Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/08 k. 8-k. 9 isig. 6
  • Ikusasa LoMhlaba—Lisezandleni Zikabani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikusasa LoMhlaba—Lisezandleni Zikabani?
  • I-Phaphama!—2008
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ikusasa Lomhlaba —Lisezandleni Ezinhle!
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
  • Thola Izibusiso NgeNkosi KaNkulunkulu Eqondiswa Umoya!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukholo Nekusasa Lakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Indlela Eya EPharadesi
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 8/08 k. 8-k. 9 isig. 6

Ikusasa LoMhlaba—Lisezandleni Zikabani?

“UKUFUDUMALA KWEMBULUNGA YONKE kuyinselele enkulu kunazo zonke thina sintu esike sabhekana nazo,” kusho i-National Geographic ka-October 2007. Lo magazini wathi ukuze sibhekane nale nselele ngokuphumelelayo, kudingeka “sithathe isinyathelo esiwujuqu ngokushesha—ngokuvuthwa esingakaze sikubonise njengomphakathi.”

Ingabe siyokufinyelela lokho kuvuthwa? Ziningi izinto eziyisiphazamiso: ukunganaki, ukuhaha, ukuntula ulwazi, izinto ezisemqoka kakhulu ezinhlanganweni ezithile, ukuphishekela ingcebo emazweni asathuthuka, kanye nezigidi zabantu ezifuna ukulondoloza izinga lokuphila ngendlela yokusaphaza ngombono wokuthi izinto zisaqhubeka njengokuvamile.

Umprofethi wasendulo kaNkulunkulu usinikeza umbono ocacile wekhono lethu lokuxazulula izinkinga zesimiso sezenhlalo nesohulumeni. Wabhala: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Umlando obuhlungu wesintu uyawafakazela lawo mazwi. Namuhla, nakuba kunentuthuko enkulu kwezesayensi nobuchwepheshe, sibhekene nezinsongo ezazingekho ngaphambili. Ngakho singaqiniseka kanjani ukuthi ikusasa liyoba ngcono?

Kuyiqiniso ukuthi kuye kwakhulunywa kakhulu ngokuxazulula izinkinga zokushintsha kwesimo sezulu nezinye izinkinga eziyingozi, kodwa kuncane osekwenziwe. Ngokwesibonelo, amazwe asabela kanjani ngo-2007 lapho iNorthwest Passage ivuleka ngokokuqala ngqa ukuze kudlule imikhumbi? Ingosi yomhleli kamagazini i-New Scientist iyaphendula: “Ngokushudulisana abanga izindawo ezavuleka lapho kuncibilika iqhwa ezweni ukuze ambe uwoyela owengeziwe negesi.”

Eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule, iBhayibheli labikezela ngokunembile ukuthi abantu babeyofinyelela eqophelweni ‘lokuchitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngokusobala, izwe lidinga umholi onokuhlakanipha namandla okufinyelela imigomo efiselekayo kanye nezikhonzi ezizozithoba kuye. Ingabe umholi wezombangazwe noma usosayensi oqotho futhi ohlakaniphile angayifeza leyo ndima? IBhayibheli liyaphendula: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.”—IHubo 146:3.

Ikusasa Lomhlaba —Lisezandleni Ezinhle!

KunoMholi oyedwa vó ongaphumelela ekuxazululeni izinkinga izwe elibhekene nazo. Lapho likhuluma ngaye, iBhayibheli labikezela: “Umoya kaJehova [uNkulunkulu] uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya weseluleko nowamandla, umoya wolwazi nowokwesaba uJehova . . . Uyokwahlulela abantu abaphansi ngokulunga, . . . uyobulala omubi ngomoya wezindebe zakhe.”—Isaya 11:2-5.

Ubani Lowo? Akekho omunye ngaphandle kukaJesu Kristu, owadela ukuphila kwakhe ngothando ngenxa yethu. (Johane 3:16) Manje, njengoba uJesu engumuntu womoya onamandla, uNkulunkulu umnike igunya namandla okubusa umhlaba.—Daniyeli 7:13, 14; IsAmbulo 11:15.

Okunezela ekufanelekeni kukaJesu ulwazi lwakhe olunzulu ngendalo kaNkulunkulu, aluthola ngaphambi kokuza emhlabeni. Empeleni, ezigidini zeminyaka edlule lapho uNkulunkulu edala indawo yonke, uJesu ‘wayeyisisebenzi sakhe esiyingcweti.’ (IzAga 8:22-31) Cabanga ngalokho: Yena kanye uJesu, owasiza ekwenzeni umhlaba nazo zonke izinto eziphilayo, uyohola ekulungiseni umonakalo odalwe ubuwula bomuntu.

Obani abayoba izikhonzi zikaKristu? Kuyoba abantu abamnene nabalunge ngempela abamaziyo uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi abalalela uJesu Kristu njengoMbusi. (IHubo 37:11, 29; 2 Thesalonika 1:7, 8) UJesu wathi “bayokudla ifa lomhlaba,” oyoguqulwa ube ipharadesi.—Mathewu 5:5; Isaya 11:6-9; Luka 23:43.

Ungenzenjani ukuze ube sethubeni lokuhlanganyela ekugcwalisekeni kwezithembiso zeBhayibheli? UJesu ngokwakhe uyaphendula: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.

Yebo, kungase kubonakale sengathi umhlaba wethu usengozini, kodwa akungabazeki ukuthi uyoqhubeka ukhona njengekhaya lesintu. Kunalokho, ingozi ilindele labo abaqhubeka bengayihloniphi indalo kaNkulunkulu futhi abenqabayo ukulalela uJesu Kristu. Yingakho oFakazi BakaJehova bekukhuthaza ukuba ungenise ulwazi oluholela ekuphileni okuphakade.

[Ibhokisi ekhasini 8]

AKUNAKUFINYELELWA YISAYENSI

Nakuba zizazi kahle izingozi ezihilelekile, izigidi zabantu zilimaza izingqondo nemizimba yazo ngokusebenzisa kabi izidakamizwa, utshwala nangokubhema ugwayi. Kuzo, ukuphila akusona isipho esingcwele esivela kuNkulunkulu. (IHubo 36:9; 2 Korinte 7:1) Ngeshwa, isimo sengqondo esifanayo sokuphatha umhlaba ngendlela engamhloniphi uNkulunkulu siye sabangela izinkinga kuwo.

Liyini-ke ikhambi? Lingatholakala yini kuyisayensi nasemfundweni yezwe? Lutho neze. Inkinga engokomoya idinga ikhambi elingokomoya. IBhayibheli liyalivuma lelo qiniso. Ngakho, lithembisa ukuthi siyeza isikhathi lapho abantu ‘bengasayikulimaza noma babangele incithakalo’ emhlabeni ngoba “uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:9.

[Isithombe ekhasini 8, 9]

Ngaphansi kokubusa kukaKristu abalungileyo bayohlanganyela ekwenzeni umhlaba ube ipharadesi lembulunga yonke

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela