwa uhlevane lapho lichaza umsebenzi elawenza lisiza izisulu zeziphepho. Ngisho nabanye oFakazi abangakwazanga ukufika baye baba umthombo wesikhuthazo. Ngokwesibonelo, amavolontiya amabili enza umsebenzi wokubulala isikhunta asipha izingqwembe ezimbili ezisayinwe yiwo wonke umuntu—kuhlanganise nezingane—emabandleni amathathu esifundazwe sakubo saseNebraska.

‘Siye Sabona UNkulunkulu Enakekela Imiphefumulo Ehluphekayo’

UWendell: Ngemva kosuku kugadle iSiphepho uKatrina, ngacelwa ukuba ngize egatsheni lase-United States ngizohlola umonakalo emaHholo OMbuso nasemizini yoFakazi BakaJehova eLouisiana naseMississippi. Saqala kanjalo-ke isabelo esasihlanganisa nokufunda okwengeziwe. Njengoba kwase kuphele iminyaka engu-32 sihlala endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso, mina nomkami uJanine, sayibona ngokucacile indlela uJehova abakhathalela ngayo abantu bakhe. Kodwa manje sesikubone ngisho nangezinga elikhulu ukukhathalela kukaNkulunkulu.

Nginelungelo lokukhonza njengosihlalo wekomiti yaseBaton Rouge yokusiza ezinhlekeleleni. Nakuba lesi sabelo siyinselele, siye sanginika ukwaneliseka okukhulu. Empeleni, izikhathi eziningi phakathi nalo msebenzi wokusiza, ikomiti yethu iye yabona uNkulunkulu exazulula izinkinga, evula amathuba, futhi enakekela imiphefumulo ehluphekile ngezindlela okungenza ngazo uBaba onguMninimandla onke kuphela.

Abaningi baye babuza, “Wena nomkakho nikwazé kanjani ukuqhubeka nihlanganyela emsebenzini wokusiza ngemva kweminyaka engaphezu kwemibili?” Bekungelula ngaso sonke isikhathi. Kudingeke ukuba senze izinguquko eziningi ekuphileni kwethu. Kodwa okuhle ukuthi sibone izinzuzo ezilethwa ukulondoloza ‘iso elihle.’—Mathewu 6:22.

Lapho siqala emsebenzini wethu wokufuna nokutakula abantu eNew Orleans, sasingaphumuli. Okwenza isimo saba nzima nakakhulu ukuthi cishe lonke idolobha laligadwe amasosha ngenxa yokuqubuka kwezinxushunxushu nezenzo zesihluku ezaziqhubeka edolobheni. Umuntu wayengakhungatheka kalula ngenxa yobukhulu bomsebenzi owawuphambi kwethu.

Sahlangana nezinkulungwane zoFakazi ezazilahlekelwe. Sathandaza nazo futhi sazama ukuziduduza. Khona-ke saqhubeka nomsebenzi ngosizo lukaJehova. Ngezinye izikhathi ngiba nomuzwa wokuthi ngiye ngaphila izinhlobo ezimbili zokuphila ngeminyaka emibili ngilapha.

Ngokuphindaphindiwe, lapho nje sengicabanga ukuthi ngikhathele ngokomzimba nangokomzwelo, kwakufika iqembu elisha lamavolontiya, amanye ayehlala izinyangana, amanye isikhathi eside. Ukubona abasizi abaningi kangaka abajabule futhi abazimisele ukusiza, kuhlanganise nentsha eningi, kuye kwasiqinisa.

Ngokuvamile, uJehova wayesitakula. Ngokwesibonelo, lapho sisafika, sathola ukuthi kwakuwele izihlahla phezu kwezindlu zabafowethu ezingaphezu kwenkulungwane. Ngenxa yokuthi sasingenayo imishini noma abantu bokwenza umsebenzi oyingozi wokususa izihlahla, ikomiti yethu yabeka lolu daba emthandazweni. Ngakusasa, umzalwane oneloli nemishini esasiyidinga wafika ezosisiza. Ngesinye isikhathi umthandazo waphendulwa ngemizuzu engu-15 kuphela, kanti ngesinye, imishini esasiyithandazele yayisisendleleni singakasho nokusho ukuthi amen! Yebo, uJehova wazibonisa ‘enguMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.

‘Ngiyazigqaja Ngokuba Omunye WoFakazi BakaJehova’

UMatthew: Ngemva kosuku kugadle iSiphepho uKatrina, ngakwazi ukusiza ekuhleleni ukudilivwa kwamathani angu-15 okudla, amanzi, nezinye izinto ezazinikelwe endaweni yenhlekelele. Ngempela abantu bakaJehova babonisa ukuthi banesandla esivulekile!

Ukuze imizamo yethu iphumelele, mina nomkami, uDarline, sathuthela endaweni engaba amahora amabili ukusuka endaweni yenhlekelele. UFakazi wendawo wasipha itoho ukuze sikwazi ukunikela isikhathi esiningi emsebenzini wokusiza. Omunye uFakazi wasinika indawo yokuhlala. Ukuba ingxenye yobuzalwane obunothando ngale ndlela kwenza inhliziyo yami ichichime ukwazisa futhi kungenza ngizigqaje ngokuba omunye woFakazi BakaJehova.

UTed: Ngemva nje kweSiphepho uKatrina, mina nomkami uDebbie, savolontiya ukuyosiza. Ngemva kwezinsukwana, ngathola umahambanendlwana oyisekeni ongamamitha angu-9 ubude owawungasindi ukuba singawudonsa ngeveni yethu futhi owawuyisigamu nje sentengo—ngakho sasinemali yokuwuthenga futhi uyimpendulo yomthandazo wethu. Sekuphele iminyaka engaphezu kwemibili sihlahla kulo mahambanendlwana.

Lapho sisathathe ikhefu emsebenzini, sadayisa umuzi wethu nempahla yethu eningi, okwasikhulula ukuba senze umsebenzi owengeziwe eNew Orleans, lapho ngisebenza khona njengomxhumanisi womsebenzi. Okuvelele kakhulu kuye kwaba ukubona indlela uJehova azibonakalise ngayo ‘enguNkulunkulu wenduduzo yonke’ kubakhulekeli bakhe. Abaningi babengalahlekelwanga imizi namaHholo OMbuso kuphela, kodwa ngenxa yokufuduka, babelahlekelwe nayibandla nayo yonke insimu ababeshumayela kuyo izindaba ezinhle.—2 Korinte 1:3.

‘Ukholo Lwabo Lwasithinta Izinhliziyo’

UJustin: Ngo-October 2005 kwaphuma ubizo olwalufuna amavolontiya ayosiza enhlekeleleni eGulf Coast. Mina nomkami uTiffany, safaka izicelo ngokushesha, futhi ngo-February 2006 sacelwa ukuba sizosiza iqembu elilungisa uphahla esikhungweni sosizo saseKenner eduze naseNew Orleans.

Usuku ngalunye sasisebenza endlini ethile futhi sihlangane noFakazi bendawo, abasithinta izinhliziyo ngokholo nokuthembela kwabo kuNkulunkulu. Futhi nsuku zonke kwakukhona okusikhumbuza ukuthi kuwubuwula kangakanani ukuthemba izinto ezibonakalayo. Ngiswele amazwi okuchaza injabulo esiyithole ngokubona lokho uJehova asize abantu bakhe ukuba bakufeze nangokusiza amanye amaKristu.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 18]

Usuku Esikhungweni Sezosizo

Kulabo abasebenza ekhishini esikhungweni sokusiza enhlekeleleni, umsebenzi uqala ngo-4:30 ekuseni. Ngo-7:00 ekuseni, lonke iqembu lezisebenzi lihlangana endaweni yokudlela lixoxe ngetekisi leBhayibheli imizuzu eyishumi ngaphambi kokudla kwasekuseni. Usihlalo angase asebenzise lelo thuba ukuze amukele abasanda kufika futhi atshele iqembu ngombiko wamuva okhuthazayo.

Ngemva komthandazo wokubonga, bonke bajabulela ukudla kwasekuseni okunomsoco bese beya emsebenzini. Abanye basala esikhungweni, mhlawumbe ukuze basebenze emahhovisi, elondolo noma ekhishini. Abapheki balungisa ukudla okuzolandwa emini ngummeleli weqembu ngalinye elisebenzayo.

Njalo ngoMsombuluko kusihlwa “umkhaya” uyahlangana ukuze ube nesifundo seBhayibheli sesihloko se-Nqabayokulinda, enyatheliswa oFakazi BakaJehova. Izifundo ezinjalo zisiza bonke ukuba bahlale beqinile ngokomoya—okuyimfihlo yokukhuthazela ngenjabulo nokuba nombono ofanele ngomsebenzi umuntu awenzayo.—Mathewu 4:4; 5:3.

[Ibhokisi ekhasini 19]

“Benginombono Oyiphutha Ngani”

Owesifazane othile eNew Orleans wayenophawu emnyango wakhe, oluthi: “Ngicela OFakazi BakaJehova Bangangeni.” Khona-ke ngolunye usuku iqembu lamavolontiya laqala ukulungisa indlu eyayilinyazwe yisiphepho ngaphesheya komgwaqo. Usuku nosuku wayeqaphela umoya onobungane nemfudumalo phakathi kwezisebenzi. Kungakabiphi waba nelukuluku, futhi waya eyobona ukuthi kwenzekani. Lapho ethola ukuthi la mavolontiya angoFakazi BakaJehova, wathi akukho noyedwa esontweni lakhe owayemshayele ucingo kusukela kwagadla isiphepho. Wathi: “Kusobala ukuthi benginombono oyiphutha ngani.” Waba yini umphumela? Walususa uphawu, futhi wacela oFakazi ukuba bamvakashele.

[Isithombe ekhasini 16, 17]

URobert noVeronica

[Isithombe ekhasini 16, 17]

UFrank noVeronica

[Isithombe ekhasini 17]

UGregory noKathy

[Isithombe ekhasini 17]

UWendell noJanine

[Isithombe ekhasini 18]

UMatthew noDarline

[Isithombe ekhasini 18]

UTed noDebbie

[Isithombe ekhasini 18]

UJustin noTiffany

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela